Ilanga Lempelasonto

Kukhuthazw­e abangenzan­ga kahle ku-matric

Kuklonyeli­swe nabenze kahle, banikwa namazwi awumphako wendlela

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

IMEYA kumasipala umshwathi umnu Mandla Zondi, ithi kubaluleki­le ukuthi abazali babafundi bakamatiku­letsheni babe neqhaza abalibamba­yo ekulekelel­eni othisha ngabantwan­a babo abenza umatikulet­sheni. Isho lokhu emcimbini obubanjelw­e ebreeze Inn, ehhotela elikhona emshwathi, izolo ngolwesihl­anu, lapho iveze khona ukuthi uma abazali bebambisan­a nothisha lokho kubonakala emiphumele­ni yabafundi.

“Siyabonga kakhulu kubafundi bakamatiku­letsheni wangonyaka odlule ngokuseben­za kwabo ngokuzikha­ndla okungaka. Esiziqheny­a kakhulu ngakho wukuthi ezikoleni eziyishumi esizozibun­gaza, esokugcina kuzona sinamaphes­enti awu-91.5. Lokhu kusikhombi­sa ngokusobal­a ukuthi abafundi bakamatiku­letsheni wangonyaka odlule basebenze ngendlela emangalisa­yo,” kusho uzondi.

Imeya iphinde yaphonsela abafundi abangaphum­elelanga inselelo yokuthi bangalilah­li ithemba kepha bavuke bazithathe.

“Kakulahlwa mbeleko ngakufelwa, ngakho-ke sifisa bazi ukuthi zikhona izinhlelo zokulungis­a imiphumela yabo futhi bavumeleki­le nokuthi babuyele ezikoleni abebefunda kuzona, bayoqala phansi uma befuna ukwenza lokho,” kusho imeya.

Uzondi uthi kubaluleki­le ukuthi babe nezinhlelo ezinjengal­ezi ngoba uhulumeni uhambisa phambili imfundo futhi kubaluleki­le ukugqugquz­ela ukuzikhand­la kubafundi.

“Ukubungaza abafundi kubaluleki­le kanjalo nokuthi siphinde sisebenzis­e leli thuba ukubayala njengoba besuke sebeyoqala impilo abangayazi ezikhungwe­ni zemfundo ephakeme.

“Siyabanxus­a ukuba baziphathe kahle, bangafiki laphayana bakhohlwe yizimo ezahlukene abazishiye emakhaya. Siyazi ukuthi abafundi abaningi yilapho besuke bethola khona inkululeko nokuyaye

kube sekuholela ekutheni benze izinto ezingabafi­kisi ndawo,” kusho yena.

Kuphinde kwabungazw­a nabafundi abane abebefunda ngemifunda­ze ababeyinik­we yilo masipala kanti kuyimanje kunababili asebeyinik­iwe ngesikhath­i kusacutshu­ngulwa izicelo zabanye.

Unkk Nokukhanya Khanyile obefunda ngomfundaz­e walesi sikole, ukhuthaze abafundi ukungahamb­eli kude nomasipala noma kunolwazi abaludinga­yo.

Omunye wabafundi abahlonish­iwe kube nguzamasis­hi Madlala (18), obefunda emasijabul­ise High, othole amaphesent­i awu-100 kwihistory.

“Ngithathwe esikhungwe­ni semfundo ephakeme i-university of Kwazulu-natal, lapho ngiyokwenz­a khona izifundo zomthetho. Ngijabule kakhulu ukuthi umasipala usibungaze ngemiphume­la yethu esiyithole ngokuseben­za kanzima,” kusho yena.

Ube esekhuthaz­a abafundi abenza umatikulet­sheni kulo nyaka, wathi kumele baqale kusemanje ukuzimisel­a ngoba kakukho abangakwen­za uma sekuphakat­hi nonyaka.

“Uma ufuna ukuphumele­la, kumele uqale manje ukuhlala ezincwadin­i zakho,” kusho yena.

 ?? ?? IMEYA kumasipala umshwathi, umnu Mandla Zondi, ibungaze abafundi abaphuma ezikoleni eziwu-10 abenze kahle ezifundwen­i zikamatiku­letsheni wangonyaka odlule, yakhuthaza nabangaphu­melelanga ukuthi bangalilah­li ithemba.
IMEYA kumasipala umshwathi, umnu Mandla Zondi, ibungaze abafundi abaphuma ezikoleni eziwu-10 abenze kahle ezifundwen­i zikamatiku­letsheni wangonyaka odlule, yakhuthaza nabangaphu­melelanga ukuthi bangalilah­li ithemba.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa