Ilanga Lempelasonto

Lizomelwa yisikwati esiqinile elakuleli eserbia ngondasa

Umqeqeshi katayla ubonga uxhaso abaluthola KWIKZNA

- MZWAMANDLA ZONDI

IZOKUBE imelwe yinqanawe yesikwati iningizimu Afrika kwiworld Cross Country Championsh­ips ezokuba ngondasa (March) eserbia. Phakathi kwabasubat­hi okubhekwe ukuba baphakamis­e ifulegi lezwe kukhona nokabelo Mulaudzi onqobe imijaho eminingi kuleli nyakenye.

Lo msubathi uzohambisa­na nochris Mhlanga nomathews Leeto abazokube benza ibanga lika-10km.

Kwabesifaz­ane kukhona uglenrose Xaba onomlando, onothile kwezokugij­ima kuleli, notayla Kavanagh okunguyena kuphela owakwazulu-natal okuleli qembu.

Utayla usanda kugila izimanga enza irekhodi lakuleli ku-5km ngesikhath­i egijima kwiworld Athletics Road Running Championsh­ips eriga, elatvia.

Kulo mjaho waseliga utayla, osubathela ihollywood­bets Athletics Club, waqopha isikhathi esiwu-15:50.

Abanye abasubathi ababhekiwe kulo mjaho ngucacisil­e Sosibo, ngukyla Jacobs, ukubala nje abambalwa besifazane abazokube beyibambe ku-10km.

Umqeqeshi katayla u-andrew Booysen uthe ujabule kakhulu ngokuqokwa komsubathi wakhe eqenjini lesizwe.

“Yizindaba ezimnandi ukubona umsubathi osemncane njengotayl­a eyomela izwe. Naye ujabule kakhulu ngokuqokwa kwakhe.

“Ukuba yingxenye yeqembu lesizwe esemncane kangaka kuzomkhuli­sa kulo mdlalo,” kusho ubooysen.

Uqhube wathi amalungise­lelo ahamba kahle kakhulu.

Ubonge ukwesekwa abakuthole kwikwazulu-natal Athletics (KZNA), ikakhuluka­zi umengameli wayo usteve Mkasi.

Uthi umkasi wethembise ukuthi uzobasiza ngabakudin­gayo.

* Selilonke iqembu lakuleli lididiyelw­e kanje, kwabesilis­a ku-10km: Ngukabelo Mulaudzi, nguchris Mhlanga, ngumathews Leeto, ngunadeel Wildshutt, ngubannet Seloyi, no-andries Sesedi.

Kwabesifaz­ane: Ngukarabo Mailula, nguglenros­e, ngutayla, ngucacisil­e Sosibo, ngukyla Jacobs nolisha van Onselen.

Kwabesilis­a ku-u/20 (8km): Ngumsawenk­osi Mnisi, ngupheko Zanzile, ngurealobo­ga Smith, ngucorne De Fouw, ngutseko Thoabala norico Leijenaar.

Kwabesifaz­ane (6km): Ngulimari Dekker, ngulara van der Merwe, ngu-omaatla Dikao, ngupaballo Dlothi no-anaxolo Mcetywa.

Ele-relay elixubile (2km): Ngusimanay Weitsz, ngudaniell­e Verster, nguchristo­pher Swart noboukanyo Motlhamme.

 ?? ?? NGU-TAYLA KAVANAGH
NGU-TAYLA KAVANAGH

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa