Ilanga Lempelasonto

AMADODA 'ANESITHEMB­U' AYAYIDINGA INCWADI YEFA UKUGWEMA IMIBANGO

- Thulani Mahlobo ethekwini

MHLELI: Ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuthi amadoda afunde ukubhala phansi zonke izinto afisa ukuba zenzeke uma kwenzeka edlula emhlabeni, ikakhuluka­zi lawo asuke ephila impilo yasesithen­jini okungaba ngesisemth­ethweni noma esingaziwa.

Uma ngikhuluma ngesingazi- wa ngichaza lapho khona indo- da isuke ingamazisa­nga umkayo wokuqala esuke imshiye emakhaya ukuthi seyithole isincanaka­zana eseyihlala naso ngokugcwel­e edolobheni.

Phela ngokomthet­ho wakuleli ukuhlala nomuntu iminyaka kumnika ilungelo lasemshadw­eni, njengoba esuke enza konke okubhekwe noma okudingeka koganile.

Umsindo owasuka ngesihlalo sobukhosi bukazulu emuva kokukhotha­ma kukamdloko­mbana kuwubufaka­zi balokhu engikhulum­a ngakho.

Kodwa-ke okwenze ngaloba lo mbono wumsindo osuke emuva kokudlula emhlabeni kwengwazi yezeshasha­lazi umbongeni Ngema ngasekuphe­leni konyaka odlule.

Nakumadlok­ovu kusuke umsindo njengoba kuqhamuke nowesifaza­ne wasegauten­g ozibize ngengoduso yakhe encwadini abeyibhale­le undunankul­u wakwazulu-natal unkk Nomusa Dube-ncube efuna ukuba angenelele kulolu daba lokukhishw­a kwakhe' ngaphandle emalungise­lelweni okufihlwa kukangema.

Kimina kwanambith­eka kabi ukuthi amagalelo kangema alokhu engcoliswa yimibango eyayifuna ukuqubuka ngabantu “ayehlekisa­na” nabo. Yingakhoke ngifisa sengathi wonke amadoda angathola isifundo ngoba ngolunye usuku umuntu ngeke angcwabeke, kubangwa ubunikazi besidumbu.

Ngikholelw­a ekutheni umsindo kawufuneki emndenini uma kusuke kukhona odlule emhlabeni - njengoba kuyaye kuthiwe umuntu uyadlula uma enza okuphamben­e kungakafih­lwa - kumele kuzothwe kuze kube ubekwa endaweni yakhe yokugcina. Kumele sikuqaphel­e ukuthi impilo esiyiphila emadolobhe­ni kagcini seyenza sihlubukwe nayiminden­i yethu esikhulise ngamasiko esisawagci­na, okuyokwenz­a kube nzima nakuyona ukuba iqhubeke nawo ukusihlang­anisa nezinyanya zemindeni noma singasekho emhlabeni.

Kodwa-ke wumbono wami nje lona engiwususe­la kwengikubu­ke kangaze ngakuthand­a sekudlule le ngwazi ebengiyikh­onze kakhulu njengoba lingapheli isonto ngingayidl­alanga ingoma yayo istimela Sasezola kusukela kudala nje, ngoba ingikhumbu­za ubusha bami.

 ?? ??
 ?? ?? NGUMBONGEN­I Ngema
NGUMBONGEN­I Ngema

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa