Kusolwa itheku 'ngokufukamela umbiko wamalambu'
Umasipala uthi kawuzikhulumi izindaba zamacala asaphenywa ngamaphoyisa
KAWUZIMISELE ngokudedela umbiko ngophenyo lwawo umasipala wetheku maqondana nodaba lokuboshwa kwabalisa ababili abangabokudabuka emozambique, abadedelwe ngebheyili ngasekupheleni konyaka ngemuva kokuba baboshwa ngamaphoyisa ophiko loklebe emngceleni ohlukanisa iningizimu Afrika nemozambique, emanguzi, Kwamhlabuyalingana.
Umnu Herminio Afonso (44) nomnu Salomao Zibia (31) bangaphandle ngebheyili ka-r10 000 umuntu ngamunye ngemuva kokuba badedelwa yinkantolo yemantshi yasethekwini.
Abasolwa baboshwa belayishe impahla yalo masipala okuvela ukuthi igadwa nsuku zonke. Lesi sigameko senzeka ngolwezi (November) ngonyaka odlule.
Abasolwa baboshwa wuphiko loklebe ngokubambisana nohlaka olutshalwe wuhulumeni ukuba lulwisane nobugebengu kulo mngcele iboarder Management Authority (BMA).
Abasolwa babephethe amaphepha awubufakazi futhi aqinisekisa ukuthi bangabomdabu wasemozambique. Babelayishe impahla kahulumeni wakuleli ngokungemthetho.
Ngosuku lwesigameko kwabizwa isisebenzi sikamasipala wetheku ukuba sifike kuleya ndawo, okuyisona esaqinisekisa ukuthi yimpahla kamasipala lena futhi umkhandlu ukhipha u-r35 000 uma uthenga ilambu elilodwa.
Imeya yetheku umnu Mxolisi Kaunda, yatshela umphakathi nabemithombo yezindaba ukuthi umkhandlu wayo usuluqalile uphenyo lwangaphakathi futhi luzodedelwa emphakathini.
Abasolwa babelayishe ngemoto eyiveni ISUZU bedonsa nenqola, nayo eyayigcwele inyinyitheka amalambu ayethengelwe ukukhanyisa emigwaqweni kamasipala wetheku.
Amaqembu aphikisayo kulo mkhandlu azwakalise ukuthi sekungamahlandla amaningi lo mkhandlu ungaphumeli obala uma kunezikhalo nezinsolo zenkohlakalo okunokwenzeka ukuthi ithinta izisebenzi zawo.
Umnu Mdu Nkosi ohola ikhokhasi YE-IFP kulo mkhandlu, uthe kuze kube manje izisebenzi zalo mkhandlu kazifuni ukuchaza ukuthi yini ebambe ukuthi kudedelwe umbiko ngalolu daba.
Umnu Zwakele Mncwango ohola i-action SA ethekwini futhi leli qembu elifolose ngaye embangweni wesikhundla sobundunankulu, uveze ukuthi lena yinkinga ekhathazayo kubona bonke omasipala.
“Lapha ethekwini umkhandlu uholwa yiziphathimandla ezingenalo uzwelo nempilo yabantu.
“Ngikhuluma nje, abantu bayizisulu zobugebengu obudalwa wukuba mnyama kwemigwaqo yetheku kodwa bona bathatha impahla okufanele ngabe basiza ngayo umphakathi bayihambisa ema-zweni angaphandle kwaleli.
“Kasazi ukuthi yini ebambile ukuthi ungakhishwa umbiko wokuthi aphuma kanjani amalambu omkhandlu ngoba kawantshontshwanga kodwa alayishwa kwahanjwa nawo,” esho.
Leli phephandaba lithumelele lo mkhandlu imibuzo nesicelo sokuthunyelelwa umbiko ngophenyo kodwa lanikwa impendulo yokuthi umkhandlu kawuzimisele ngokukhuluma ngalolu daba ngoba lusasezandleni zamaphoyisa.
Okhulumela lo masipala unkz Luthando Ngubane uthe: “Ngeshwa-ke umkhandlu ngeke uphawule ngalolu daba ngoba luthinta ubugebengu. Umkhandlu kawuzikhulumi izindaba ezithinta amacala asaphenywa ngamaphoyisa.”
Okhulumela oklebe Kwazulunatal ult Colonel Simphiwe Mhlongo, watshela leli phephandaba ukuthi wumasipala wetheku okumele uchazele isizwe ukuthi ilahleke kanjani impahla yawo.
“Thina abasolwa sibabambe sebeqede konke. Bese kusele ukuthi bangene ngaphakathi ezweni lakubo emozambique. Kutholakale ukuthi balayishe impahla yalo mkhandlu ebiza u-r1 820 000.
"Sikholwa wukuthi umasipala wetheku yiwona okufanele unikezele ngencazelo, uchaze ukuthi iphume kanjani impahla yawo ekubeni zikhona zonke izinsiza zokuyivikela,” kusho umhlongo.
Uthe abasolwa bazobuyela enkantolo ngasekuqaleni kwenyanga ezayo undasa (March).