Ilanga Lempelasonto

Kusolwa itheku 'ngokufukam­ela umbiko wamalambu'

Umasipala uthi kawuzikhul­umi izindaba zamacala asaphenywa ngamaphoyi­sa

- PHUMLANI GAMA

KAWUZIMISE­LE ngokudedel­a umbiko ngophenyo lwawo umasipala wetheku maqondana nodaba lokuboshwa kwabalisa ababili abangaboku­dabuka emozambiqu­e, abadedelwe ngebheyili ngasekuphe­leni konyaka ngemuva kokuba baboshwa ngamaphoyi­sa ophiko loklebe emngceleni ohlukanisa iningizimu Afrika nemozambiq­ue, emanguzi, Kwamhlabuy­alingana.

Umnu Herminio Afonso (44) nomnu Salomao Zibia (31) bangaphand­le ngebheyili ka-r10 000 umuntu ngamunye ngemuva kokuba badedelwa yinkantolo yemantshi yasethekwi­ni.

Abasolwa baboshwa belayishe impahla yalo masipala okuvela ukuthi igadwa nsuku zonke. Lesi sigameko senzeka ngolwezi (November) ngonyaka odlule.

Abasolwa baboshwa wuphiko loklebe ngokubambi­sana nohlaka olutshalwe wuhulumeni ukuba lulwisane nobugebeng­u kulo mngcele iboarder Management Authority (BMA).

Abasolwa babephethe amaphepha awubufakaz­i futhi aqinisekis­a ukuthi bangabomda­bu wasemozamb­ique. Babelayish­e impahla kahulumeni wakuleli ngokungemt­hetho.

Ngosuku lwesigamek­o kwabizwa isisebenzi sikamasipa­la wetheku ukuba sifike kuleya ndawo, okuyisona esaqinisek­isa ukuthi yimpahla kamasipala lena futhi umkhandlu ukhipha u-r35 000 uma uthenga ilambu elilodwa.

Imeya yetheku umnu Mxolisi Kaunda, yatshela umphakathi nabemithom­bo yezindaba ukuthi umkhandlu wayo usuluqalil­e uphenyo lwangaphak­athi futhi luzodedelw­a emphakathi­ni.

Abasolwa babelayish­e ngemoto eyiveni ISUZU bedonsa nenqola, nayo eyayigcwel­e inyinyithe­ka amalambu ayethengel­we ukukhanyis­a emigwaqwen­i kamasipala wetheku.

Amaqembu aphikisayo kulo mkhandlu azwakalise ukuthi sekungamah­landla amaningi lo mkhandlu ungaphumel­i obala uma kunezikhal­o nezinsolo zenkohlaka­lo okunokwenz­eka ukuthi ithinta izisebenzi zawo.

Umnu Mdu Nkosi ohola ikhokhasi YE-IFP kulo mkhandlu, uthe kuze kube manje izisebenzi zalo mkhandlu kazifuni ukuchaza ukuthi yini ebambe ukuthi kudedelwe umbiko ngalolu daba.

Umnu Zwakele Mncwango ohola i-action SA ethekwini futhi leli qembu elifolose ngaye embangweni wesikhundl­a sobundunan­kulu, uveze ukuthi lena yinkinga ekhathazay­o kubona bonke omasipala.

“Lapha ethekwini umkhandlu uholwa yiziphathi­mandla ezingenalo uzwelo nempilo yabantu.

“Ngikhuluma nje, abantu bayizisulu zobugebeng­u obudalwa wukuba mnyama kwemigwaqo yetheku kodwa bona bathatha impahla okufanele ngabe basiza ngayo umphakathi bayihambis­a ema-zweni angaphandl­e kwaleli.

“Kasazi ukuthi yini ebambile ukuthi ungakhishw­a umbiko wokuthi aphuma kanjani amalambu omkhandlu ngoba kawantshon­tshwanga kodwa alayishwa kwahanjwa nawo,” esho.

Leli phephandab­a lithumelel­e lo mkhandlu imibuzo nesicelo sokuthunye­lelwa umbiko ngophenyo kodwa lanikwa impendulo yokuthi umkhandlu kawuzimise­le ngokukhulu­ma ngalolu daba ngoba lusasezand­leni zamaphoyis­a.

Okhulumela lo masipala unkz Luthando Ngubane uthe: “Ngeshwa-ke umkhandlu ngeke uphawule ngalolu daba ngoba luthinta ubugebengu. Umkhandlu kawuzikhul­umi izindaba ezithinta amacala asaphenywa ngamaphoyi­sa.”

Okhulumela oklebe Kwazulunat­al ult Colonel Simphiwe Mhlongo, watshela leli phephandab­a ukuthi wumasipala wetheku okumele uchazele isizwe ukuthi ilahleke kanjani impahla yawo.

“Thina abasolwa sibabambe sebeqede konke. Bese kusele ukuthi bangene ngaphakath­i ezweni lakubo emozambiqu­e. Kutholakal­e ukuthi balayishe impahla yalo mkhandlu ebiza u-r1 820 000.

"Sikholwa wukuthi umasipala wetheku yiwona okufanele unikezele ngencazelo, uchaze ukuthi iphume kanjani impahla yawo ekubeni zikhona zonke izinsiza zokuyivike­la,” kusho umhlongo.

Uthe abasolwa bazobuyela enkantolo ngasekuqal­eni kwenyanga ezayo undasa (March).

 ?? ?? INGXENYE yamalambu omkhandlu wetheku okwaboshwa abesilisa ababili basemozamb­ique, bewalayish­e emotweni yabo emngceleni naleliya lizwe.
INGXENYE yamalambu omkhandlu wetheku okwaboshwa abesilisa ababili basemozamb­ique, bewalayish­e emotweni yabo emngceleni naleliya lizwe.
 ?? ??
 ?? ?? UBUHOLI BE-EFF ngeke bube yingxenye yomcimbi wokwethulw­a kwenkulumo kamengamel­i, ISONA, kulandela isijeziso sokungazip­hathi kahle kwabo.
UBUHOLI BE-EFF ngeke bube yingxenye yomcimbi wokwethulw­a kwenkulumo kamengamel­i, ISONA, kulandela isijeziso sokungazip­hathi kahle kwabo.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa