ELAKULELI NGILIBONA LISENGCUPHENI YOKUPHENDUKA IZIMBABWE YAKUSASA
MHLELI: Iyakhathaza le nto yokuba nohulumeni okubukeka sengathi ugcwele abantu abangazi lutho ngokufanele bakwenze ukuyisa phambili leli zwe.
Lokhu ngikusho ngoba kunezinto eziningi ezingawenzi umqondo ngezinqumo zikahulumeni wethu, thina bantu abampisholo.
Izingane zikamatikuletsheni ziphasiswa ngamamaki angazifaki ndawo, njengoba emanyuvesi kuhlungwa lokhu okwangempela, ukuze ukwazi ukungena khona.
Impela uma ungenawo u-c usuke uzothathwa ngokugidelwa yidlozi enyuvesi yakuleli.
Nabasuke beno-c kunzima kubona ukuthola izikhala zokwenza izifundo abazithandayo ngoba kubhekelelwa kuqala abaphase ngo-a nango-b.
Mina ngafunda ngezikhathi lapho u-e (40%) wawungakhuthazwa ezikoleni. Kwakukhona no-f owawuchazwa ngokuthi usuyaxoshwa esikoleni ukuze ungavali izikhala zabafuna ukuzofunda.
Namuhla uma uqaphela kahle imiphumela, uyaye ubone nje ukuthi sinindwa ngodaka emehlweni, cishe u-60% wabafundi uphuma uluhlaza cwe kumatikuletsheni.
Umbuzo enginawo uthi, uhulumeni uzuzani ngokukhohlisa isizwe? Ngabe usuke ufuna amavoti ngamanga?
Athule athini amaqembu aphikisayo kudlalwa ngemfundo yezingane zethu ngalolu hlobo?
Okunye osekucacile wukuthi kuyawehlula uhulumeni ukulungisa inkinga yokushoda kukagesi kuleli.
Ezindaweni eziningi eziphethwe ngabamhlophe sebazihlinzeka ngama
ukuze kungahlalwa ngobumnyama uma ugesi usahambile – impilo ikwazi ukuqhubeka – kanti ezinye sezahloma ngama-generator.
Yingani pho uhulumeni ungakwazi ukuqhamuka nelinye iqhinga elingasiza ukuthi uquqaba lungahlali ebumnyameni ngokuvumela labo abanolwazi lokuzikhiqizela ugesi ukuwenza bawudayise, ukunciphisa umthamo obhekene ne-eskom?
Kunento ebengihlezi ngiyizwa ixoxwa yizifundiswa yokuthi sivotela abantu abangazi lutho ukuthi bayothatha izinqumo ngempilo yethu, sengiqala ukuvumelana nazo.
Uma siqhubeka ngalolu hlobo, sizoqhubeka nokuphila impilo ebheke eweni.
Maduzane nje elakuleli lizofana nezimbabwe eyawiswa bhu phansi ngumnu Robert Mugabe – owathatha umcebo wawuhlohla emaphaketheni omndeni wakhe njengoba izingane zakhe namanje ziphila impilo ephezulu ngomnotho wabantu bakuleliya lizwe abadla imbuya.
Vuka muntu omnyama kulobu buthongo obukuhaqile, ucabangele ikusasa lakho, hhayi ukondla izisu zamanye amadoda ngevoti lakho, egameni lokuthi bakhulula elakuleli ‘emaketangweni’.
Nakhona sekubonakala sengathi ayengcono kakhulu lawo maketango uma kukhulunywa ngezokuphepha, ukwakhiwa kwamathuba emisebenzi, imfundo, nomnotho.
Kangincomi ubandlululo kodwa okuhle uhulumeni owawukwenza kwakumele siqhubeke nakho.