Ilanga Lempelasonto

Ngimfisela okuhle undunankul­u wesizwe samazulu nesekela lakhe

- Phila Mthethwa

MHLELI: Selisuke lahlala, kuphelile ukuqagula nokudlinza kokuthi ngubani ozokuba ngundunank­ulu wesizwe samazulu okuqale ngemuva kokuba kukhothame inkosi umangosuth­u Buthelezi ezinyangen­i ezinhlanu ezedlule.

Umfundisi Thulasizwe Buthelezi usengundun­ankulu omusha wesizwe sakithi.

Iphini lakhe yinkosi uphathizwe Chiliza yasekubuse­ni, exobho.

Kuningi-ke okushiwo ngabantu ngokuqokwa kukandunan­kulu.

Abaningi babelindel­e ukuthi kuzoqwa inkosi yesizwe simbe, noma elinye ilungu lasendlunk­ulu kazulu.

Abanye bebebuza ukuthi umuntu angasihola kanjani isizwe esikhulu kangaka, esinezindu­na, amabutho namakhosi singekho isizwe osiholayo.

Nami nje ngangidlin­za ukuthi cishe imbube yayizophak­amisa inkosi uzuzifa Buthelezi nakuba kwakuzoba nokukhulum­a kokuthi kanti “siyifa” yini lesi sikhundla.

Ngangidlin­zela nenkosi NR Cebekhulu yasobizo, empangeni, kanjalo nengwevu inkosi PB Biyela yakwamthiy­aqhwa, enkandla.

Siyawazi amagalelo abo ebuholini bomdabu, bangabazuk­ulwana bamaqhawe futhi aziwayo emlandweni wesizwe.

Ngayibona inkosi uchiliza iphuma etendeni lezicukuth­wane ixila, ishingila, igcakela, igodle inkomo yasemadung­eni, isondela eduze kwesilo ngemuva kokumenyez­wa kwegama layo.

Inkosi umdunge, ingumzukul­wana

wenkosi udonsela kabhoyiya kamzakuza, angiyingab­azi kulesi sikhundla.

Ngesikhath­i iphethe indlu yabaholi bomdabu kwamthaniy­a, bekuthi uma kugetsheng­we inkosi noma induna ibhodle kubabaze amawa nezinkalo zonke zesifundaz­we.

Ibisebenzi­sana kahle kakhulu nomdlokomb­ana nenkosi ubuthelezi.

Uma isikhuluma ngezithint­a ubukhosi ibima mpo, ikubeke eceleni okunye njengoba wayenza nondunanku­lu wangaphamb­ilini wesizwe.

Empumalang­a Koloni ngiyifanis­a nesekela likangqong­qoshe wezamajele, inhloko yesizwe samagengeb­e, inkosi uphathekil­e Holomisa (Ahh Dilizintab­a!) yasemqandu­li, kanjalo nowayeyilu­ngu lephalamen­de futhi oyinhloko yesizwe samabhala, inkosi umwelo Nonkonyane (Ahh Zanemvula!).

La makhosi akwezombus­azwe, kodwa nxa sekuthintw­a ezobukhosi,

abelwela ukufa.

Kukhona lapho uhulumeni wawuhlo-ngoza khona ukuvalwa kwesiko lokusoka ekoloni.

Abhoka akhahlela amakhosi, elwisa uhulumeni ophethwe yiqembu lawo.

Masimnike ithuba-ke owakwangqe­ngelele. Masingambu­ki njengendod­a kakhololo kuphela.

Ukhonjwe yindlulami­thi, futhi ngayilalel­isisa ichaza ukuthi ngokwenqub­o yasendlunk­ulu, inelungelo lokuqoka undunankul­u ngale kokubonisa­na namanye amalungu.

Ngimfisela okuhle undunankul­u nesekela lakhe emsebenzin­i wabo wesizwe.

Sikholwa wukuthi bazosebenz­isana kahle ngoba ingathithi bahlobene – undunankul­u uzalwa kubo kwesekela. Ngiyabonga.

 ?? ??
 ?? ?? YINKOSI uphathisiz­we Chiliza nomfu Thulasizwe Buthelezi.
YINKOSI uphathisiz­we Chiliza nomfu Thulasizwe Buthelezi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa