ASEBEYEKE IMISHANGUZO BANXENXWA UKUYITHATHA
UMNYANGO wezempilo Kwazulu-natal, uvule izandla kulabo abese beyilaxaze phansi imishanguzo yezifo ezingamahlalakhona, ukuba babuye bazoqhubeka nokuyithatha, akekho ozobaphazamisa.
Unkz Nomagugu Simelane (osesithombeni) ongungqongqoshe kulo mnyango, uthi kwabazobuya ezikhungweni zezempilo, akekho ozobaxina ngemibuzo eminingi yokuthi bebeyekeleni ukudla imishanguzo. Ubekusho lokhu, evryheid (ward 8) ngolwesine.
“Kwasebeyeke imishanguzo, sicela babuyele ezikhungweni, beyocela usizo. Akekho ovumeleke ukukuqulisa icala. Umsebenzi wabo wukuthola ukuthi unenkinga yini, bakuchushise ukuthi ungenza kanjani ukuthola usizo, bese bekubuyisela ohlwini lwemishanguzo,” kuchaza ungqongqoshe.
Uthi umnyango wezempilo uqhubeka nomkhankaso wokubuyisa inqwaba yabantu asebeyeke imishanguzo YEHIV, Tuberculosis (TB), izifo ezithathelana ngokocansi nokunye ukugula.
“Ukuphuza imishanguzo yakho njengokwemiyalelo, kubaluleke kakhulu. Uma ungakwenzi lokhu, ungena ezinkingeni eziningi njengokuthi isimo sakho sempilo siba sibi kakhulu, okukubeka emathubeni okugula. Ungaba nenkinga yokushaywa yisifo sohlangothi, esenhliziyo, ukuquleka/ukudlikiza noma ingcindezi yomqondo,” esho.
Unkz Simelane uthi nomzimba ungagcina ungasazweli kwimishanguzo, kokunye kungenza ukugula kubhebhetheke, bese kudingeka imishanguzo enamandla kakhulu.
“Kungenzeka udinge ukulaliswa esibhedlela ngenxa yokugula kakhulu. Ngakho-ke masiphuze imishanguzo ngendlela esiyalelwe ngayo ukugwema zonke lezi zinselelo.
“Okokwelapha kumahhala ezikhungweni zethu zezempilo, ngakho kulesi sikhathi samanje akekho umuntu okumele afe ngenxa yokuthi akayiphuzi imishanguzo yakhe,” kuphetha ungqongqoshe.
Uthi banohlelo lokusondeza imishanguzo kubantu besebenzisa amahholo omphakathi, imitapo yolwazi, izinkantolo namakhemisi endawo.
Lokhu kwenza kube lula ukuthi abantu balande imishanguzo yesifo sikashukela, umfutho wegazi ophezulu (high blood) neminye.
“Ukuze abantu bathole ulwazi ngalolu hlelo, sicela baxhumane nemitholampilo eseduze nabo.”