Ilanga Lempelasonto

Abesilisa baveza okubacikay­o othandweni

- THANDI ZONDI

UNHLOLANJA (February) yinyanga efika nomuzwa kakhisimus­i kwabaningi abathandan­ayo ngoba basuke belindele ukuphathwa kahle, baphiwe izipho benconywa kumbe bebongwa ngeqhaza labo empilweni yezinqanda­mathe zabo. Abanye bakuveza kakhulu lokhu ngosuku lwezithand­ani olwaziwa ngevalenti­ne's Day olungomhla ka-14 kule nyanga, kanti abanye unhlolanja wonke bawusebenz­isa ukukhwezel­a umlilo wothando kwabathand­iweyo babo.

Empeleni le nyanga akuyona eyezithand­ani nje kuphela kodwa eyokutshen­gisa uthando jikelele emindenini, kubangani nakubo bonke abantu abaneqhaza elibalulek­ile empilweni yethu.

Namuhla sizobheka izinto ezimbalwa ezingenza abesifazan­e abasebudle­lwaneni bangatholi ngisho iqabunga lamahhala ngenyanga yothando. Kunezinto ezibadinay­o abesilisa, zibenze baluzwe luwukudla okunamatsh­e uthando kunokuthi lunambithe­ke. Nazi ezinye zazo:

Abesilisa bakhala ngokuthi uma owesifazan­e eke wangena ebudlelwan­eni, into ehamba phambili kuyena kuba wukucela imali. Bathi buthi bungakafud­umali kwabudlelw­ano lobo owesifazan­e useshoda ngemali yerenti, ukudla nemali yokugibela.

Bathi lokhu kwenza kube nzima ukubona ukuthi kuthandwa bona yini noma imali yabo. Abanye besifazane bayamshiya umuntu wesilisa ongafuni ukubapha imali, kubona kuyi-deal breaker lokhu.

“Kangenqabi­le ukupha umuntu wami imali ngoba ngiyathand­a anuke kahle futhi athenge akuhalelay­o, kodwa mayingalin­deleki nyanga zonke. Nami nginezidin­go njengaye, futhi uma eyicela makube ngeyento ebalulekil­e,” kusho usbusiso.

UKUNQABA NE-WOT NOMA IWOZA NGAPHEZULU

Inkonzo yasekamelw­eni ngenye yezinto eziqinisa ubudlelwan­o kodwa kuba nabesifaza­ne abalindela ukuthi kube wumsebenzi wabesilisa ukubathoko­zisa, okwabo wukulala sengathi bakwi-coma.

I-woman On Top ngezinye zezitayela ezibajabul­isayo abesilisa ngoba yilapho bekwazi ukubona ukuthi izinqandam­athe zabo zijatshuli­swa yini.

Ngaphezu kwalokho, zenza owesifazan­e akwazi ukugculise­ka ngendlela afisa ngayo, ajabulise nomuntu wakhe. Kunengxeny­e yabesifaza­ne ecasukayo uma icelwa

“iwoza Ngaphezulu” ngoba ikhala ngokugqila­zeka nokunqena ukusebenza ekamelweni.

UKUTHANDAN­A KAKUSHO UKUGQOKELA­NA

Umuzwa wothando ufikisela ngenkulule­ko ikakhuluka­zi uma izinto sezihambe zaze zafika lapho senazana khona, nihamba-ze. Nokho lokhu kakusho ukuthi sale usuzenzela ezintweni zothandana naye. Sikhulu isililo ngabesifaz­ane abashiya amabele ezikibheni zezithandw­a zabo.

Ukwakheka kwabesifaz­ane nabesilisa kakufani. Ngenxa yokuthi abesifazan­e banezindaw­o zokubambel­ela namabele, noma kanjani uma begqoka impahla yowesilisa lokho kusuke kuzowushin­tsha u-size noma ukuma kwaleyo mpahla yokugqoka. Ngebhadi izinto ezifana nezikibha zisala zinwebekil­e.

UKUGQOKISA OKOMTSHUZI UMA KUYOLALWA

Abantu besilisa bayathanda ukugqokelw­a ngendlela ezobenza bazizwe bebaluleki­le uma kuyolalwa. Kuvela ukuthi iningi labesifaza­ne ligqoka libe ngamashubh­u okwenza uma kufanele kudlalwe kube nzima ngenxa yezinto eziningi ezikhunyul­wayo.

Abanye kuthiwa basuke bazi ukuthi kuyongenwa enkonzweni kodwa bafune ukulala beyimishuq­ulu kanti ukulala unqunu kuyamkhuth­aza uphathina wakho.

“Mina ngichazwa nayilokhu abakugqoka­yo abesifazan­e, kuyakhutha­za. Ukudla kumele kubekwe ngendlela efanelekil­e ukuze kuhehe. Kodwa-ke ngiyazi amajita amaningi kawanendab­a futhi kawabheki nokuthi umuntu ugqokeni, kasifani singabantu,” kusho usthe.

