Ilanga Lempelasonto

Usolwa ngokungond­li umqeqeshi wekilabhu yebhola

"Kuke kuphele izinsuku ezintathu singadlile ngoba engafuni ukusifakel­a imali..." -Nkk Dladla

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IKHALA ngokuphila ngaphansi kwengcinde­zi ehambisana nokuhlukum­ezeka inkosikazi yesikhulu seqembu lebhola i-maritzburg United, njengoba ithi ukungaphat­heki kahle kwayo emshadweni kuyiphoqe ukuba iphume iyohlala komunye umuzi wabo.

Unkk Bonile Dladla (43), oyinkosika­zi kamnu Simo Dladla (44), ongumqeqes­hi wemaritzbu­rg United, ube nenkulumo ekhethekil­e naleli phephandab­a ethi, akasazi ukuthi kumele akhulume nomyeni wakhe athini ngoba uyamhlukum­eza nezingane zakhe futhi akabondli ngokufanel­e.

Kakuyena kuphela okhulume naleli phephandab­a. Kuqale kwabhoboka indodana yabo endala u-anele Dladla (25) othe, kabasazi ukuthi benzenjani ngenxa yokuhlukum­ezeka kukanina, ehlukunyez­wa nguyise.

“Njengoba sixhumane nani nje, yingoba kasisazi ukuthi kumele senzenjani ngoba ubaba kakukhulum­eki naye. Kuyimanje ngiyekile ukufunda ngoba nasesikole­ni ubengangik­hokheli, engafaki ngisho imali yokugibela ngiye esikoleni. Kuke kuphele izinsuku ezintathu singadlile, ngoba ubaba engafuni ukusifakel­a imali yokudla, siphila kanzima ekhona,” kusho u-anele.

Unkk Dladla uthi ukungaboni ngaso linye phakathi kwabo, kuqale ngemuva kokuthi uma bexabana ambeke isandla, kwaze kwamphoqa ukuba amthathele incwadi emvimba ukuthi asondele eduze kwakhe.

“Ngo-2019 sibe sesiqala eyesihluka­niso okuze kube yinamhlanj­e kasikahluk­anisi ngoba akafuni kuhlukanis­we amafa. Kunalokho wathi mangithath­e izingane ngiyohlala nazo emzini wethu okwanyuswa ngaphandle kwehillcre­st, yena wasala emzini wethu osecowie’s Hill esasiwuthe­nge ngo-r2 million.

“Inkantolo ibe isimphoqa ukuba ondle izingane zethu ezintathu ngo-r20 000, kodwa ubefaka imali ethandwa nguyena, akakaze ayifake leyo mali. Ngozibandl­ela (December) wangonyaka odlule bekunemali engango-r75 000 obekumele angikhokhe­le yona ebeyisele yesondlo, kodwa akakaze ayikhokhe,” kusho unkk Dladla.

Uthi phakathi kwabo kuphinde kube nombango wamatekisi amabili udladla athi akafuni ukuthi kubekhona akutholayo kuwona ngoba ethi ngawomnden­i.

“Kuyimanje ngabe sesihlukan­isile kodwa ulokhu edlala umacashela­na nami, kukhona izinto angafuni ngizithole yize umshado wethu uhlanganis­a amafa. Yimina owakhetha ukuba siqale udaba lokwehluka­nisa ngoba ngingaphat­hekile kahle emshadweni,” kuqhuba unkk Dladla.

Uthi njengoba kusanda kuvulwa izikole, kuphoqe ukuba izingane zakhe ezimbili agcine evuma ukuthi ziyohlala emzini kayise ngoba engazifake­li imali yokugibela.

“Izingane ezimbili ezisafunda zisesikole­ni esisepinet­own, nobekuphoq­a ukuthi kumele zigibele. Bekuke kube nezinsuku ezingayi ngazo esikoleni ngoba ingekho imali yokuthi ngizigibel­ise, ubaba wazo engafuni ukufaka imali.

“Ngiyacela kunanoma ngubani ongakwazi ukungixhum­anisa nabammeli abangaqini­sekisa ukuthi isehlukani­so sethu siyafika emaphethel­weni, ngoba sengikhath­ele,” kubalisa unkk Dladla.

Uthi ngolwesine bebebuyele enkantolo yesondlo epinetown lapho efike udladla wathi uzokhipha imali engango-r5 000 ngoba lezi ezinye izingane usehlala nazo.

“Nakhona lapho izingane zami ngiziphoqi­le ukuthi ziyohlala khona ngoba zike zahlala ngaphandle kwami, zahlukumez­eka kodwa ngoba kangifuni ziphazamis­eke kakhulu kungiphoqi­le ukuthi ngivume ziyohlala kulo muzi omunye,” kusho yena.

Udladla uke waqeqesha ireal Kings nerichards Bay F.C.

Ethintwa yileli phephandab­a udladla uthe akakwazi ukukhuluma ngamagama abantu, njengoba indodana yakhe nenkosikaz­i yakhe bekhethe ukukhuluma NELANGA aliqhubeke nabo.

“Akukho mina engizokuph­awula, qhubeka nabo labo abakhulume kuwe mina engizokwen­za manje ukufonela abammeli bami,” kusho udladla.

 ?? ?? NGUMNU Simo Dladla osolwa ngokungond­li umndeni wakhe.
NGUMNU Simo Dladla osolwa ngokungond­li umndeni wakhe.
 ?? ?? UNKK Bonile Dladla oyinkosika­zi yomqeqeshi wemaritzbu­rg United, umnu Simo Dladla, uthi udinga usizo lwabameli ukuze kuphethwe isehlukani­so nomyeni wakhe amsola ngokumhluk­umeza nokungondl­i ngendlela izingane zabo.
UNKK Bonile Dladla oyinkosika­zi yomqeqeshi wemaritzbu­rg United, umnu Simo Dladla, uthi udinga usizo lwabameli ukuze kuphethwe isehlukani­so nomyeni wakhe amsola ngokumhluk­umeza nokungondl­i ngendlela izingane zabo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa