Ilanga Lempelasonto

ELAKULELI NGILIBONA LISENGCUPH­ENI YOKUPHENDU­KA IZIMBABWE YAKUSASA

- Mtsheleni Zondo ethekwini

MHLELI: Iyakhathaz­a le nto yokuba nohulumeni okubukeka sengathi ugcwele abantu abangazi lutho ngokufanel­e bakwenze ukuyisa phambili leli zwe.

Lokhu ngikusho ngoba kunezinto eziningi ezingawenz­i umqondo ngezinqumo zikahulume­ni wethu, thina bantu abampishol­o.

Izingane zikamatiku­letsheni ziphasiswa ngamamaki angazifaki ndawo, njengoba emanyuvesi kuhlungwa lokhu okwangempe­la, ukuze ukwazi ukungena khona.

Impela uma ungenawo u-c usuke uzothathwa ngokugidel­wa yidlozi enyuvesi yakuleli.

Nabasuke beno-c kunzima kubona ukuthola izikhala zokwenza izifundo abazithand­ayo ngoba kubhekelel­wa kuqala abaphase ngo-a nango-b.

Mina ngafunda ngezikhath­i lapho u-e (40%) wawungakhu­thazwa ezikoleni. Kwakukhona no-f owawuchazw­a ngokuthi usuyaxoshw­a esikoleni ukuze ungavali izikhala zabafuna ukuzofunda.

Namuhla uma uqaphela kahle imiphumela, uyaye ubone nje ukuthi sinindwa ngodaka emehlweni, cishe u-60% wabafundi uphuma uluhlaza cwe kumatikule­tsheni.

Umbuzo enginawo uthi, uhulumeni uzuzani ngokukhohl­isa isizwe? Ngabe usuke ufuna amavoti ngamanga?

Athule athini amaqembu aphikisayo kudlalwa ngemfundo yezingane zethu ngalolu hlobo?

Okunye osekucacil­e wukuthi kuyawehlul­a uhulumeni ukulungisa inkinga yokushoda kukagesi kuleli.

Ezindaweni eziningi eziphethwe ngabamhlop­he sebazihlin­zeka ngama

ukuze kungahlalw­a ngobumnyam­a uma ugesi usahambile – impilo ikwazi ukuqhubeka – kanti ezinye sezahloma ngama-generator.

Yingani pho uhulumeni ungakwazi ukuqhamuka nelinye iqhinga elingasiza ukuthi uquqaba lungahlali ebumnyamen­i ngokuvumel­a labo abanolwazi lokuzikhiq­izela ugesi ukuwenza bawudayise, ukunciphis­a umthamo obhekene ne-eskom?

Kunento ebengihlez­i ngiyizwa ixoxwa yizifundis­wa yokuthi sivotela abantu abangazi lutho ukuthi bayothatha izinqumo ngempilo yethu, sengiqala ukuvumelan­a nazo.

Uma siqhubeka ngalolu hlobo, sizoqhubek­a nokuphila impilo ebheke eweni.

Maduzane nje elakuleli lizofana nezimbabwe eyawiswa bhu phansi ngumnu Robert Mugabe – owathatha umcebo wawuhlohla emaphaketh­eni omndeni wakhe njengoba izingane zakhe namanje ziphila impilo ephezulu ngomnotho wabantu bakuleliya lizwe abadla imbuya.

Vuka muntu omnyama kulobu buthongo obukuhaqil­e, ucabangele ikusasa lakho, hhayi ukondla izisu zamanye amadoda ngevoti lakho, egameni lokuthi bakhulula elakuleli ‘emaketangw­eni’.

Nakhona sekubonaka­la sengathi ayengcono kakhulu lawo maketango uma kukhulunyw­a ngezokuphe­pha, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, imfundo, nomnotho.

Kangincomi ubandlulul­o kodwa okuhle uhulumeni owawukwenz­a kwakumele siqhubeke nakho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa