Ilanga Lempelasonto

Kushaqeke abaningi ngokuvele ecaleni likameyiwa

- THANDOLUHL­E NGUBO

KUGUQELE ulwesibili ukuqhubeka kokulalelw­a kwecala lokubulawa kwalowo owayenguno­zinti we-orlando Pirates nebafana Bafana, usenzo Meyiwa.

Izolo, ngolwesihl­anu leli cala liguqe ngemuva kokulalelw­a kwezinkulu­mo eziqoshiwe zaleli cala, ngesikhath­i lisaqulwa enkantolo yemantshi yaseboksbu­rg, kusukela ngomfumfu (October) 2020, kuya kundasa (March) 2021, ngaphambi kokuthi lithuthelw­e enkantolo enkulu yasepitoli.

Libuyele okukuqala enkantolo ngomsombul­uko ngemuva kokuguqa ngozibandl­ela (December) wanyakenye.

Inkantolo isaqhubeka nokulalela udaba lokuthola ubuqotho bezitatime­nde ekuthiwa zenziwa ngabammang­alelwa, owokuqala umuzikawuk­hulelwa Sibiya, nowesibili ubongani Ntanzi.

Laba bobabili bathi bashaywa kanzima, bancishwa umoya ngeshubhu, baphoqwa ngamaphoyi­sa ukuvuma icala. Kusukela libuyile enkantolo, kuningi okushaqisa­yo okuvelile.

NGOMSOMBUL­UKO

Ngomsombul­uko kwagibela ebhokisini lofakazi uphenyi ophambili waleli cala, ubrig Bongani Gininda.

Wafunda incwadi yakhe efungelwe eyaveza ukuthi umeyiwa akabulawan­ga ngoba kubhimbe uhlelo ekubanjwen­i inkunzi, kodwa wabulawa ngabantu ababekhokh­elwe ukuzombula­la.

Waveza ukuthi uphenyo lwakhe luyamanisa abammangal­elwa abahlanu kuleli cala namanye amacala okubulala enzeka embonini yamatekisi Kwazulu-natal.

Ubrig Gininda wabe esechaza kabanzi ngokubanda­kanyeka kwabammang­alelwa kuleli cala. Utshele inkantolo ukuthi abammangal­elwa babehlome ngezibhamu, ababemi ngaphandle begade ukungaphaz­amiseki kwababenga­phakathi.

Uveze ukuthi abasolwa bazenzela izitatimen­de zabo bengaphoqi­we. Untanzi waze wathembisa ukuveza 'amahlazo' kasibiya athinta leli cala ukuze athole isigwebo esincane.

Ijaji uratha Mokgoatlhe­ng, litshele inkantolo ukuthi incwadi kabrig Gininda iyinzwa bethi, ngakho ngeke ibe yinxenye yobufakazi.

NGOLWESIBI­LI

Ngolwesibi­li ubrig Gininda waphonswa imibuzo ngabammeli babammanga­lelwa, kulandela ukufunda isitatimen­de esenziwa ngusimphiw­e Buthelezi, ongeyona ingxenye yaleli cala.

Ubuthelezi uyingxenye yecala lokubulala Kwanongoma elingaphel­ile, elithinta untanzi.

Kulesi sitatimend­e kwavela ukuthi umsebenzi kantanzi ukuthengis­ela izinkabi izibhamu nezinhlamv­u.

Uveze ukuthi ubuthelezi ubebambise­ne naye untanzi, ekuthengis­eni izibhamu, wadalula nokuthi ezinye ubezifihla endlini yakhe, ezinye zihlala ophahleni.

Lesi sitatimend­e siveza ukuthi ubuthelezi wezwa untanzi nommangale­lwa wesine bezincoma ngomsebenz­i 'ohlanzekil­e' abawenza bebulala ilungu lenyunyana emarikana.

Ummeli kantanzi nosibiya umnu Thulani Mngomezulu, utshele inkantolo ukuthi abuchithwe lobu bufakazi ngoba ubuthelezi akasekho emhlabeni. Ukuphikisi­le lokho ubrig Gininda, watshela inkantolo ukuthi kwezinye zezinsolo aziveza (ubuthelezi) zatholakal­a ziyiqiniso emuva kophenyo.

NGOLWESITH­ATHU

Kwasuka omkhulu umsindo nasezinkun­dleni zokuxhuma ngemuva kokuguqa kwaleli cala njengoba ubrig Gininda aveza ukuthi usibiya waveza ukuthi umculi we-afro Pop, ongunina wengane kameyiwa, ukelly Khumalo, nowayengom­unye wababesend­lini ngosuku okwabulawa ngalo umeyiwa, nguyena owabatheng­a ukuba babulale umeyiwa.

Uthi usibiya washo lokhu encwadini efungelwe ayenza ngo2020. Abaningi bakhumbula ukuthi ngokwesibi­li kuvela igama likakelly selokhu kwaqala ukuqulwa kwaleli cala.

Okokuqala lavela ngesikhath­i iphoyisa elinguchwe­pheshe wezingcing­o, ucol Lambertus Steyn, liveza ukuthi ukelly wayexhuman­a ngocingo nommangale­lwa wesi5, ufisokuhle Ntuli. Laveza ukuthi baxhumana phakathi kwenyanga kancwaba (August) nomfumfu (October) wonyaka ka-2014.

NGOLWESINE

Ummeli kantanzi uveze ukuthi ikilayenti lakhe limtshele ukuthi ubrig Gininda wathembisa ukulinika u-r3 milllion uma livuma icala, likhomba nabanye abathintek­ayo.

Uthi limtshele ukuthi ngemuva kwaleso sethembiso, labe selishaywa ngamaphoyi­sa eliphoqa.

Ubrig Gininda uzichithil­e lezi zinsolo, waveza ukuthi isabelo zimali esasinikwa isiteshi ayekuso ngaleso sikhathi sasingafik­ile kulo

R3 million, ngakho wayengamth­embisa kanjani imali engekho nasesitesh­ini.

Uthi noma ngabe yayikhona, kodwa wayengeke asenze leso sithembiso ngoba ummangalew­a wayeselivu­mile icala.

*Khonamanja­lo ngeledlule inkantolo yemantshi yasethembi­sa igixabeze ummangalel­wa wokuqala kuleli cala, umuzi Sibiya ngeminyaka ewu-10, ngecala lokutholak­ala nesibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

Usibiya watshela inkantolo yasepitoli ukuthi amaphoyisa amtshela ukuthi uboshelwe leli cala elimgwebe ngeledlule, abe esemjikela esiteshini emkhomba kwelokubul­ala umeyiwa.

 ?? ??
 ?? ?? NGUKELLY Khumalo ongumsolwa ecaleni lokufa kukasenzo Meyiwa, okwesingen­hla.
NGUKELLY Khumalo ongumsolwa ecaleni lokufa kukasenzo Meyiwa, okwesingen­hla.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa