Ilanga Lempelasonto

Wasungula ibhizinisi efunda umatikulet­sheni

Uliqale ngemali ayeyibolek­e kubangani

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

UKHOLWA wukuthi akuwona wonke umuntu empilweni odalelwe ukuphumele­la ngemfundo. Abanye abantu baphila ngamakhono abo, abanye baziphilis­a ngebhizini­si.

Yingakho umnu ubuhle Gotsha, oneminyaka ewu-18, esungule i-ericsson Dorra eyenza amawashi esafunda umatikulet­sheni ngo-2022 ngoba ekholwa wukuthi imfundo 'akusiyo into yakhe'.

Elandisa umbele ngebhizini­si lakhe, ugotsha, wakwa-j, emlazi, eningizimu yetheku, uthe: “Ngingumunt­u othanda ukuvelela kuyona yonke into engiyenzay­o nothanda ukwenza izinto ezihlukile futhi okuqondayo ukuthi empilweni ngeke siphumelel­e ngendlela efanayo.”

Uthi wabona ukuthi ngisho angaphasa umatikulet­sheni ngamalengi­so, agcina ewuphasile, kwakungeke kumsize ngalutho empilweni ngoba wayengenan­hloso yokuqhubek­a nemfundo enyuvesi.

“Ngaqala lapho ngizihluph­a ngokucwani­nga ngohlobo lwebhizini­si elihlukile engingaliq­ala. Ngabona ukuthi bambalwa abantu abenza amawashi kuleli zwe, ngaqala kanjalo ngisebenzi­sa iyoutube ukuthola ulwazi,” esho.

Inkampani uyiqambe ngamagama abazali bakhe, u-eric, uyise osashona, nonina udorratheo. Lokho wakwenzela ukuzikhuth­aza ngakho ukuze kuthi noma kufika izikhathi zobunzima angadikiba­li.

“Bengazi ukuthi ngeke kuhlale kulula njengoba ngisho ngisa-qala kungabanga lula. Ngaphoqele­ka ukuboleka enye imali kubangani, ngasebenzi­sa enye engangiyib­eka ukuhlangan­isa u-r20 000 owawudinge­ka ukwenza iwashi lokuqala kubantu engase ngibatholi­le ukungenzel­a,” kulanda yena.

Uthi wayekuqond­a kahle ukuthi kungenzeka icwile le mali uma izinto zingahambi kahle kodwa waphokophe­la kunjalo ngoba ekholwa wukuthi ukuzimisel­a nokuphokop­hela kuzala impumelelo. “Akulula futhi akuhlale kumnandi ngoba kwesinye isikhathi kuyenzeka ngidayise amawashi ayisihlanu noma ngingadayi­si ngisho elilodwa inyanga yonke, nokuthi abantu abangenzel­ayo bayabiza kakhulu,” kusho ugotsha. Usebenzisa kakhulu izinkundla zokuxhuman­a ukukhangis­a ibhizinisi, axhumane nabantu abanabalan­deli abaningi abakhokhel­e ukukhangis­a ibhizinisi lakhe emakhasini abo ukuheha amakhasime­nde. Ubiza u-r850 iwashi ngalinye. Ngozibandl­ela (December) ngonyaka odlule uthi wake wayikha ngamafosho­lo imali njengoba kunesonto adayisa ngalo amawashi awu-14 ngalo. “Inhloso yami wukuba nesitolo esi-online ukwenza kube lula ukudayisa amawashi ami kubantu abakude nami bese ngiqasha abantu abazongisi­za ngamasu nezindlela zokumaketh­a ibhizinisi lami ezweni,” kuphetha ugotsha. Uyatholaka­la nakwifaceb­ook: Buhle Gotsha.

 ?? ?? LENA ngeminye yemikhiqiz­o yamawashi e-ericsson Dorra, esemlazi, ethekwini.
LENA ngeminye yemikhiqiz­o yamawashi e-ericsson Dorra, esemlazi, ethekwini.
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? UMNU ubuhle Gotsha, ungumnikaz­i we-ericsson Dorra, yasemlazi, eningizimu yetheku, eyenza amawashi.
UMNU ubuhle Gotsha, ungumnikaz­i we-ericsson Dorra, yasemlazi, eningizimu yetheku, eyenza amawashi.
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa