Ilanga Lempelasonto

Wasisiza udkt Dlamini-zuma wavala ukubhenywa kogwayi ematekisin­i

- Makhosi okamgalaza Kwaswayima­ne

MHLELI: Ngicela ungiphe ithuba ngifisele udkt Nkosazana Dlamini-zuma usuku oluhle lokuzalwa ngithi, “unwele olude” sengathi angakhula aze akhokhobe.

Izindaba zokuthi usethi khumu ephalamend­e zingithoko­zisile kakhulu ukuze aphumule, abheke emuva iqhaza alibambile kusukela ngo-1994 ngesikhath­i engena kulo.

Udkt NDZ ubesebenza ngokukhulu ukuzimisel­a nokukhutha­la njengoba kunoma yimuphi umnyango abethunywa kuwona, ububonakal­a umehluko.

Uqale emnyangwen­i wezempilo kwakhiwa imitholamp­ilo ezindaweni eziningi. Abasebulwe­r bangangifa­kazela ukuthi njengoba kuleya ndawo izibhedlel­a zikude nje kodwa umtholampi­lo (ipholela) wakhona ususebenza ubusuku nemini, uhlinzeka umphakathi ngezidingo zempilo.

Sibonile kuphasiswa umthetho onqanda ukubhenywa kogwayi ezindaweni zomphakath­i nasemateki­sini.

Yize athola ukugxekwa ngosomabhi­zinisi kodwa wakuqinise­kisa ukuthi kuyenzeka, ecaphuna umthetho othi umuntu ongabhemi kodwa ohogela intuthu kagwayi impilo yakhe ibasengcup­heni enkulu yokungenwa wumdlavuza ngaphezu kwaloyo obhemayo.

Saphumula wukufuqwa ngogwayi ematekisin­i nasezindaw­eni zokudlela.

Simbonile engena emnyangwen­i wezasekhay­a. Kwakunenki­nga enkulu yomazisi abantu behlala lize liyoshona bengalutho­li usizo. Uma umuntu esewushayi­le bekuphela izinyanga ungaphumi, abanye babephuma benamaphut­ha amaningi, wayezifike­la qathatha ukuze abone ukuthi kusetshenz­wa kanjani, zancipha izinkinga. Waphinda waba ngusihlalo weafrican Union (AU). Usebenzile kakhulu, ubeyisibon­elo esihle nakithina siyimbokod­o ukuthi uma unikwe umsebenzi, kufanele uwenze ngokwethem­beka, ngenkuthal­o nangeqinis­o. Kuhle simbonge esaphila ukuze abone ukuthi umsebenzi abewenzela izwe lakithi siwuthokoz­ele sithi, Dlamini! Sibalukhul­u! Mdlovu! Magaduzela! Siswele imilomo ibe yizinkulun­gwane.

 ?? ??
 ?? ?? NGUDKT Nkosazana Dlamini-zuma
NGUDKT Nkosazana Dlamini-zuma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa