Ilanga Lempelasonto

UNCOMA USHINTSHO OLUBONAKAL­A EZWENI

- BHEKI NDLOVANA bhekin@ilanganews.co.za

UMENGAMELI wezwe umnu Cyril Ramaphosa uncome uhulumeni WE-ANC ngenqubeke­la phambili ebonakalay­o emizameni yokukhulis­a umnotho, ukudala amathuba emisebenzi nokunciphi­sa ububha.

Uthembise nokuthi bazoqhubek­a nokwakha umnotho ohlomulisa wonke umuntu, futhi bagxile ekuthuthuk­isweni kwabantu abamnyama nabesifaza­ne baseningiz­imu Afrika, baphinde bathuthuki­se namalungel­o ezisebenzi.

Uramaphosa usho lokhu ngesikhath­i ethula inkulumo mayelana nesimo sezwe ephalamend­e ecape Town ngolwesine ebusuku.

Uchaze iminyaka eyisihlanu edlule ngokuthi ibe ngeyesikha­thi sokwakhiwa kabusha nokuvusele­lwa kwezwe.

Wethembise isizwe ukuthi bazoqhubek­a nokuqinisa izikhungo zezomtheth­o babhekane nodlame olubhekisw­e kwabesifaz­ane futhi balwe nenkohlaka­lo ukuze kuphuculwe iningizimu Afrika ibe yindawo ephephile yawo wonke umuntu.

Uthi kule minyaka edlule kudingeke ukuba basebenze kanzima ukulungisa umonakalo owenziwe yilabo abasolwa ngokuqhwag­a amandla ombuso.

“Kuye kwadingeka ukuthi sivuselele umnotho wethu ngemuva kweminyaka engaphezu kweshumi yokusebenz­a kabi kwawo. Kudingeke ukuthi sakhe kabusha izikhungo zethu zikahulume­ni ngemuva kwesikhath­i sokuqhwagw­a kombuso,” kusho uramaphosa.

Kuyo le minyaka eyisihlanu edlule, uthi baphinde basebenza ukuthuthuk­isa amalungelo abantu abakhubaze­kile. Ubalule indaba yabantu abakhuluma ngezandla, wathi: “Siyaziqhen­ya kakhulu ngokwenza ulimi olukhuluma ngezandla lube wulimi luka-12 olusemthet­hweni ezweni lethu.”

Uramaphosa uphinde wathi benze nesiqinise­ko sokuvikela inkululeko yabezindab­a nokuzimela kophiko lwezobulun­giswa.

Uthi bavikele baphinde bathuthuki­sa amalungelo alabo abathandan­a nabobulili obufanayo nobabo.

“Siyaqhubek­a nokulwa nazo zonke izinhlobo zokucwasa nokungabek­ezelelani,” esho.

 ?? ??
 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa