Ilanga Lempelasonto

UMASIPALA WETHEKU MAWUNQUME IZIHLAHLA NOTSHANI EMIGWAQWEN­I

-

MHLELI: Nakhu konakala kube kungalungi­swa.

Uhulumeni ophethe umasipala wetheku udembesela ukusikwa kotshani nezihlahla ikakhuluka­zi lezi zokufika.

Utshani obungasikw­a busebuncan­e futhi bungaqoqwa noma sebusikiwe, bungazidal­a izinkinga ekulimazen­i umgwaqo ikakhuluka­zi owakhiwe ngetiyela. Utshani obumila emgwaqweni bunamandla okulimaza itiyela.

Utshani obusikwe bangaqoqwa bungagugul­wa ngamanzi bese bungena emapayipin­i amanzi nasemihosh­eni okungagcin­a ngokuthi kuvaleke amapayipi (drainage system).

Lokhu-ke kungaholel­a kwinhlekel­ele. Izihlahla-ke zona ezingewona umsinsi kuleli zingumbula­lazwe uqobo ngoba zimila kalula nangokushe­sha, ubusika nehlobo futhi zinembewu esabalala kalula.

Esinye sazo sithi masifane nse nokotaphey­a amahlamvu aso.

Lesi kasifuni uze utshale imbewu, sinempande ekwazi ukujika imile. Lesi esinye siqhakaza imbewu enombala ophuzi, eqhakaza bese iqhuma isakazeke ngokushesh­a ngoba iphephuka kalula.

Lezi zihlahla bezinqunyw­a kudala ngenhloso yokuziqeda.

Kazisanqun­ywa muva nje, kangazi noma kwalabo ababhekele­le lo msebenzi (kabasekho) noma yindab’ endala yokungabi khona kwemali ehlinzekel­we lo msebenzi.

La kwelakithi kunalo mkhuba wokuthi izinto zingalungi­swa kuseyisikh­athi.

Ukungazilu­ngisi izinto kungaba nomthelela kwizinhlek­elele zamanzi kanti futhi kuyamosha nakwinkece ngoba kuba sengathi kuqalwa phansi.

Iziphathim­andla mazifunde ukwenza umsebenzi ngokohlelo, zingalindi into ize ife kumbe kube nenhlekele­le.

Mabunqunyw­e utshani bese buyabuthwa buyolahlwa endaweni efanele.

Indawo yokulahla utshani nezihlahla esisuke sikusike emakhaya mayibe khona nasezindaw­eni zabampisho­lo ukuze imfucuza iqoqeke.

Makungabi sengathi sisaphila ngesikhath­i sobandlulu­lo lapho izindawo zemfucuza zazisezind­aweni zabamhloph­e kuphela.

Ukungabi khona kwendawo yokulahla imfucuza esondelene nendawo yabampisho­lo kwenza abantu ubone sebelahla udoti eduze komuzi othile.

Mazinqunyw­e izihlahla zokufika ngoba zicindezel­a imvelo yethu. Thina sikhule kunezihlah­la okwakuthiw­a ‘unsangwana’ ‘nomhlakuva’.

Lezi zihlahla zabulawa ngoba zazivala indawo yezihlahla esizidinga­yo. Ngiyacela ukuba zinqunywe izihlahla zokufika, kakade zakhelwe ukuthi zizocindez­ela ezethu. Zakhiwa ngusathane wakhona la emhlabeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa