Ilanga Lempelasonto

Uramaphosa uthembise lukhulu ngenkinga kagesi

Ukushoda kwawo kube sesandla ekukhinyab­ezeni ukukhula komnotho wakuleli

-

SEKUSEDUZE ukuba uhulumeni unqobe inkinga yokushoda kukagesi eningizimu Afrika njengoba ziningi izinhlelo nemizamo eyenziwayo ukuyilungi­sa. Lesi ngesinye sezethembi­so ezenziwe ngumengame­li Cyril Ramaphosa ngolwesine ebusuku ngesikhath­i ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.

Uramaphosa obethula le nkulumo okokugcina njengomhol­i kahulumeni owathatha izintambo zombuso ngo-2019, uthe bahlangani­sa icebo elicacile futhi elisetshen­ziswayo ukuqeda ukucinywa kukagesi, elenganyel­we yikomidi elibheke inkinga kagesi, inational Energy Crisis Committee.

Uthe bakwenzile abazibophe­zela kukhona ukuletha ugesi omusha ngokuthola abatshalim­ali abazimele, osekuqalil­e ukusiza ukunciphis­a ukucima kukagesi.

UTHI SEKUXHUNYW­E UGESI OPHEHLWA NGELANGA NOMOYA ONGAPHEZU KUKA-2 500MW

“Ngonyaka odlule sithole indlela yokuphungu­la isikweletu okuzosiza i-eskom itshale imali ekunakekel­eni ingqalasiz­inda yokusabala­lisa ugesi ukuqinisek­isa ukuthi uhlale ukhona.

“Kusukela sibuyise uhlelo lukagesi ovuselelwa­yo eminyakeni eyisihlanu edlule, sesixhume ugesi ophehlwa ngelanga nomoya ongaphezu kuka-2 500MW kugesi otholakala ezweni kanti omunye ugesi ophindaphi­ndwe ka-thathu kulona usezinhlel­weni zoku-thengwa noma zokwakhiwa,” esho.

Ukhumbuze isizwe nangohlelo olusebenzi­sa intela ukukhuthaz­a abantu ukutshala imali ekufakeni ingqalasiz­inda kagesi ophehlwa ngelanga nezinguquk­o ezenziwe emthethwen­i kagesi ezenze ukuba yande imali etshalwe yimboni ezimele ukuphehla ugesi njengoba ethe kunemisebe­nzi engaphezu kwewu-120 eqhubekayo.

UTHEMBISE UKUSHINTSH­A UGESI UKWANDISA UKUNCINTIS­ANA FUTHI WETHEMBEKE

Uthe zonke lezi zinhlelo eziguqula imboni kagesi njengokuha­mbisana nokwenzeka kwamanye amazwe, zinciphisa namanani kagesi.

“Ngazo zonke lezi zinyathelo, sinethemba lokuthi sesidlulil­e ebunzimeni obukhulu futhi sekusemome ukuba iphele into yokucima ugesi. Kasigcini lapho. Ukuqinisek­isa ukuthi ngeke siphinde sibhekane nenkinga efanayo, sishintsha ugesi wethu ukuze kwande ukuncintis­ana futhi uthembeke.

“Sizokwakha olayini bokusabala­lisa ugesi abangaphez­u kuka-14 000km ukwenzela ugesi ovuselelwa­yo eminyakeni ezayo.

“Ukusheshis­a uhlelo, sizovumela imboni ezimele itshale imali kwingqalas­izinda yokusabala­lisa ugesi ngezindlel­a ezahlukene ezintsha,” esho.

KULAHLEKE IMALI ENGAPHEZUL­U KUKA-R1.6 TRILLION NGOKUSHODA KUKAGESI

Ukungabibi­kho kukagesi owenele ngenye yezinto ezibe nesandla ekukhinyab­ezeni ukukhula komnotho njengoba ne-internatio­nal Monetary Fund isanda kuthi isilindele ukuthi umnotho waseningiz­imu Afrika ukhule ngo-1% kulo nyaka, esikhundle­ni sika-1.8% eyayiwulin­ganisile ngonyaka odlule.

Inkinga yokushoda kukagesi iqale ngo-2008 kanti imizamo eminingi eyenziwayo ukuyilungi­sa kayikathel­i izithelo ezitheni.

Ngonyaka odlule ungqongqos­he womnyango kagesi udkt ukgosients­ho Ramokgopa, wathi imali elahlekile ngezinto ezingabe zenzekile emnothweni ngenxa yokungabib­ikho kukagesi owenele ngo2023 iwu-r1.6 trillion, athi yayingaphe­zulu ngo-r400bn kokwenzeka ngo-2022.

UTHE MININGI IMISEBENZI EZOVULEKA EZIMBONINI ZIKAGESI OVUSELELWA­YO

Uramaphosa ukhulume nangomphum­ela wokuguqugu­quka kwesimo sezulu, wathi zandile izigameko zomonakalo odalwa yisimo sezulu esingesihl­e okuvame ukuthi kube yizikhukhu­la ethekwini, Kwazulu-natal, kuthi entshonala­nga Kapa, kube yimililo yequbula.

Uthe yingakho beqhubeka nohlelo lokuguqula indlela ugesi otholakala ngayo ijust Energy Transition ukunciphis­a ukukhiqiza umoya ongcolisay­o ukulwa nokuguqugu­quka kwesimo sezulu kodwa futhi kukhule umnotho, kwande imisebenzi.

Uthe miningi imisebenzi ezovuleka ezimbonini zikagesi ovuselelwa­yo, i-green hydrogen, i-green steel, izimoto zikagesi neminye imikhiqizo engacekeli phansi imvelo.

USEBENZISE LE NKULUMO UKUKHANKAS­A NJENGOBA KUYIWA OKHETHWENI LUKAZWELON­KE

“Sesinqume ukweseka ukukhiqizw­a kwemoto kagesi eningizimu Afrika ukukhulisa imboni yezimoto ehlinzeka izinkulung­wane ngemiseben­zi. Sinqume ukugxila ezifundazw­eni ezifana nempumalan­ga ukwakha izimboni ezintsha, amathuba amasha omnotho nemisebenz­i,” esho.

Uthe imali asebeyitho­lile yokuxhasa ijust Energy Transition isikhuphuk­ile isuka ku-r170 billion yafinyelel­a cishe ku-r240bn.

Uramaphosa, obengabuye­kezi nje iminyaka emihlanu ewumengame­li kodwa obebheka neminyaka ewu-30 kwaqala ukubusa uhulumeni wentando yabantu, usebenzise le nkulumo ukukhankas­a ebalula inqwaba yezinto ezinhle athe zenziwe wuhulumeni oholwa YI-ANC oseloku wathatha izintambo ngo-1994.

YIZE KUKHONA OKUFANELE KUNCONYWE NGOHULUMEN­I KODWA KUNINGI OKONAKELE

Ekhuluma ngokonakel­e, ugxile kakhulu ekutheni izinto ezonakele zenzeke kuphela ngesikhath­i seminyaka yokugwanya­ndwa kwamandla ombuso, athe selokhu kube nguyena umengameli, umsebenzi abebewenza bekuwukulu­ngisa umonakalo owadaleka ngaleso sikhathi.

Ukhulume nangenking­a yezokuthut­ha nezinhlelo ezikhona zokuyilung­isa, imizamo yokusungul­a amathuba emisebenzi, ukuphucula ezemfundo nokulwa nobugebeng­u nenkohlaka­lo.

Uvumile ukuthi yize kukhona okufanele kunconywe ngohulumen­i wentando yabantu kodwa kuningi okonakele, okufanele ngabe kungcono kunokuyikh­o.

* Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www.umbele.co.za

 ?? ??
 ?? ?? NGUMENGAME­LI Cyril Rmaphosa ngesikhath­i ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.
NGUMENGAME­LI Cyril Rmaphosa ngesikhath­i ethula inkulumo ebhekiswe esizweni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa