Oka-matric uphuthelwe ukufundela ubudokotela ngephutha lomnyango
Kuthichwe inqwaba yezicelo zakhe zemifundaze ngenxa yephutha
UPHUNYUKWE yiqatha emlonyeni umfundi othole imiphumela kamatikuletsheni engesilona iqiniso, kwachithwa izicelo zakhe zemifundaze nethuba lokufundela ubudokotela enyuvesi yakwazulunatal.
Uhoney Ngcobo (18) wasehlahlindlela High, Kwangcolosi, ehillcrest, ukhala ngokulahlekelwa amathuba ezifiso zakhe zokufundela ubudokotela emuva kokuthola imiphumela kamatikuletsheni okungesiyona kwimaths.
Uthole o-a abawu-6 no-55% kwimaths. Le miphumela isukumise othisha bakhe nomndeni, kwabe sekubhekisiswa iphepha lakhe lemaths, kwaphoqa ukuba limakwe kabusha, wathola ulevel
7 u-83%. Utshele
ILANGA Lempelasonto ukuthi ngenxa yaleli phutha elenzeke kwezemfundo, sekumosheke okuningi ngezifiso zakhe empilwemi. Uthi phakathi kwezicelo zemifundaze ezimchithile emuva kokuphuma kwemiphumela yakhe engemihle kwimaths, uchithwe icyril Ramaphosa Education Trust, yistandard Bank Group nezempilo.
“Le mifundaze ifuna ngiyiphase kahle imaths. Lokhu okwenzekile sekungiphuthisele ngamathuba okuhlomula imifundaze nokuyofundela ubudokotela njengoba sebethathiwe abantu ngenxa yemaths yami okutholwe ukuthi kayigculisi,” kusho uhoney.
Uveze ukuthi ubefolose ngeziqu zobudokotela, isibili imedical Science and Anatomy, isithathu ipharmacy. Uthi le mikhakha ifuna umfundi ophase kahle imaths, iscience nelife Science.
Unina unkz Zamile Ngcobo uthi bahlukumezeke kakhulu emndenini ngephutha lo mnyango wezemfundo. Uthi kubathusile ukuthi ingane yabo ingaphasi kahle imaths, ekubeni kuyisona isifundo ebisiphasa kahle kakhulu unyaka wonke.
“Ngiphatheke kabi ngoba le ngane isebenze kanzima unyaka wonke,” kusho unkz Ngcobo.
Uyise wengane umnu Sandile Ngubane, uthi babambisene nothisha wemaths nothishanhloko wesikole ukulungisa lolu daba.
Uthi ngesikhathi bethola imiphumela, ikhale kakhulu ingane yabo baze baxhumana nothisha okunguyena ongenelile naye eshaya amakhala. Uthi othisha bebemtshela unyaka wonke ngokwenza kahle kwengane yakhe kwimaths.
Uthi nyakenye ibalwe nezingane ebeziqokiwe ziyomela isikole kwimaths e-anton Lembede School of Maths and Science, ela Mercy, ethekwini ngenxa yokuphasa kahle kwayo lesi sifundo.
“Uthisha wakhe ushaye amakhala, wathi le miphumela ayiyenzi inqondo ephusile. Kwenzeka kanjani ukuthi ingane ithole o-a kwiscience, Accounting, zonke izifundo bese imaths ishaye udaka?
“Sibonile ukuthi ukulinda uhlelo lokubuyekezwa kokumakelwa kabusha amaphepha ezivivinyo, kuzosibambezela, othisha bafuna uhlelo olusheshayo,” kusho ungubane.
Uthi njengoba bekuhlonishwa nezingane ezenze kahle emazingeni ezemfundo wonke, kuningi obekungahlonyulwa ingane yakhe. Uthi bafuna umnyango wenze imizamo yokuthi ingane yakhe iyasithola isikhala sokufundela ubudokotela E-UKZN.
“Iphutha lenziwe yizona izisebenzi zezemfundo. Yebo siyazi amaphutha ayenzeka, kodwa ngeke sivume ingane ilahlekelwe amaphupho ayo okwenza ubudokotela. Umnyango wezemfundo kufanele uyihlomulise ingane ngokuzokuyilekelela emfundweni yasenyuvesi, uyitholele nesikhala,” kusho ungubane.
Okhulumela umnyango wezemfundo Kwazulu-natal umnu Muzi Mahlambi akatholakalanga kwaze kwashaya isikhathi sokugaywa kwephephandaba.