Ilanga Lempelasonto

KUKHALELWE OTHISHA BEZIKHATHI ZANAMUHLA

- PHUMLANI GAMA

UKHALELE othisha bezikhathi zanamuhla ngenxa yezinselel­o abasebenza ngaphansi kwazo usihlalo wesalga Kwazulu-natal umnu Thami Ntuli obuye abe yimeya yaseking Cetshwayo.

Untuli ubeyisikhu­lumi sosuku emcimbini wokuklonye­liswa kwabafundi abaphumele­le ngamalengi­so ezifundwen­i zanyakenye. Lo mcimbi ubuhlelwe wumasipala wasejozini ngolwesine.

Ethula inkulumo yakhe untuli uthe bafanelwe wukubongwa futhi babekwe emikhulekw­eni othisha ngenxa yengcindez­i ababhekana nayo kusukela kuqala unyaka kuze kube uyaphothul­wa.

“Othisha banamuhla bafundisa ngaphansi kwezimo ezibucayi. Baqashelwe ukufundisa kodwa esikhathin­i esiningi bayaye bazithole sebenza imisebenzi abangaqash­elwe yona. Kwesinye isikhathi bathola ukuhlukuny­ezwa ngabafundi abasebenza ngabo.

“Abanye bahamba amabanga amade ngoba befuna ukwenza isiqinisek­o sokuthi bathola imiphumela emihle. Ngikhuthaz­a ukuba lihlonishw­e iqhaza labo ngoba libaluleki­le emiphakath­ini,” esho.

Usiphamand­la Menyuka (20) obefunda elubhoko Comprehens­ive High School okuyisikol­e esisekuhle­hleni engwavuma, olale isithathu ejozini, utshele leli phephandab­a ukuthi usizwe wukufunda zonke izincwadi kuqala unyaka.

“Ngonhlangu­lana (June) besengiqed­ile ukufunda zonke izifundo zami. Ngikhuthaz­we yisimo sasekhaya engiphuma kulona. Ngihlala nogogo. Ubaba kangimazi. Isifiso sami wukuba ngiqhubeke nemfundo yami ukuze ngizoguqul­a isimo somuzi kagogo,” kusho lo mfundi.

Imeya yasejozini umnu Mfananaye Mathe ithe ngaphandle kwezinking­a ezikhona nje ezikoleni kodwa enye inkinga okufanele ibhekwe ngeyokuqok­wa kwamalungu ezigungu zezikole.

“Esikhathin­i esiningi kuqokwa umuntu nje ongenalo uthando lwemfundo. Ofika noma ngabe yinini esikoleni ezolawula uthishanhl­oko. Ngifisa ukuba ngihloniph­e umqondisi wezemfundo emkhanyaku­de umnu Mjozi Motha ngendondo nezinkomo ezimbili ukuze ezohlangan­a nothisha benze idili lomcimbi bazibusise ngenyama,” kusho umathe.

Umotha uthe umkhanyaku­de uzibekele umgomo wokuba uqhwakele kuzwelonke njengoba wenze lokho kulesi sifundazwe.

“Ukuhlekonk­e Khumalo ongowokuza­lwa kwaskhemel­ele obefunda emandla Mthethwa High School endumo, khona lapha ejozini, ubaqwaqwad­e bonke abafundi kuleli. Lo mfundi wenza isimanga ngesikhath­i kubhalwa iphepha lemaths waphakamis­a isandla wamisa ukubhalwa etshela uthisha ogadile ukuthi kunombuzo ongenayo impendulo kodwa kwabuye kwaqhutshe­kwa nokubhala. Kwaphunywa waqhubeka nokutshela othisha nothishanh­loko.

“Saphoqelek­a ukuba sixhumane nabeluleki balesi sifundo nangempela kwatholaka­la ukuthi kayikho impendulo kulo mbuzo. Kwabikwa ngalolu daba kwabezinda­ba ngakusasa thina sesivele sinolwazi ngenxa yokuthi sibusiswe ngohlobo lwabafundi abafana naye.

“Nakuba sisebenza ngaphansi kwezimo ezibucayi ngenxa yokungabi khona kwengqalas­izinda kodwa sizibekele imigomo yokuba siqhwakele kuzwelonke. Njengoba isifunda sethu sibizwa ngokuthi singenhla nesifundaz­we sifuna ukuthi nemiphumel­a yethu ihlale ingenhla.

“Imicimbi yalolu hlobo iyabakhuth­aza othisha nabafundi ngoba wonke umuntu usuke efuna ukuklonyel­iswa,” kuphetha umotha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa