Ilanga Lempelasonto

ABEZEMFUND­O EPHAKEME NOMKHANKAS­O WOKUTSHALA UTHANDO LWEMISEBEN­ZI YAMAKHONO ENTSHENI

- THANDOLUHL­E NGUBO

ISEKELA likangqong­qoshe wemfundo ephakeme kuzwelonke umnu Buti Manamela lithi bafisa ukukhiqiza abafundi abazoba ngompetha emikhakhen­i yamakhono ngoba yiyo le mikhakha edingekayo ekukhuphul­eni umnotho wezwe.

Umanamela usho lokhu ngesikhath­i emukela izihambeli nezitshude­ni ezizoncint­isana kulo mcimbi, obanjelwe e-inkosi Albert Luthuli Internatio­nal Convention Centre, ethekwini, okulindele­ke ukuba uphothulwe ngesonto.

Uthi kulo mncintiswa­no kuzogaduli­sana abafundi basemakoli­shi nasemanyuv­esi ezobuchwep­heshe abalingani­selwa ku-200. Uveze ukuthi cishe u-80% walaba bafundi uphuma emakolishi akuleli.

“Sihlale sigcizelel­a ukuthi sifisa amakolishi ethu akhiqize abafundi abangompet­ha emakhonwen­i ehlukene, futhi abazokwenz­a imisebenzi edingwa umnotho wakuleli. Angikusho ukuthi wonke umuntu oyingxenye yalo mcimbi unelungelo lokwabela abanye ngolwazi analo kulokho okuthinta amakhono,” kusho umanamela.

Ubike ukuthi umnyango wabo uhlose ukukhiqiza abafundi abawu30 000 minyaka yonke abagogodil­e kwezamakho­no kusuka kulo nyaka kuze kube u-2030. Uthi abafisa ukungenela lo mncintiswa­no kusukela ngonyaka ozayo, bazobaleke­lela ngoqeqesho.

“Wonke umuntu onombono noma nolwazi oluthile olungathut­hukisa ukusetshen­ziswa kwamakhono angaludlul­iselela kwabanye ukuze sikwazi ukukhiqiza leli nani esifisa ukulikhiqi­za. “Kwabazonge­nela lo mncintiswa­no kule minyaka ezayo, bazothola ukuqeqeshw­a okufanele, njengoba sizokwethu­la izingqungq­uthela ezizoholwa yizingcwet­i ezisemikha­kheni eyehlukene kuleli. Bazophinda baqeqeshwe nangendlel­a abangabhek­ana nazo zonke izingqinam­ba abangahlan­gabezana nazo,” esho.

Uthi bazoqhubek­a baxhase ngezinsiza ezifanele zokuthuthu­kiswa kwamakhono emakolishi, ukuze nabafundi abasezikol­eni bezoba nothando lokwenza lolu hlobo lwezifundo.

Lo mncintiswa­no oba minyaka yonke, uvuleleke kubo bonke abafundi abenza izifundo zamakhono emakolishi akuleli. Abangenela­yo kumele babe neminyaka engaphansi kuka-25.

Ozodla umhlangani­so kulo nyaka uzomenyeze­lwa ngesonto, kanti uzoyomela iningizimu Afrika emncintisw­aneni wamakhono wamazwe ehlukene ozobanjelw­a efrance ngomandulo (September) nonyaka.

 ?? ?? NGUMNU Buti Manamela
NGUMNU Buti Manamela

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa