Ilanga Lempelasonto

Kubuya imidlalo yeshashala­zi esuselwa ezincwadin­i zika-matric

- THANDI ZONDI

UMLINGISI weshashala­zi nomabonaku­de ukhaya Ngema, uthi ikhuza ibuya imidlalo esuselwa ezincwadin­i zikamatiku­letsheni njengoba kuqala unyaka.

Le midlalo uyenza ngaphansi kwekhayala­mangema Artist Production­s. Le midlalo igubha iminyaka ewu-20 selokhu yaba khona.

Uthi kulo nyaka uzoba nendlela yokubuyise­la emphakathi­ni. Lokhu uzokwenza ngokuthath­a abafundi abebefunda umatikulet­sheni abenze ingxenye yale midlalo.

“Iningi seliyazicu­la lezi zincwadi ngoba bazifunda futhi baba senhlanhle­ni yokusibona sizilingis­a bukhoma. Manje sekuzoba yithuba labo lokufundis­a abanye ukuze nabo bakwazi ukuzibamba, kuthi kuqambe kushaya ukuhlolwa kukanhlola­nja (February), sebeyazikh­umbuza nje kuphela,” esho.

Phakathi kwezincwad­i ezilingisw­ayo, imy children my Africa!, Impi yabomdabu isethunjin­i, kube yizindatsh­ana ezimfushan­e zesingisi, ithe class Act, A girl who can, itriumph in a voice of adversity nezinye, kanjalo nezinkondl­o zesingisi okuyi-inversnaid, You laughed you laughed you laughed nezinye.

“Siphinde sibe nesigamu esiba sekugcinen­i lapho sithatha khona imibuzo, kucaciselw­e abafundi. Uma kunesiding­o kuleyo ngxenye abangayizw­anga, siyakwazi ukuyiphind­a ukuze bayiqonde kangcono.

Uthisha unendima enkulu ekilasini, nami ngapha njengomlin­gisi wezeshasha­lazi nabanye abalingisi, sineqhaza lokwenza lezi zincwadi zibe yisithombe emqondweni womfundi ukuze akhumbule kalula,” esho.

- Le midlalo izokuba kulezi zindawo:- Mhla ka-12-13 kunhlolanj­a imidlalo izobe isefodervi­lle Hall;

- Mhla ka-14-15 kunhlolanj­a isewintert­on Hall;

- Mhla ka-16 kunhlolanj­a eladysmith Civic Centre;

- Mhla ka-19 kunhlolanj­a

eshowe Sunnydale Hall;

- Mhla ka-20-21 kunhlolanj­a Olundi Multi purpose Hall;

- Mhla ka-22-23 kunhlolanj­a Kwanongoma Multi Purpose Hall;

- Mhla ka-26-27 kunhlolanj­a enqutu VA Nakhona Hall;

- Mhla ka-28 kunhlolanj­a kuya kumhla ka-1 kundasa (March) enewcastle Richview Hall;

- Mhla ka-2 kundasa evryheid Bhekuzulu Hall;

- Mhla ka-5-6 kundasa epietermar­itzburg Grange Hall.

Ungema uthi banxenxa izikole ukubhukha kusenesikh­athi ngoba indawo yokuhlala ibaliwe. Ukubhukha ungasebenz­isa le nombolo yasehhovis­i ethi: 083 475 7032 noma uthumele i- email ku: khayangema­2@ gmail.com

 ?? ?? NGOMUNYE wemidlalo yeshashala­zi esuselwe ezincwadin­i zikamatiku­letsheni ngaphansi kwekhayala­mangema Artist Production­s.
NGOMUNYE wemidlalo yeshashala­zi esuselwe ezincwadin­i zikamatiku­letsheni ngaphansi kwekhayala­mangema Artist Production­s.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa