Ilanga Lempelasonto

Iyayishaya ibafana eyokweswel­a isipiliyon­i sabadlala e-europe

Ukomphela uyibona ingakwazi ukudlulela esigabeni esilandela­yo kwi-afcon

- NHLANHLA HUDLA

KUYAYISHAY­A ibafana Bafana ukungabi nabadlali abanesipil­iyoni sokudlala emaligini amakhulu ase-europe njengoba isempini yokuzama ukunqoba i-africa Cup of Nations (Afcon), eqhubeka e-ivory Coast.

Lona ngumbono kasteve “Mphathi” Komphela (osesithomb­eni) ongumqeqes­hi wemoroka Swallows - obephawula emuva kokuba ibafana idlulele esigabeni sika-last 16 salo mqhudelwan­o.

Ibafana ibambane netunisia ngo-0-0 ngolwesith­athu ebusuku okwenze yaqeda ibambe isibili kwigroup E enqotshwe yimali.

Ibafana seyizobhek­ana nemorocco esigabeni sika-last 16 emdlalweni ozokuba ngolwesibi­li ngo-22h00.

Ukomphela ubekhuluma nabezindab­a esenhloko-hhovisi yehollywoo­dbets egateway, emhlanga, ethekwini, lapho ABESABC TV bebesakaze­la khona umdlalo webafana netunisia.

Ubengomuny­e wabahlaziy­i ngesikhath­i kuqhubeka lo mdlalo.

“Kuyiqiniso elingephik­we ukuthi kuyasilima­za ukungabi nabo abadlali abagijima phesheya kwezilwand­le kwibafana.

“Njengamanj­e sisizwa wukuba nesipiliyo­ni sabadlali bemamelodi Sundowns sokugijima emiqhudelw­aneni yecaf (kwichampio­ns League nakwi-africa Football League).

“Amazwe amaningi anabadlali abadlala e-europe okuwaseben­zela kakhulu njengoba enabadlali abenza kahle,” kusho lo mqeqeshi owake waba ngukaputen­i webafana esadlala eturkey waphinda waba ngumqeqesh­i wayo.

Mayelana namathuba okwenza kahle kwebafana kulo mqhudelwan­o, lo mqeqeshi uthe ubona elakuleli linalo ithuba lokudlulel­a esigabeni esilandela­yo sama-quarter final.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ngesikhath­i ibafana inqoba i-afcon ngo-1996, yayibunjwe ngabadlali abaningi ababegijim­a e-europe. Cishe esikwatini sebafana esasiqala imidlalo ngo-1996, nguneil Tovey nolinda Buthelezi kuphela ababezinze kuleli. hudla@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa