ABAMELI KWELIKAMEYIWA BACHITHA UBUFAKAZI BUKADOKOTELA
UVEZE ukuthi wayengasiboni isidingo sokucela umsolwa imvume yokumhlola ngoba wayehamba nojele namaphoyisa, udokotela wamazinyo owahlola ummangalelwa wesibili ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa.
Udkt Thabang Hlokwe uveze ukuthi ngokwejwayelekile uma umuntu ehlolwa, uyaye aqale abuzwe ukuthi uyavuma yini ukuhlolwa.
Utshele inkantolo ukuthi ngesikhathi kulethwe kuye umnu Bongani Ntanzi ukuba amhlole, wacabanga ukuthi ukuza kwakhe kugunyazwe wumthetho, ngakho sasingekho isidingo sokumbuza ukuthi uyahambisana yini nalokhu ayezokwenza kuye.
Uhlokwe usho lokhu ngemuva kokubuzwa ngummeli kantanzi, umnu Thulani Mngomezulu, ukuthi ngabe walulandela lonke yini uhlelo olulandelwayo uma kuhlola umuntu
Umngomezulu utshele inkantolo ukuthi ukholwa ukuthi ikilayenti lakhe lasayiniswa amaphepha emvume emuva kokuhlolwa, nakholwa ukuthi laphoqwa.
Udokotela ubethula ubufakazi ngokuhlolwa kukantanzi ngemuva kokugcinwa esitokisini.
Utshele inkantolo ukuthi nakuba engudokotela wamazinyo, unalo ilungelo lokuhlola isiguli esilethwe kuye.
Uthe umsebenzi wakhe wukuxilonga isiguli kusuka esinqeni kuze kufike ekhanda.
Uthi uma ethola ukuthi isiguli silimele noma kukhona okungahambi kahle emzimbeni waso, uyaye asidlulisele kudokotela oqeqeshelwe ukwenza lowo msebenzi.
Uthe esemhlolile ummangalelwa akatholanga lutho oluyinkinga, yize engamkhumulisanga izimpahla ayezigqokile.
Umngomezulu umbuze ukuthi ikhona yini indlela okubonakala ngayo uma umuntu encishwe umoya ngeshubhu, njengoba ikikayenti lakhe lathi lenziwa lokhu.
Uhlokwe uthe kakubonakali, futhi kwakungelula abone ngoba nakuba ziba khona izinkomba, ziyashesha ukuphela.
Utshele inkantolo ukuthi ummangalelwa wayengakaze ashaywe ngamaphoyisa.
Ummeli womunye wabamangalelwa utshele uhlokwe ukuthi akekho esimeni sokutshela inkantolo ukuthi ummangalelwa washaywa noma akashaywanga ngoba akalandelanga imigudu efanele ngesikhathi emhlola.