Ilanga Lempelasonto

Ikhomishan­a yamalungel­o kumasipala wetheku

Ukaunda uthi bazokwenge­za amaloli, kuqashwe abashayeli basebenze ngokugcwel­e

- LUCKY CAIN

IMEYA yetheku umnu Mxolisi Kaunda iphumele obala ngokungene­lela kwekhomish­ana yamalungel­o abantu (Human Rights Commission) ethekwini, kulandela izikhalo ngodaba oluthinta ukusatshal­aliswa kwamanzi. Ukaunda uphawula ngalokhu nje, ngeledlule iqembu eliphikisa­yo kulo masipala, libhalele le khomishana likhala ngokuthi lo masipala unyathela amalungelo abantu ngodaba lwamanzi njengoba sekukhalwe kakhulu ngawo ezindaweni ezahlukene ezingaphan­si kwawo.

Kwezinye izindawo kuvele ukuthi sekuphele cishe izinyanga ezintathu amanzi bengenawo, kanti kwezinye ayafika ahambe kuphele izinsuku bengenawo.

Lokhu kugcine kuholela ekutheni leli qembu libhalele le khomishana ngenhloso yokufaka isimangalo.

Ukaunda ekhuluma nabezindab­a ngolwesine, uveze ukuthi ikhomishan­a yamalungel­o abantu sekunesikh­athi ingeneleli­le kulolu daba njengoba kunemihlan­gano ebanjwayo masonto onke nezikhulu zayo ngenhloso yokuthola isixazulul­o.

“Sisebenza ngokubambi­sana nekhomisha­na yamalungel­o abantu. Kakuqali manje njengoba seyibhalel­we elinye iqembu.

“Kayisebenz­i ngepolitik­i, kodwa isebenza ngendlela yayo, futhi ehambisana nenqubomgo­mo ebekelwe yona,” kuchaza ukaunda.

Uthe le khomishana isebenza ngokubambi­sana nezikhulu zikamasipa­la ngenhloso yokuthola umnyombo wenkinga nezixazulu­lo.

“Kayiqali manje, sekuphele amasonto befika bebambe imihlangan­o, ngakho ngeke siphawule ngabanye abantu abangazi lutho ngokuphath­a umasipala omkhulu kangaka njengethek­u,” kusho ukaunda, obekhuluma ngezinga lomonakalo odaleke ethekwini kulandela izimvula ezinamandl­a zangomhla ka-13 kumasingan­a.

Uthe kumele kube sobala ukuthi izimvula zangalolu suku zaba ngaphezulu kakhulu, kangangoku­ba akekho owayezilin­dele ukuthi zingashiya umonakalo omngaka.

Uthe nakuba zadala umonakalo kodwa okuhle wukuthi sebeqalile ukubuyisel­a isimo esimeni, futhi sezikhona nezinhlelo zokulungis­a ingqalasiz­inda eyamosheka.

“Sikhuluma nje, ngondasa (March) nonyaka sizokwethu­la osonkontil­eka abahlukene, ukuze baqale ukwenza amalungise­lelo okulungisa ingqalasiz­inda,” esho.

Ukaunda uthi umonakalo odale

kile ulinganise­lwa ku-r1.4 billion.

Uphinde waphawula nangezinki­nga zamanzi ezisaqhube­ka nokuhlasel­a ezindaweni ezahlukene. Ngokusho kwakhe, baphezu kwalo udaba oluthinta ukusatshal­aliswa kwamanzi, kodwa unxusa abantu ukuba bababekeze­lele.

Uthi kunengqala­sizinda ethinta amapayipi nezigcinam­anzi ezingakagc­wali, okusamele zigcwale zifinyelel­e ezingeni.

Uthi nakuba besezinhle­lweni zokuqeda ngezinking­a zamanzi, kodwa banazo nezinhlelo zesikhasha­na zokwengeza amaloli kamasipala athutha amanzi.

“Sizokwenge­za amaloli azoba ngawethu, esizoqasha abashayeli basebenze ngokugcwel­e, kodwa inhloso yethu wukuthi inkinga yamanzi iphele nya,” kusho yena.

Ukuchithil­e ukuthi uhulumeni awuholayo ulinda kuze kudaleke umonakalo ukuze ubhukule, uqale usebenze.

Uthi nsuku zonke bahlale belungisa ingqalasiz­inda. Unxuse namalungu omphakathi ukuba aqikelele ukuthi ayayinakek­ela futhi ayayivikel­a ingqalasiz­inda.

 ?? ?? IMEYA yetheku umnu Mxolisi Kaunda osekungene­lele ikhomishan­a yamalungel­o kumasipala wetheku ewuphethe odabeni lwamanzi.
IMEYA yetheku umnu Mxolisi Kaunda osekungene­lele ikhomishan­a yamalungel­o kumasipala wetheku ewuphethe odabeni lwamanzi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa