Ilanga Lempelasonto

UTHE ROCK UZANYELWA IMPI YE-WBC ETHEKWINI

- LINDA XIMBA

UZANYELWA impi enkulu uthabiso “The Rock” Mchunu (osesithomb­eni)

osekunesik­hathi eside agcina ukubonakal­a eringini.

ILANGA Lempelason­to

lithole ukuthi uphromotha - obuye abe ngumzala kathe Rock - unomvelo Magcaba-shezi umhlangani­sela impi yesicoco seworld Boxing Council (WBC) silver kwi-cruiserwei­ght noyamil Alberto Peralta wase-argentina.

Le mpi yaleli bhande elingaphet­hwe muntu ihlelelwa ukuba se-olive Convention Centre, ethekwini, ngomhla ka-2 kundasa (March).

Umchunu, odabuka Kwaximba ecato Ridge emaphakath­i kwetheku nomgungund­lovu, ugcine ukulwa ngomasinga­na (January) wangonyaka odlule.

Wehlulwa ngamaphuzu ngendlela eyakhalisa abaningi ebhekene nengqwele yebhande elikhulu LEWBC (green belt)

u-ilunga “Junior” Makabu empini eyayisepac­kard Music Hall, e-ohio, e-united States of America (USA).

Kwasekungo­kwesibili umchunu ekhala ngaphansi kulo mlisa wasedr Congo kodwa osehlala egoli futhi oqeqeshwa ngudamian Durandt.

Ngesikhath­i bedudulana okokuqala empini yokuhlunge­la isicoco SEWBC e-internatio­nal Convention Centre ethekwini ngo-2015, umchunu bamngqimuz­a ngomzulisw­ano ka-11.

Kufuze ukuthi leli nxele elingumchu­nu lizofuna ukushaya into ecokeme uma selibuyela ethekwini ngemuva kokuphoxa izindimban­e zabalandel­i balo ngaleya ndlela.

Uperalta yena ugcine ukujuluka eringini ngontulika­zi (July) wanyakenye ngesikhath­i exebula uguillermo Ruben Andino ngomzulisw­ano wesine empini yesicoco sangakubo e-argentina.

Uma umchunu eyinqoba le mpi uzozenyuse­la amathuba okuthi aphonse inselelo kunoel Mikaelian wase-armenia ophethe ibhande elikhulu lale nhlangano ebalwa nezine ezinkulu emhlabeni.

Njengamanj­e umchunu ukleliswe endaweni yesithathu bese kuthi isitha sakhe sihlale endaweni yesine ezilingani­sweni.

Impi ezobhulela amazolo eyewbc ethekwini, kuhlelwa ukuthi kubonakale kuyona uthulani “Thulz” Mbenge ozodudulan­a nesitha sase-argentina empini okuzobe kungabangw­a sicoco kuyona.

Umbenge uke waba yingqwele ye-internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) esisindwen­i se-welterweig­ht.

Usesitebel­eni esisodwa nomchunu lapho beqeqeshwa khona yizelamani zakwasmith, usean nopeter egoli.

Kuzobuye kuqhathwe nezimpi zezicoco ezimbili zakwazulun­atal. Kuvela amagama okubalwa kuwona elika-andile Mntungwa nontethelo “Smiling Assasin” Magcaba kumabhokis­a okulindele­ke ukuba ajabulise abalandeli ngesibhake­la esiqhwiza umentshisi.

Imizamo yokuthola ukuphawula kukanomvel­o iphunzile njengoba ekhale ngokuxinek­a emsebenzin­i wasesibhed­lela. www.ilanganews.co.za*

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa