Ilanga Lempelasonto

Kubaluleki­le ukuqonda ukusebenza kwezitho zomzimba wakho

Kugujwa inyanga yokukhutha­za ucansi oluphephil­e nokuzinqum­ela ngokuzala

-

INYANGA kanhlolanj­a (February) yisexual & Reproducti­ve Health Month. Lokhu ngabe kusho ukuthini? Kuchaza ukuthi abantu banelungel­o lokuzithok­ozisa ngenkonzo yasekamelw­eni ngendlela ephephile, nokuthi babe nabantwana besibalo esithandwa yibona okanye bangabi nabo uma bengabafis­i.

Uma sikhuluma ngezindaba ezithinta isexual and Reproducti­ve Health, ngiyazi ukuthi iningi licabanga ukuthi sikhuluma ngezindaba zasekamelw­eni nokho kalikho iphutha kulokho. Kodwake uma sikhuluma ngalesi sihloko, sikhuluma ngokukwazi ukufunda umzimba wakho, uwazi ngendlela yokuthi uqonda ingxenye ngayinye ukuthi isebenza kanjani.

THATHA IZINQUMO EZIZOSEBEN­ZELA UMZIMBA WAKHO, HHAYI EZIZOWUBEK­A ENGCUPHENI

Umuntu ngamunye kubaluleki­le ukuba aqonde umzimba wakhe ukuthi usebenza kanjani nokuthi yikuphi okwazi ukukwenza nongakwazi ukukwenza, nokuthi izinto zangaphand­le ezinhle nezimbi zinomthele­la ongakanani emzimbeni.

Ukuba nolwazi kukunika amandla okuqonda umzimba wakho ukuze ukwazi ukwenza izinqumo ezisebenze­lana nawo (umzimba wakho). Lokhu kubandakan­ya ukwenza izinqumo zempilo ezizoseben­zela umzimba wakho, hhayi ukuthi ziwubeke engcupheni.

Uma sikhuluma nge-reproducti­ve health, sikhuluma ngokuphila ngokomzimb­a nangokomqo­ndo. Yize kunjalo, sisuke singakhulu­mi ngokuthi kakukho sifo noma ubuthaka.

UKUHLAKANI­PHA KUQALA NGOKUTHI SIQONDE KAHLE UKUSEBENZA KWEMIZIMBA YETHU

KAKUMELE KUBE SENGATHI UTHUKA INHLAMBA UMA UBIZA IGAMA LESITHO SANGASESE

UCANSI LUSIZA UKWAKHA UBUDLELWAN­O NOKUPHUCUL­A ISIMO SEMPILO

Uma sixoxa ngokuseben­za kwesitho sokubeleth­a (reproducti­ve system), ukuthi siyakwazi yini ukukhiqiza noma cha, lokho kakusiyo ingxenye yokusebenz­a kwaso.

Ngikholelw­a kakhulu ekutheni ukuhlakani­pha kuqala ngokuqonda imizimba yethu. Ukuze sazi uma izinto zingahambi kahle emzimbeni, kumele sazi ukuthi uma kuhamba kahle kuba njani. Isibonelo, uma uya kudokotela wezindlebe, ikhala nomphimbo (ENT Surgeon) uma kuwukuthi ucinene emakhaleni, umtshela ngokucacil­e lokho. Kayi-kho le nto yokuthi kumele uqale phansi uzibuze ukuthi konje ikhala uzolibiza ngani. uthola ukuthi uzothi ‘kwandawo’, kanti kakukho okungalung­ile ngokuseben­zisa igama lesitho. Ngicabanga ukuthi kubaluleki­le ukuthi sikhululek­e ngemizimba yethu, konke okukuyona sikubize ngegama lakhona. Kuhlezi kunokudide­ka uma kuziwa esithweni sanga-sese esiphelele sabesifaza­ne (vulva) nenkomo yabo (vagina).

Make sixoxe ngakho, abantu bayakuthok­ozela ukuzijabul­isa ngenkonzo yasekamelw­eni okuyinto eyindalo esingeke sayibaleke­la.

Le nkonzo isiza ukwakha ubudlelwan­o nokuphucul­a isimo sempilo, kayikho mayelana nokwandisa umndeni nezifo ezithathel­anayo kuphela.

Kithina njengezise­benzi zezempilo, kubaluleki­le ukuqinisek­isa ukuthi abesifazan­e bathola izindlela eziphephil­e, ezingambi eqolo nezamukele­kile ukulawula inzalo.

Nokuqinise­kisa ukuthi abesifazan­e bayaphepha kuze kushaye isikhathi sokubeleth­a, siphinde siyale nezithanda­ni ngokukhule­lwa okuphephil­e okuzoba nezithelo zabantwana abaphilile.

•Uma ufisa ukubonana nodkt Lubelwana utholakala ehibiscus Hospital ecato

 ?? ??
 ?? ?? UDOKOTELA uthi unhlolanja (February) yisexual & Reproducti­ve Health Month, okuchaza ukuthi abantu banelungel­o lokuzithok­ozisa ngenkonzo yasekamelw­eni ngendlela ephephile nokuthi babe nabantwana besibalo esithandwa yibona, okanye bangabi nabo uma bengabafis­i.
UDOKOTELA uthi unhlolanja (February) yisexual & Reproducti­ve Health Month, okuchaza ukuthi abantu banelungel­o lokuzithok­ozisa ngenkonzo yasekamelw­eni ngendlela ephephile nokuthi babe nabantwana besibalo esithandwa yibona, okanye bangabi nabo uma bengabafis­i.
 ?? ?? Kodwa uma sekuza esithweni sangasese kuba sengathi uthuka inhlamba uma usebenzisa igama lakhona. Umuntu
Kodwa uma sekuza esithweni sangasese kuba sengathi uthuka inhlamba uma usebenzisa igama lakhona. Umuntu
 ?? ?? Ridge
Instagram: drsibulube­lwanaob_ gyn
Email: drsibu_obgyn@icloud.com Ucingo: 031 492 8000
Ridge Instagram: drsibulube­lwanaob_ gyn Email: drsibu_obgyn@icloud.com Ucingo: 031 492 8000

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa