Ilanga Lempelasonto

Uthekele ulwazi kuyise osenenkamp­ani yamatshe esikhumbuz­o

Ukhala ngamakhasi­mende angawethem­bi kakula umsebenzi wakhe ngoba engumuntu wesifazane

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

IBHIZINISI yinto akhuliswe ngayo usomabhizi­nisi waseseboke­ng, egauteng, osenenkamp­ani eyenza amatshe esikhumbuz­o kwabasuke bekhumbula abantu abangasekh­o emhlabeni.

Balungisa nabhidliki­le, bavuselele asegugile.

Unkk Nomgidi Mashinini ukhulele emndenini onebhizini­si lokungcwab­a, wafunda okuningi kuyise ngokuphath­a ibhizinisi iminyaka ewu-14 esebenza naye.

Ngokubona ukuthi usenolwazi olwanele ukuzimela, usungule i-abongwe Memorials, okuyibhizi­nisi aliqambe ngendodana yakhe.

Amatshe aqala ku-r6000 kuya phezulu. Amakhasime­nde abo amaningi asegoli, elimpopo nakwazulu-natal.

“Ngaphandle kokuthi bese nginamagal­elo anele ukuzimela ngokuphele­le, okunye okwenza ngasungula leli bhizinisi ngo-2022 wukufisa ukuba nento ezoba yifa laphakade lendodana yami, okuwukuphe­la kwayo,” esho.

IBHIZINISI LAKHE LICHUNYISW­A WUBUHLE NEZINGA ELIPHEZULU LOMKHIQIZO

Unkk umashinini – osezinze evereenigi­ng, egauteng – uthi wadela konke ayenakho eqala inkampani ngo-r250000 awusebenzi­sa ukuthola ihhovisi lokusebenz­ela esebokeng, wathenga imishini yokwenza amatshe neloli lokuwathwa­la.

“Ingxenye yaleyo mali yasiza ukuqasha izisebenzi eziyisikho­mbisa kanti imali ngayikhiph­a ngokukhulu­leka ngoba nginethemb­a lokuthi ibhizinisi lami lizochuma ngoba ngasengino­lwazi olwanele ngalo.

“Ubuhle, izinga eliphezulu lomsebenzi nokubeka amakhasime­nde phambili yikho okuchumisa ibhizinisi lami,” kusho unkk umashinini.

UHLALE EQIKELELA UKUTHI IBHIZINISI LIYADLONDL­OBALA

Nakuba ibhizinisi lakhe liza kahle kodwa ukhala ngokuthi ukuba semkhakhen­i ogcwele abantu besilisa kwenza amanye amakhasime­nde angawethem­bi kalula umsebenzi wakhe, ngoba engumuntu wesifazane.

“Kunzima kunjalo, kangipheli (amandla). Ngihlale ngizimisel­a ukuqikelel­a ukuthi ibhizinisi lami liyaqhubek­a lidlondlob­ale, ukuze ligcine selaziwa iningizimu Afrika yonke ngomsebenz­i omuhle eliwenzayo emphakathi­ni,” esho.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? *Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www. umbele. co.za
NGUNKK Nomgidi Mashinini we-abongwe Memorials.
*Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www. umbele. co.za NGUNKK Nomgidi Mashinini we-abongwe Memorials.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa