Umculi unengebhe ngempilo yakhe kwi-tv
Uthe ohlelweni lwakhe kungenzeka sitshengiswe nesinqandamathe sakhe
SINOVALO ngohlelo olumayelana nempilo yaso isilomo somculi uvusi Nova (osesithombeni) ngenxa yokuthi singumuntu oyivikelayo impilo yaso yangasese. “Yize kuyinto ejabulisayo ukuba nalolu hlelo kepha nginovalo lokuthi abantu bazobona ubumina, okungenzeka bangithande noma bangangithandi ngoba bangazi ngingumuntu ohlale ezijabulele, kodwa iqiniso lithi nami nginezikhathi zokuthukuthela,” echaza.
Uhlelo lwakhe ivusi Nova UNPROVOKED, luzoqala mhla ka-2 kundasa (March). Uthi sekunesikhathi eside ecelwa yiziteshi ezahlukene zikamabonakude ukuba abe ne-reality show, kepha bekungakabi yisikhathi esifanele kuye.
“Ngibone sekuyisikhathi esifanele manje. Abantu abathanda umculo wami bahlale befisa ukwazi okungale komculo wami, ngathi make ngibavulele elinye ikhasi ngempilo yami,” esho.
Nakuba engathandanga ukuveza okuningi ngokuzokwenzeka ohlelweni lwakhe, kodwa uthi kuningi okuzovela kule reality show, okubandakanya ubuhlungu adlula kubo nezikhathi ezimnandi.
“Konke okuzovela kakuhleliwe, ngizobe ngiveza impilo yami injengoba injalo. Yize ngizoveza okuningi kodwa okunye ngisathanda ukuthi kube ngasese,” esho.
Phakathi kwakho ubala umndeni wakhe, abangani namaciko asewavundululile kulo mkhakha selokhu aqala.
Ebuzwa ukuthi sizovela yini isinqandamathe sakhe kulolu hlelo uthe: “Angazi, mhlawumbe sizovela noma singaveli,” ehleka.
Uthi kuningi akwenza kulo nyaka njengoba ezohlanganisa iminyaka ewu40 nokubalwa ne-album entsha azoyikhipha ngomhla ka-16 kunhlolanja (February) esihloko sithi Full Circle.
“Ngiphindela kuloya Vusi abantu abamaziyo. Ngabelana nabo ukuthi ngikusiphi isigaba empilweni yami nakwezothando,” echaza.
“Sengikhulile manje. Ngingumuntu oluthandayo uthando nokulutshengisa futhi. Ngikholelwa ekutheni uma uthanda, kumele uthande ngenhliziyo yakho yonke, kodwa futhi ungathandi umuntu okungesiye ngoba ubuka ukuthi senichithe iminyaka eminingi ndawonye.
“Ungathola ukuthi uzichithela isikhathi umlingani womphefumulo wakho, ukulinde ngapha-ndle kwalobu budlelwano okubo. Ungamukeli noma yini othandweni,” esho.
Lo mculi waziwa kakhulu ngengoma ethi, Thandiwe, Ndikuthandile, Yibanathi, Asiphelelanga nezinye. Ebuzwa ukuthi yini emsizile yamgcina wakwazi ukuphumelela kule ndima yezikaqedisizungu uthe: “Umusa kankulunkulu, wakhipha isipho esingisebenzelayo. “Kokunye ungaba nephimbo elimnandi kepha uma ungakwazi ukuxhumana nabantu ngokomoya, isipho sigcina singakusebenzelanga. Nokuba yimi nje, nakho kungisizile,” kuphetha unova.