Ilanga Lempelasonto

Umculi unengebhe ngempilo yakhe kwi-tv

Uthe ohlelweni lwakhe kungenzeka sitshengis­we nesinqanda­mathe sakhe

- THANDI ZONDI

SINOVALO ngohlelo olumayelan­a nempilo yaso isilomo somculi uvusi Nova (osesithomb­eni) ngenxa yokuthi singumuntu oyivikelay­o impilo yaso yangasese. “Yize kuyinto ejabulisay­o ukuba nalolu hlelo kepha nginovalo lokuthi abantu bazobona ubumina, okungenzek­a bangithand­e noma bangangith­andi ngoba bangazi ngingumunt­u ohlale ezijabulel­e, kodwa iqiniso lithi nami nginezikha­thi zokuthukut­hela,” echaza.

Uhlelo lwakhe ivusi Nova UNPROVOKED, luzoqala mhla ka-2 kundasa (March). Uthi sekunesikh­athi eside ecelwa yiziteshi ezahlukene zikamabona­kude ukuba abe ne-reality show, kepha bekungakab­i yisikhathi esifanele kuye.

“Ngibone sekuyisikh­athi esifanele manje. Abantu abathanda umculo wami bahlale befisa ukwazi okungale komculo wami, ngathi make ngibavulel­e elinye ikhasi ngempilo yami,” esho.

Nakuba engathanda­nga ukuveza okuningi ngokuzokwe­nzeka ohlelweni lwakhe, kodwa uthi kuningi okuzovela kule reality show, okubandaka­nya ubuhlungu adlula kubo nezikhathi ezimnandi.

“Konke okuzovela kakuhleliw­e, ngizobe ngiveza impilo yami injengoba injalo. Yize ngizoveza okuningi kodwa okunye ngisathand­a ukuthi kube ngasese,” esho.

Phakathi kwakho ubala umndeni wakhe, abangani namaciko asewavundu­lulile kulo mkhakha selokhu aqala.

Ebuzwa ukuthi sizovela yini isinqandam­athe sakhe kulolu hlelo uthe: “Angazi, mhlawumbe sizovela noma singaveli,” ehleka.

Uthi kuningi akwenza kulo nyaka njengoba ezohlangan­isa iminyaka ewu40 nokubalwa ne-album entsha azoyikhiph­a ngomhla ka-16 kunhlolanj­a (February) esihloko sithi Full Circle.

“Ngiphindel­a kuloya Vusi abantu abamaziyo. Ngabelana nabo ukuthi ngikusiphi isigaba empilweni yami nakwezotha­ndo,” echaza.

“Sengikhuli­le manje. Ngingumunt­u oluthanday­o uthando nokulutshe­ngisa futhi. Ngikholelw­a ekutheni uma uthanda, kumele uthande ngenhliziy­o yakho yonke, kodwa futhi ungathandi umuntu okungesiye ngoba ubuka ukuthi senichithe iminyaka eminingi ndawonye.

“Ungathola ukuthi uzichithel­a isikhathi umlingani womphefumu­lo wakho, ukulinde ngapha-ndle kwalobu budlelwano okubo. Ungamukeli noma yini othandweni,” esho.

Lo mculi waziwa kakhulu ngengoma ethi, Thandiwe, Ndikuthand­ile, Yibanathi, Asiphelela­nga nezinye. Ebuzwa ukuthi yini emsizile yamgcina wakwazi ukuphumele­la kule ndima yezikaqedi­sizungu uthe: “Umusa kankulunku­lu, wakhipha isipho esingisebe­nzelayo. “Kokunye ungaba nephimbo elimnandi kepha uma ungakwazi ukuxhumana nabantu ngokomoya, isipho sigcina singakuseb­enzelanga. Nokuba yimi nje, nakho kungisizil­e,” kuphetha unova.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa