Uzifela ngezinja eziyingozi i-pitbull
ULOBIZELA ukugijima kwidstv Premiership ngelinye ilanga umdlali okhuliswe YIKZN Academy osedlala phesheya kwezilwandle. Kuyintokozo enkulu ukunethulela ureagan Cadre Mathew Marais (23), ogila izimanga kwigdr Canaviais FC yaseportugal.
Lo mdlali usonge isizini edlule eseqobele amagoli awu-32 emidlalweni ewu-23 waphinda wanqoba izicoco ezimbili ileague Cup netaca Cup. Kuyimanje ufunwa ngamakilabhu amabili, okungeyase-united States of America (USA) neyakhona eportugal.
Nokho uthe usadla amathambo engqondo. Umarias uzalelwe emerewent, ewentworth, wafunda egordina Primary nasefairvale Secondary lapho ephothule khona umatikuletsheni.
Eningizimu Afrika udlalele imerewent Suburbs FC, icherrians FC NEKZN Academy ayijoyina ngo-2016. Kulesi sikhungo ubedlala nonkanyiso Shinga, usbu Shibane, uphilani Jaca, uthabo Cele nosiphephelo Sithole ukubala nje abambalwa.
Bonke laba badlali sebegijima phesheya kwezilwandle.
Uthe ngeke abakhohlwe abaqeqeshi aphume kubona usmart Ndlovu nosbo Vilakazi oseyiphini likapablo Martin kumazulu FC.
Uthe iphupho lakhe lafezeka ngesikhathi behambele eportugal ihlandla lesibili ngo2018,
njengoba engabange esabuya eningizimu Afrika nesikwati ababehambe naso.
Ingxoxo kamarias NELANGA Lempelasonto (I/L) ngempilo yakhe yangangaphandle kwenkundla ihambe ngalolu hlobo:
I/L: Ukhulele endaweni ethathwa njengesidleke sezidakamizwa, udlubulundele kanjani?
Marais: Uma unamaphupho acacile futhi ukholelwa kumdali kubalulekile ukuba uhlale uzethemba, ulwele nokuthi iphupho lakho lifezeke. Nokho bekungelula ngeke ngiqambe amanga.
I/L: Ungumuntu onjani?
Marais: Ngivulelekile, ngiyabathanda abantu futhi ngiyabahlonipha. Kangizwani nokuhleba, into ngiyisho injengoba injalo. Nginenhliziyo enhle.
I/L: Usontaphi?
Marais: Echrist Catholic Church, ewentworth.
I/L: Basekhona abazali?
Marais:
umama upenny Marais, kanti ubaba urussel Marais akasekho. Ubaba ungomunye wabantu ababamba iqhaza elikhulu empumelelweni yami kunobhutshuzwayo. Wadlula emhlabeni ngisanda kuthola inkontileka yami yokuqala ebholeni ngiya phesheya kwezilwandle.
I/L: Nibangaki kwenu?
Marais: Sibathathu, ngubrandon Marias ongumfowethu, kube yimina nolatoya Jacobs udadewethu.
I/L: Uthanda uhlobo olunjani lokudla?
Marais: Yispaghetti ne-mince meat.
I/L: Usuthathile?
Marais: Cha, kodwa nginalo iphupho lokuthatha ngelinye ilanga. Nokho kangijahile ngoba ngisenaso isikhathi sokuzihlela kahle izinto zami.
I/L: Usichitha kanjani isikhathi sakho njengoba usemaholidini ethekwini?
Marais: Ngihlala nomndeni wami. Ngivakashele izindawo osekunesikhathi ngazigcina ethekwini. Esikhathini esiningi besihlala sonke nozakwethu phesheya, sizenzele thina ubumnandi, sijabule.
I/L: Yisiphi isilwane osithandayo?
Marais: Yizinja. Ngifuye
amapitbull nejack
Russells okuwuhlobo lwezilwane okubalulekile ukuzihlonipha ukuze zikuphathe kahle.
I/L: Yimuphi umbala owuthandayo?
Marais: O-navy blue.
I/L: Yimuphi umculo okushaya ngaphakathi?
Marais: Yi-hip hop ikakhulukazi ekadrake.
I/L: Ukhona ezinkundleni zokuxhumana?
Marais: Ngine-instagram, ikheli lami lithi: @reaganmarias, iwhatsapp, ifacebook netwitter.
I/L: Injani impilo eportugal?
Marais: Kumnandi kakhulu ngoba abantu bakhona bayashesha ukusejwayela. Izindawo zakhona zinhle zedlula itheku.
I/L:
Marais: Yidolce & Gabbana.
I/L: Yisiphi isipho osafisa ukusipha umama wakho?
Marais: Ngifuna ukumthengela i-bracelet enhle eyohlale imkhumbuza mina.
I/L: Uthanda amakhokho anjani?
Marais: I-adidas Predator. Ngizwile ukuthi kukhona elisha elifike ngamandla lalolu hlobo.
I/L: Yimuphi umdlali okhule umthanda?
Marais: Ulionel Messi waseargentina noluiz Suarez waseuruguay.
I/L: Yimaphi amakilabhu owakhonzile eningizimu Afrika?
Marais: Yimamelodi Sundowns necape Town Spurs engibe nenhlanhla yokuyibuka emoses Mabhida idlala namazulu FC ngozibandlela (December).
I/L: Uthini umyalezo wakho entsheni?
Marais: Ibhola lidinga umuntu onenhliziyo ende futhi oyilambele impumelelo.
Kufanele wazi ukuthi ufunani kulona. Kumqoka ukukhohlwa ngabangani. Kubalulekile nokugxila esikoleni ngoba siyatakulana uma kwenzeka kubheda kunobhutshuzwayo.
mfanafuthin@ilanganews.co.za