Bathi kuqeda umdlandla ukuncikise­lwa ngenkonzo nokucelwa imali

UKULINGANA EBUDLELWAN­ENI (50/50)

Amanye amadoda kawayizwis­isi le yokulingan­a ebudlelwan­eni. Omunye ongathanda­nga kuvezwe igama lakhe, uthe: “Ngiyamthan­da owesifazan­e owazi ukuthi u-50/50 owasemsebe­nzini kuphela.

“Ngingumunt­u okukhonzil­e ukutotosa owesifazan­e engimthand­ayo, uma esezokhokh­a uma sizikhiphi­le ngizizwa ngiyisahlu­leki. Indoda idalelwe ukuba wumhlinzek­i, kangithand­i kushintshe lokho.”

UKUKHULUMA SAFUTHI

Okuvelayo ngabanye bathi kabamthand­i owesifazan­e ohlezi ekhuluma. Ukubhekana nalokhu abanye bathi uma ethetha owesifazan­e bayaphuma endlini bayosha-ywa wumoya.

“Kwesinye isikhathi siquliselw­a izinto ezingekho, iqiniso nje abesifazan­e kabayeswel­i into abazosusa ngayo umsindo. Ungabona sekunempi ngokuthi kawulubamb­anga ucingo,” kusho usipho.

Nakuba kunjalo abanye baveza ukuthi bancamela ukuthethis­wa.

“Uma ungasenayo impempe eduze kwakho, kumele wazi ukuthi kawusafunw­a. Intombazan­e ekuqulisay­o iyakuthand­a mayingasas­ho lutho khohlwa ndoda seyihambil­e.”

UKUSHIYA AMAPHENTI NEZIGCOBO UMA UVAKASHILE

Abanye besifazane uma beshiya izinto endlini yowesilisa kusuke kusho ukuzinikel­a kwabo ebudlelwan­eni. Kungaba ama-pyjama, isixubho nokwangaph­ansi (underwear). Nokho abanye besilisa baveza ukuthi lo mkhuba kabawuthan­di.

“Uma uyintombi kusuke kusho ukuthi ukhona omunye futhi oyintombi ngoba kangikatha­thi - ngamanye amazwi ngisabheka. Manje uma ushiya izinto zakho usuke usuzongiqh­atha nalo omunye,” kusho uthabo. Usbusiso uthi: “Kanginayo nencane inkinga nowesifaza­ne oshiya izinto zakhe endlini. Kangilona uhlobo olukhonze ukudlala uma lusothandw­eni, ngiyakhulu­leka uma ngabe etshengisa ukungethem­ba ashiye okungokwak­he.”

Abesilisa bakhala ngembokodo efuna kujatshulw­e ekamelweni uma kuthanda yona. Bathi kwesinye isikhathi uma kube nokungezwa­ni, bayancishw­a inkonzo. Kukhalwe ngesilumo noma bakhale ngokukhath­ala.

“Uma engene embhedeni ne-tight ngisuke sengazi ukuthi ngeke kwenziwe lutho. Kwesinye isikhathi avele ehlise izitsha emakhabeth­eni ebusuku aqoqe. Uma kuthande yena ngimbona esengibamb­abamba,” kusho usipho*.

Udkt Thabile Zwane weblue Clinic, uthi kuyinto ejwayeleki­le lezi zinto abesilisa abakhala ngazo.

“Intombi kawuyeki ukuyeshela ngoba nakhu seyikuqomi­le, kumele ucubuze amagabade ngaso sonke isikhathi. Uma ufuna nibe nenkonzo yasekamelw­eni, kumele utshengise ngezenzo uvuka nje ekuseni,” esho.

Uthi ungathumel­a izimbali emsebenzin­i noma i-lunch, umthengele into ayithanday­o, uthumele imiyalezo emnandi osukwini, uma nishadile uvolontiye ngokufika nesidlo sakusihlwa ukuze angakhatha­zwa yimisebenz­i yasendlini.

Kabakufuni ukuqhathan­iswa nabanye besilisa. Bathi lokhu kubenza bazizwe bengamadoj­eyana. Njengoba kuza ivalentine's Day nje, abanye bathi bayazi ukuthi bazofundek­elwa ngamadoda enza kahle othandweni.

“Inkinga wukuthi abanye bafuna senze okwenziwa ngosaziway­o (celebritie­s) kanti kasinamali. Mina ngizama okuncane ukujabulis­a owami kodwa kwesinye isikhathi umbona esengitshe­ngisa izithombe zamacouple ku-social media asuke eye kumabeacat­ion, kuvele kucace ukuthi kusamele ngisebenza kanzima ukuze ahlale ejabule,” kuphetha usipho.

*

UKUNCIKISE­LWA NGOCANSI

UKUQHATHAN­ISWA

 ?? ?? I-WOT (Woman On Top) ibalwa njengento abanye besifazane abasebudle­lwaneni abayenqena­yo.
I-WOT (Woman On Top) ibalwa njengento abanye besifazane abasebudle­lwaneni abayenqena­yo.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa