Ilanga Lempelasonto

Kudutshulw­e, kwashiswa abesifazan­e

- PHUMLANI GAMA

BESE kuyisikhat­hi eside behlala ngokuzinge­lwa abesifazan­e ababili abadutshul­we babulawa emzini wabo emthekwini, ehluhluwe, ngezithuba zakusihlwa ngolwesith­athu. Unkk Sarafina Manqele (80) nendodakaz­i yakhe, unkz Busaphi Manqele (40), bangenelwe ngababulal­i abangaziwa abafike bangakhulu­ma lutho, bavulela ngezulu lezandla bebhekise kubafi.

Kulesi sigameko kudubuleke nomfanyana oneminyaka ewu-15, engalweni.

Ubusaphi wehlelwe yilo mshophi ngoba efike kubo evakashele unina njengoba isikhathi esiningi ubesichith­a lapho abehlala khona ngenhloso yokusondel­ela umsebenzi ngoba ubenguthis­ha kwesinye sezikole zasemtubat­uba, ibhoboza Primary School.

Ngokusho kwelungu lomndeni elicele ukuba kugodlwe imininingw­ane yalo, liveze ukuthi ukubulawa kwamalungu alo mndeni kuhlobene nezinsolo ebezibheki­swe kunkk Manqele obesolwa ngokuthi uyathakath­a.

“Kudala baqala ukukhuluma kabi ngogogo kuthiwa uyathakath­a.

“Lezi zinkulumo bezikhulun­ywa zigcine sezibandak­anya nayo indodakazi yakhe abulawe nayo, kuthiwa useyifundi­se ‘umsebenzi wakhe’ wokuthakat­ha,” kusho leli lungu.

Umnu Sabukusho Manqele oyinduna yendawo futhi oyilungu lomndeni, uveze ukuthi lesi sigameko sishiye abantu beshaqekil­e endaweni.

Uthe omakhelwan­e babafi baveze ukuthi bezwe ukuqhuma kwesibhamu okuthe kusenjalo, kwabonakal­a kuphakama ilangabi lomlilo.

“Ngithole umbiko ngezithuba zantambama ngokuthi sekudutshu­lwe umama nodadeweth­u lapha ekhaya. Kudala baqala ukumhlukum­eza umama. Bebemthath­ela nezimbuzi zakhe. Abanye bazithathe ngenkani ngoba becuphe ulaka.

“Sinethemba lokuthi amaphoyisa azosebenza ngokuzikha­ndla ukuze kuqiniseki­swe ukuthi ababulali bayaboshwa ngoba benze isihluku esinyantis­ayo.

“Okubi kakhulu wukuthi ugogo ubehlala nezingane ezimbili okumanje sekuzoba nzima kuzona ukuphila. Udadewethu ubenguthis­ha esikoleni abefundisa kusona, nakhona okusazoba nzima ukuchazela abafundi ukuthi ukuphi uthisha wabo,” kusho umanqele.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal, ult Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa asehluhluw­e avule amacala amathathu, okungeloku­bulala, elokuzama ukubulala nelokushis­wa kwempahla.

Uthi kusolakala ukuthi abasolwa abathathu bangene endlini obekuhleli kuyona izisulu ezineminya­ka ephakathi kwewu-40 no-80 ubudala, bangakhulu­ma lutho, bavulela ngenhlamvu bebhekise kubafi.

“Izisulu ezimbili zishonele endaweni yesigameko.

“Umfana (15) udubulekil­e. Kabagcinan­ga lapho abasolwa njengoba bebuye bashisa nendlu obekuhleli kuyona izisulu. Uphenyo luyaqhubek­a,” kuphetha ugwala.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa