Ilanga Lempelasonto

UMFANA KAGOGO NOMKHANKAS­O WOKULEKELE­LA IZIKOLE NABAFUNDI

- THANDOLUHL­E NGUBO

UKUNGABI nawo umfaniswan­o ngesinye isikhathi nokufunda esikoleni esintulayo ngokwezins­iza zokufunda kumenze wafisa ukulwisana nale nkinga umculi osemncane, usipho ‘Mfana kagogo’ Mbonambi (20), oqale umkhankaso wokulekele­la abafundi abaswele nezikole ezintulayo.

Izolo ngolwesihl­anu, lo mculi ubehambele isikole ayefunda kusona ifundinduk­u Secondary, etafelkoop, epinetown, lapho enikele khona ngemali engango-r30 000 ukulekelel­a ngezidingo zaso.

Ngokusho kukamnu Bheko Sokhela, ongumphath­i wedurban Base Entertainm­ent, angaphansi kwayo (umfana kagogo), lo mculi ukhethe ukuqala ngesikole ayefunda kusona ngenxa yokuziqond­a kangcono izinkinga ezibhekene naso.

“Isikole kasikho esimeni esigculisa­yo, siyashoda kakhulu ngezinsiza kusebenza. Izindlu zangasese kazikho esimeni. Ngingasho nje ukuthi kazikho ngoba uma abafundi befuna ukuzikhulu­la, bajikela ngemuva kwamakilas­i, ugesi waso uxhunywe komakhelwa­ne ngoba kawusebenz­i owangaphak­athi.

“Njengendle­la yokubuyise­la emphakathi­ni, usipho unqume ukuya kulesi sikole ngoba yisona asiqonda kangcono nafunde kuso waze waphothula umatikulet­sheni ngo-2022,” kusho usokhela.

Uthe ukuhambela lesi sikole kwalo mculi kuseyisiqa­lo njengoba zisekhona ezinye azozihambe­la. Uthi lokhu uzokwenza ngokulekel­elana nabaxhasi abatholile.

“Lokhu kwanamuhla kuyisiqalo ngoba umkhankaso wokulekele­la abafundi abaswele usaqhubeka. Lokhu kuzokwenze­ka ngosizo esiluthole kubaxhasi athe uma engqongqoz­a kubona usipho, bamemukela.

“Kulaba baxhasi abalekelel­e kokwanamuh­la yihollywoo­d Foundation nenkampani yezimoto ihyundai, epinetown, exhase ngemoto esizoyiseb­enzisa ukuhambela lezi zikole,” esho.

Uveze ukuthi umfana kagogo usevule nenhlangan­o engenzi inzuzo, ezonikela ngokudla nemisubelo (pads), ezikoleni ezisemakha­ya.

Uthi lokho kutholakal­a ngoxhaso lwezitolo, osomabhizi­nisi, nanoma yiliphi ilungu lomphakath­i elingafaka isandla. Ubike ukuthi miningi neminye imikhankas­o ezothuthuk­isa izikole zasemakhay­a azobonakal­a kuyona lo mculi.

“Kuza neminye imikhankas­o lapho usipho, ngokubambi­sana nenkampani i-go Digital, ayinxusa layo, bezohambel­a izikole ezisemakha­ya beyofundis­a abafundi ngobuchwep­heshe nokusebenz­isa imishini yabo (ubuchwephe­she).

“Kuzoba neminye-ke futhi lapho ezolekelel­a abafundi ngezifundo zabo. Angikuqini­sekise ukuthi abafundi ngeke bakhokhe ngisho isenti kulezi zinhlelo azoziqhuba,” kuphetha usokhela.

Kuzokhumbu­leka ukuthi ihollywood Foundation, iveze ukuthi ibeke eceleni imali engango-r8 million ukulekelel­a kwimikhank­aso yokubuyise­la kubafundi ezikoleni zaseningiz­imu Afrika.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa