Kuklonyeliswe abenze kahle kwa-matric, ukukhuthaza abasilele
Kuhlinzekwe abafundi abawu-190 ngemifaniswano ephelele
IKHUTHAZE ushintsho ezikoleni ezisilele emuva ekwenzeni kahle emiphumeleni kamatikuletsheni ngesikhathi iklomelisa abafundi abaphakamise indawo yabo kulo nyaka imeya yasenquthu, umnu Zama Shabalala.
Ushabalala ubeklomelisa abafundi abaphase kahle umatikuletsheni kule ndawo ngama-laptop. Uthi izikole okungazihambeli kahle ngemiphumela kamatikuletsheni, kufanele kuzihluphe lokho, zikhuthalele ukusondela kulezo ezenza kahle.
“Lo mgubho esiwenzela izinhlaka zezemfundo, abantwana, abahloli, othisha nabazali (siwenza) ngenxa yokuthi basebenza ngokuzimisela unyaka wonke besekana emfundweni yabantwana. Yingakho kubalulekile ukuba sikuqhakambise lokho. Njengomkhandlu onakekelayo kufanele sifeze izidingo zabazali nabantwana,” kusho ushabalala.
Uthi bazibeka phambili ezemfundo enquthu, yingakho kusungulwe uhlelo lokwelekelela abafundi kuwona wonke amazinga emfundo, kubalwa nokuthengelwa kwabo imifaniswano yesikole uma kuqala unyaka kulabo abaqhamuka emindenini eswele.
“Kulo nyaka uhlelo lwethu luhlinzeke abafundi abawu-190 bezikole eziwu-19 abathengelwe imifaniswano ephelele kusuka phansi kuya phezulu. Lokhu kuwuphawu lokuthi kasigxilile kuphela ekwesekeni umatikuletsheni.
“Siyaziqhenya ngabafundi abasibeke ebalazweni esifundazweni njengoba kukhona ababili abahambele nomgubho wesifundazwe E-ICC, ethekwini, ngenxa yokuthola imiphumela emihle” esho.
Udalule uzekhethelo Madlala wasemaceba High, nonomfundo Dubazane wasezindlalele Secondary, okungabafundi bakule ndawo abahlonishwe nasezingeni lesifundazwe ethekwini emcimbini womnyango wezemfundo.
“Abantwana bethu basebenze kahle kakhulu ngaphansi kwezimo ezinzima ngoba nokhuvethe lwabaphazamisa kwagrade 10 kanti nokucima kukagesi bekumandla kakhulu nyakenye. Abanye babo basebenzise amakhandlela, befunda ukuze bafike kuleli zinga lokuphasa,” kusho ushabalala.
Kuhlonishwe izikole eziwu-10 eziphase kahle kakhulu, ezinhlanu ezikhiqize izinga lokuphasa kahle okungamabachelor, abakhuphule izinga lokuphasa kuzona zonke izinhlaka zezemfundo namasekethe.
Kuklonyeliswe umfundi owenze kahle kakhulu isifundo nesifundo, abafundi abathathu abaphase kahle bamela inquthu ngaphansi kwesifunda umzinyathi nabafundi abawu-10 sekuhlanganiswe inquthu yonke.
Umfundi wasemaceba High uzekhethelo Madlala, uthi ufisela nabanye abafundi abeza ngemuva ithuba lokuphasa kahle, bazuze akuzuzile ngenxa yokuzimisela kwakhe.