Kushaqeke abaningi ngokuvele ecaleni likameyiwa
KUGUQELE ulwesibili ukuqhubeka kokulalelwa kwecala lokubulawa kwalowo owayengunozinti we-orlando Pirates nebafana Bafana, usenzo Meyiwa.
Izolo, ngolwesihlanu leli cala liguqe ngemuva kokulalelwa kwezinkulumo eziqoshiwe zaleli cala, ngesikhathi lisaqulwa enkantolo yemantshi yaseboksburg, kusukela ngomfumfu (October) 2020, kuya kundasa (March) 2021, ngaphambi kokuthi lithuthelwe enkantolo enkulu yasepitoli.
Libuyele okukuqala enkantolo ngomsombuluko ngemuva kokuguqa ngozibandlela (December) wanyakenye.
Inkantolo isaqhubeka nokulalela udaba lokuthola ubuqotho bezitatimende ekuthiwa zenziwa ngabammangalelwa, owokuqala umuzikawukhulelwa Sibiya, nowesibili ubongani Ntanzi.
Laba bobabili bathi bashaywa kanzima, bancishwa umoya ngeshubhu, baphoqwa ngamaphoyisa ukuvuma icala. Kusukela libuyile enkantolo, kuningi okushaqisayo okuvelile.
NGOMSOMBULUKO
Ngomsombuluko kwagibela ebhokisini lofakazi uphenyi ophambili waleli cala, ubrig Bongani Gininda.
Wafunda incwadi yakhe efungelwe eyaveza ukuthi umeyiwa akabulawanga ngoba kubhimbe uhlelo ekubanjweni inkunzi, kodwa wabulawa ngabantu ababekhokhelwe ukuzombulala.
Waveza ukuthi uphenyo lwakhe luyamanisa abammangalelwa abahlanu kuleli cala namanye amacala okubulala enzeka embonini yamatekisi Kwazulu-natal.
Ubrig Gininda wabe esechaza kabanzi ngokubandakanyeka kwabammangalelwa kuleli cala. Utshele inkantolo ukuthi abammangalelwa babehlome ngezibhamu, ababemi ngaphandle begade ukungaphazamiseki kwababengaphakathi.
Uveze ukuthi abasolwa bazenzela izitatimende zabo bengaphoqiwe. Untanzi waze wathembisa ukuveza 'amahlazo' kasibiya athinta leli cala ukuze athole isigwebo esincane.
Ijaji uratha Mokgoatlheng, litshele inkantolo ukuthi incwadi kabrig Gininda iyinzwa bethi, ngakho ngeke ibe yinxenye yobufakazi.
NGOLWESIBILI
Ngolwesibili ubrig Gininda waphonswa imibuzo ngabammeli babammangalelwa, kulandela ukufunda isitatimende esenziwa ngusimphiwe Buthelezi, ongeyona ingxenye yaleli cala.
Ubuthelezi uyingxenye yecala lokubulala Kwanongoma elingaphelile, elithinta untanzi.
Kulesi sitatimende kwavela ukuthi umsebenzi kantanzi ukuthengisela izinkabi izibhamu nezinhlamvu.
Uveze ukuthi ubuthelezi ubebambisene naye untanzi, ekuthengiseni izibhamu, wadalula nokuthi ezinye ubezifihla endlini yakhe, ezinye zihlala ophahleni.
Lesi sitatimende siveza ukuthi ubuthelezi wezwa untanzi nommangalelwa wesine bezincoma ngomsebenzi 'ohlanzekile' abawenza bebulala ilungu lenyunyana emarikana.
Ummeli kantanzi nosibiya umnu Thulani Mngomezulu, utshele inkantolo ukuthi abuchithwe lobu bufakazi ngoba ubuthelezi akasekho emhlabeni. Ukuphikisile lokho ubrig Gininda, watshela inkantolo ukuthi kwezinye zezinsolo aziveza (ubuthelezi) zatholakala ziyiqiniso emuva kophenyo.
NGOLWESITHATHU
Kwasuka omkhulu umsindo nasezinkundleni zokuxhuma ngemuva kokuguqa kwaleli cala njengoba ubrig Gininda aveza ukuthi usibiya waveza ukuthi umculi we-afro Pop, ongunina wengane kameyiwa, ukelly Khumalo, nowayengomunye wababesendlini ngosuku okwabulawa ngalo umeyiwa, nguyena owabathenga ukuba babulale umeyiwa.
Uthi usibiya washo lokhu encwadini efungelwe ayenza ngo2020. Abaningi bakhumbula ukuthi ngokwesibili kuvela igama likakelly selokhu kwaqala ukuqulwa kwaleli cala.
Okokuqala lavela ngesikhathi iphoyisa elinguchwepheshe wezingcingo, ucol Lambertus Steyn, liveza ukuthi ukelly wayexhumana ngocingo nommangalelwa wesi5, ufisokuhle Ntuli. Laveza ukuthi baxhumana phakathi kwenyanga kancwaba (August) nomfumfu (October) wonyaka ka-2014.
NGOLWESINE
Ummeli kantanzi uveze ukuthi ikilayenti lakhe limtshele ukuthi ubrig Gininda wathembisa ukulinika u-r3 milllion uma livuma icala, likhomba nabanye abathintekayo.
Uthi limtshele ukuthi ngemuva kwaleso sethembiso, labe selishaywa ngamaphoyisa eliphoqa.
Ubrig Gininda uzichithile lezi zinsolo, waveza ukuthi isabelo zimali esasinikwa isiteshi ayekuso ngaleso sikhathi sasingafikile kulo
R3 million, ngakho wayengamthembisa kanjani imali engekho nasesiteshini.
Uthi noma ngabe yayikhona, kodwa wayengeke asenze leso sithembiso ngoba ummangalewa wayeselivumile icala.
*Khonamanjalo ngeledlule inkantolo yemantshi yasethembisa igixabeze ummangalelwa wokuqala kuleli cala, umuzi Sibiya ngeminyaka ewu-10, ngecala lokutholakala nesibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
Usibiya watshela inkantolo yasepitoli ukuthi amaphoyisa amtshela ukuthi uboshelwe leli cala elimgwebe ngeledlule, abe esemjikela esiteshini emkhomba kwelokubulala umeyiwa.