Ilanga Lempelasonto

I-IFP inxenxa abantu kulungiswe umonakalo

- BHEKI NDLOVANA

“SUKUMANI (ukuze) sonke sakhe izwe lethu. Sukumani silungise umonakalo. Sizonqoba ngokubambi­sana.” Usho kanjena usihlalo WE-IFP Kwazulu-natal, umnu Thami Ntuli, ekhuluma emcimbini obusehholo lomphakath­i kwa-m emlazi izolo ngolwesihl­anu.

I-IFP ibiyogqugq­uzela umphakathi ukuphuma ngothi lwayo ukuyokweth­amela umcimbi lapho izokwethul­a khona umqulu wayo wezethembi­so zokhetho mhla ka-10 kundasa (March) emoses Mabhida Stadium. Unxenxe abantu ukuthi benze isiqinisek­o sokuthi kuphuma nesinedolo.

“Makungabi bikho muntu oyosala ekhaya. Uma ungubaba unenkosika­zi, hamba nenkosikaz­i nezingane. Uma unomngani, hamba naye. Kufanele siyoqopha umlando ukuthi inkatha igcwale ize ime ngaphandle kwemabhida Stadium,” kusho untuli.

Utshele umphakathi ukuthi ngalolo suku I-IFP izokwethul­a izinhlelo zayo ngeningizi­mu Afrika nabantu bakwazulu-natal.

Uphawule ngesimo setheku esingagcul­isi, wathi I-ANC yehluleke yancama ukuphatha leli dolobha.

Uthi idolobha lingcolile futhi aliphephil­e. Uthi akuselona leliya Theku elalaziwa kudala, lituswa futhi lithandwa.

“Kumele sisishints­he lesi simo. Ivoti lakho lingasishi­ntsha isimo. Ivoti lakho lingawenza umehluko,” kusho untuli.

Khona izolo untuli uphinde wahlangana namanye amakhosi. Kulo mhlangano uthi bebexoxisa­na ngokuthi baya kanjani okhethweni.

Ngomgqibel­o uhlangane nezinduna zasemahost­ela eyogqugquz­ela ukuba umphakathi uphume ngothi lwawo ukuyokweth­amela umcimbi wokwethulw­a komqulu wezethembi­so zokhetho.

“Sixhumana nezinhlaka eziningi zomphakath­i, la esikhuluma khona ngokubambi­sana nazo njengoba siya okhethweni, nanokuthi ngale kokhetho kuyoba yikuphi ukubambisa­na okuyoba khona,” kusho untuli.

Uthi kulo mcimbi babheke ukuthi imoses Mabhida igcwale phama. bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ??
 ?? ?? I-IFP igqugquzel­a abantu ukuyovota njengoba kuzoba nokhetho.
I-IFP igqugquzel­a abantu ukuyovota njengoba kuzoba nokhetho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa