Ibafana izibuyisele ezinhliziyweni zabathandi bebhola
KUMELE ishayelwe ihlombe ibafana Bafana yize yehlulekile ukufinyelela kowamanqamu wecaf Africa Cup of Nations (Afcon) ozodlalwa ngosokhaya i-ivory Coast nenigeria kusasa ngesonto ngo-22h00, ukuvala ikhethini lalo mqhudelwano elavulwa ngomhla ka-13 kumasingana (January).
Iqiniso wukuthi ibafana ilibangise kulo mqhudelwano ingethenjwa, kubhekwe ukuba ibuye ekuseni kuleli ngenxa yokuphoxa kwayo phambilini.
Nokho ikwazile ukuyibamba ishisa, yaphinda yawashisa ijezi imorocco, eyizwe elihlezi endaweni yokuqala e-afrika ngokwezilinganiso zefifa. Kulokhu abafana bazifakile ezinhliziyweni zabalandeli bakanobhutshuzwayo kuleli.
Ibafana isenethuba lokuqeda endaweni yesithathu kulo mqhudelwano njengoba izobhekana nedr Congo namuhla ngomgqibelo ngo-22h00. Elakuleli sekuphele iminyaka engaphezulu kuka-20 lagcina ukubuya nendondo kulo mqhudelwano.
Okuqaphelekile ekuhambeni ibanga elide kwebafana – ebidlala ibhola elihehayo kulo mqhudelwano – wubumqoka bokwenza kahle kwemamelodi Sundowns emiqhudelwaneni yecaf.
Phela isikwati sakuleli besibunjwe wu-90% wabadlali besundowns abebeqala imidlalo. Bekucaca futhi noma sebelidweba enkundleni ukuthi banesipiliyoni sokugijima nezinkunzi zase-afrika kwichampions League.
Isipiliyoni sesundowns siyaziwa njengoba iyizingqwele zecaf Africa Football League eyinqobe yehlula iwydad Casablanca yasemorocco kowamanqamu nyakenye.
Nokho inkinga yokungabi nomgadli ongalibheki ipali kuleli igqamile kulo mqhudelwano njengoba amafolosi ebesigadla ngawo engasinikanga obekulindelekile.
Okwenze le nkinga yaqapheleka wukuthi nedowns ihlome ngabagadli bangaphandle kwakuleli, abangakwazi ukuqokelwa kwibafana.
Siyabadinga abanye abaphathi bamakilabhu abaneso lokubona abadlali njengoba bekwenza umatsilele “Jomo” Sono nokaizer Motaung eminyakeni edlule – abazokwazi ukuvukuzela isizwe abagadli abanohlonze, abazohamba ezinyathelweni zabadlali abafana nophilemon “Chippa” Masinga, umark Williams, ushaun Bartlett, usiyabonga “Bhele” Nomvethe, ujerry “Legs of Thunder” Skhosana, ubenni Mccarthy, ukukha nje phezulu.
Siphinde sikhuthaze nokuthi wonke amakilabhu agijima kwipremier Soccer League (PSL) azimisele njengedowns uma ethola ithuba lokumela izwe emidlalweni yecaf, ukuze abadlali bezothola isipiliyoni esehlukile.
Nabathola ithuba lokuya phesheya kufanele bazinikele njengezingwazi zakudala ezasinqobela i-afcon ngo-1996 njengoba iningi lazo lalizinze e-europe, futhi lingashukushi ibhentshi khona, liqala imidlalo.
Siyifisela inhlanhla ibafana emdlalweni wayo wokugcina namuhla ebusuku.