Wasungula ibhizinisi efunda umatikuletsheni
Uliqale ngemali ayeyiboleke kubangani
UKHOLWA wukuthi akuwona wonke umuntu empilweni odalelwe ukuphumelela ngemfundo. Abanye abantu baphila ngamakhono abo, abanye baziphilisa ngebhizinisi.
Yingakho umnu ubuhle Gotsha, oneminyaka ewu-18, esungule i-ericsson Dorra eyenza amawashi esafunda umatikuletsheni ngo-2022 ngoba ekholwa wukuthi imfundo 'akusiyo into yakhe'.
Elandisa umbele ngebhizinisi lakhe, ugotsha, wakwa-j, emlazi, eningizimu yetheku, uthe: “Ngingumuntu othanda ukuvelela kuyona yonke into engiyenzayo nothanda ukwenza izinto ezihlukile futhi okuqondayo ukuthi empilweni ngeke siphumelele ngendlela efanayo.”
Uthi wabona ukuthi ngisho angaphasa umatikuletsheni ngamalengiso, agcina ewuphasile, kwakungeke kumsize ngalutho empilweni ngoba wayengenanhloso yokuqhubeka nemfundo enyuvesi.
“Ngaqala lapho ngizihlupha ngokucwaninga ngohlobo lwebhizinisi elihlukile engingaliqala. Ngabona ukuthi bambalwa abantu abenza amawashi kuleli zwe, ngaqala kanjalo ngisebenzisa iyoutube ukuthola ulwazi,” esho.
Inkampani uyiqambe ngamagama abazali bakhe, u-eric, uyise osashona, nonina udorratheo. Lokho wakwenzela ukuzikhuthaza ngakho ukuze kuthi noma kufika izikhathi zobunzima angadikibali.
“Bengazi ukuthi ngeke kuhlale kulula njengoba ngisho ngisa-qala kungabanga lula. Ngaphoqeleka ukuboleka enye imali kubangani, ngasebenzisa enye engangiyibeka ukuhlanganisa u-r20 000 owawudingeka ukwenza iwashi lokuqala kubantu engase ngibatholile ukungenzela,” kulanda yena.
Uthi wayekuqonda kahle ukuthi kungenzeka icwile le mali uma izinto zingahambi kahle kodwa waphokophela kunjalo ngoba ekholwa wukuthi ukuzimisela nokuphokophela kuzala impumelelo. “Akulula futhi akuhlale kumnandi ngoba kwesinye isikhathi kuyenzeka ngidayise amawashi ayisihlanu noma ngingadayisi ngisho elilodwa inyanga yonke, nokuthi abantu abangenzelayo bayabiza kakhulu,” kusho ugotsha. Usebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhumana ukukhangisa ibhizinisi, axhumane nabantu abanabalandeli abaningi abakhokhele ukukhangisa ibhizinisi lakhe emakhasini abo ukuheha amakhasimende. Ubiza u-r850 iwashi ngalinye. Ngozibandlela (December) ngonyaka odlule uthi wake wayikha ngamafosholo imali njengoba kunesonto adayisa ngalo amawashi awu-14 ngalo. “Inhloso yami wukuba nesitolo esi-online ukwenza kube lula ukudayisa amawashi ami kubantu abakude nami bese ngiqasha abantu abazongisiza ngamasu nezindlela zokumaketha ibhizinisi lami ezweni,” kuphetha ugotsha. Uyatholakala nakwifacebook: Buhle Gotsha.