Ilanga Lempelasonto

OWE-GHANA UJABULELE UKUBINGELE­LA NGEGOLI EBUYA KWI-AFCON

-

UMDLALI we-athletic Club yasespain, u-inaki Williams (osesithomb­eni) ubonge ukwethenjw­a yile kilabhu eyishayela igoli bewashisa ijezi ibarcelona ngo-4-2 kowecopa del Rey ngolwesith­athu ebusuku.

Kwenzeka konke lokhu nje, lo mdlali ubesuka ezweni lakhe ighana edumaze abaningi iphuma ekuseni kwi-africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-ivory Coast.

“Ngihlale endizeni amahora awu-7, ngaphinda ngahlala amanye amabili esikhumulw­eni sezindiza. Kangikaze ngithole ngisho ithuba lokulala. Ngifike enkundleni umzimba wami ukahle futhi ngingakhat­hele, yingakho ngikhethe ukuqhubeka nokudlala okuyinto engiyijabu­lela kakhulu.

“Ngijabulil­e ngokusiza ikilabhu ukuba idlulele esigabeni esilandela­yo. Ngibonga kubona bonke abangeseki­le,” kusho lo mdlali ohluleke wancama ukusiza iblack Stars ukuba idlulele kwi-last 16 ye-afcon.

Lesi senzo salo mdlali sijabulise ngisho umqeqeshi wakhe, u-ernesto Valverde, othe ukuba khona kwakhe kuwusizo olukhulu kule kilabhu.

I-athletic Club izoshukana necadiz kusasa ngesonto ngo17h15 kwiligi. Le kilabhu ihambela phezulu kule sizini njengoba ibalwa naphezulu kwi-log.

*

Imidlalo yespanish La Liga imi KANJE:NAMUHLA:

Real Sociedad vs Rayo Vallecano 15h00. Las Palmas vs Real Madrid 17h15. Barcelona vs Villarreal 19h30. Mallorca vs Real Betis 22h00. Celta Vigo vs Girona 15h00.

KUSASA:

Cadiz vs Athletic Club 17h15. Sevilla vs Osasuna 19h30. Atletico Madrid vs Valencia 22h00. NGOMSOMBUL­UKO

Getafe vs Granada 22h00.

* EYEFA Cup ihlelwe KANJE:NAMUHLA:

Ipswich Town vs Maidstone 14h30.

Sheffield United vs Brighton 17h00. Leeds United vs Plymouth Argyle 17h00. Leicester City vs Birmingham­n 17h00. Everton vs Luton Town 17h00. Fulham vs Newcastle 21h00.

KUSASA:

West Brom vs Wolves 13h45. Watford vs Southampto­n 16h00. Liverpool vs Norwich City 16h30. Newport County vs Man United 18h30. NGOMSOMBUL­UKO:

Blackburn Rovers vs Wrexham 21h30.

* Eye-bundesliga imi KANJE:NAMUHLA:

Stuttgart vs Leipzig 16h30. Hoffenheim vs Heidenheim 16h30. Ausburg vs Bayern Munich 16h30. Werder Bremen vs Freiburg 16h30. Wolfsburg vs Cologne 16h30. Leverkusen vs Monchengla­dbach 19h30.

KUSASA:

Union Berlin vs Darmasdt 16h30. Dortmund vs Bochum 18h30.

* Eye-italian Serie A imi KANJE:NAMUHLA:

Atalanta vs Udinese 16h00. Juventus vs Empoli 19h00.

AC Milan vs Bologna 21h45.

KUSASA:

Genoa vs Lecce 13h30. Verona vs Frosinone 16h00. Monza vs Sassuolo 16h00. Lazio vs Napoli 19h00. Fiorentina vs Inter 21h45.

NGOMSOMBUL­UKO:

Salernitan­a vs Roma 21h45.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa