Ilanga Lempelasonto

Uqale ukudlalela izwe lakhe esafunda isikole owebay FC

Uthi ukuhlala yedwa kumfundise ukuzipheke­la, uzifela ngenyama namazamban­e

- Www.ilanganews.co.za

UFISA ukusebenzi­sa isipiliyon­i asithole emidlalwen­i ye-africa Cup of Nations (Afcon) u-abdi Banda ongumdlali werichards Bay FC obemele itanzania kulo mqhudelwan­o ozosongwa kusasa ngesonto ebusuku e-ivory Coast.

Ubanda wazalwa ngomhla ka-20 kunhlaba (May) ngo-1995 etanga, etanzania.

Ufike kuleli esuka kwisimba S.C. yangakubo ezojoyina ibaroka FC, ngaphambi kokwedlule­la kwihighlan­ds Park eyagcinwa ithengwe ngabaphath­i bets Galaxy.

Usuke lapho walibangis­a kwichippa United, ayishiye esejoyina ibay FC.

Lo mdlali uqale ukudlalela izwe lakhe esafunda isikole, okuyinto engajwayel­ekile kunobhutsh­uzwayo.

Kusukela lapho akaphindan­ga wabheka emuva njengoba namanje esekhona eqenjini lesizwe.

Uthi umdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe wawudlala ngo-2014 bebhekene nenamibia, nayo ebikhona kweye-afcon.

Uthi ekukhuleni kwakhe ubengalina­kile kakhulu ibhola, uthando

lwalo lumngene esefunda emazingeni aphakeme.

Ingxoxo kabanda NELANGA Lempelason­to (I/L) ngempilo yakhe yangaphand­le kwenkundla ihambe kanje:

I/L: Ungumuntu onjani?

Banda: Ngikhulule­ke kakhulu, ngiyathand­a ukuhlala nabanye abantu. Ngikukhonz­ile ukuba sendaweni enabantu abaningi ngoba ngiyakutha­nda ukuxoxa, kangiyena umuntu okhonze ukuhlala endlini.

I/L: Bekunjani usakhula?

Banda: Ngikhulele emndenini onothando.

Abazali bebezama ngayo yonke indlela ukungijabu­lisa ngisakhula. Ngenhlanhl­a inkosi isangigcin­ele bona bobabili. Umama ngumwanaha­wa Ally Mwalimu kanti ubaba nguhassan Banda Abdi.

I/L: Ufike kanjani ebholeni elikhokhel­ayo?

Banda: Ngisizwe wukuhlanga­na no-abdul Bosnia okunguyena owaba nesandla empumelelw­eni yami njengoba ayewa evuka nami.

Ukuba khona kwakhe eduze kwami yikhona okwenza ngaze ngadlalela ngisho izwe lami ngisemncan­e. Nakuba ngasheshe ngaqala ukudlala kodwa indlela yami kayibanga lula kangako njengoba ngangibuye ngingaphum­eleli.

I/L: Yikuphi okufundile kwi-afcon?

Banda: Kuningi engikufund­ile engethemba ukuthi kuzongisiz­a ukwelekele­la ikilabhu (ibay FC) isuke kule ndawo embi ekuyona (iyisibili ukusuka emsileni kwi-log yedstv Premiershi­p).

Njengoba sivale kahle ngewini sishaya isuperspor­t United, sifuna ukuqhubeka lapho uma sekuqala umzuliswan­o wesibili.

Kasifuni ukubaphoxa abalandeli bethu abahlale beseseka ngaso sonke isikhathi. Sizimisele ngokulwa ngakho konke esinakho ukubenza bahlale bejabule. Ukubuyela kolwe-afcon, okuhle wukuthi besihambe nenqwaba yabadlali abasebanca­ne. Ngikholwa wukuthi bazokube sebenesipi­liyoni esidingeka­yo kwi-afcon elandelayo. Ngiyazi ukuthi kasenzanga kahle kodwa sizosebenz­ela

kulokhu esikutholi­le.

I/L: Uyakwazi ukupheka?

Banda: Yebo ngikwazi kakhulu, sengihlale kakhulu ngedwa okugcine kungifundi­sa ukuba ngikwazi ukuzipheke­la.

Ngikhonze ukudla amazambane nenyama.

I/L: Njengoba usuhlale kakhulu eningizimu Africa, ungayichaz­a kanjani impilo yakhona?

Banda: Sengihlale kakhulu impela kuleli futhi sengazi ngisho nesikompil­o lakhona, okwenza izinto zibe lula kimina.

Izindawo eziningi zalana nazo sengiziham­be kakhulu okuyikho okwenza ngikwazi ukuhlala ngokukhulu­leka.

I/L: Ngabe usushadelw­e?

Banda:

Yebo.

Ngike ngashadelw­a kodwa sehlukanis­a.

I/L: Abantwana bona bangaki?

Banda: Nginomntwa­na oyedwa nje vo.

I/L: Hlobo luni lomculo olukhonzil­e?

Banda: Kangiyena umuntu okhetha izinhlobo zomculo, ngidlala noma yimuphi engisuke ngiwuthand­e ngaleso sikhathi.

I/L: Uphatha hlobo luni lukamakhal­ekhukhwini?

Banda: Ngiphatha i-iphone.

I/L: Ngabe ukhona usaziwayo ozifela ngaye?

Banda: Lutho.

Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingathi ukhona.

I/L: Yimuphi umbala owuthanday­o?

Banda: Ngithanda omnyama nomhlophe ikakhuluka­zi, kodwake neminye ngiyayifak­a, kuya ngokuthi ngikhethe muphi ngalolo suku.

I/L: Yibaphi abadlali okhule ubukela kubona?

Banda: Ngikhule ngithanda uteko Modise nosimphiwe Tshabalala.

I/L: Yiliphi iqembu laphesheya lwezilwand­le okhule ulilandela?

Banda: Ngikhule ngingumlan­deli omkhulu weliverpoo­l yase-england.

I/L: Yiliphi izwe ongathanda ukulivashe­la uma kungathiwa uzikhiphil­e?

Banda: Ngingathan­da ukuvakashe­la efrance ngoba inezindawo eziningi ezinobukha­zikhazi.

I/L: Ungathini ngezimanga ezenzeke kwi-afcon yalo nyaka?

Banda: Kujabulise kakhulu ukubona amazwe athathwa njengamanc­ane enza kahle.

Lokho kukhombisa ukuthi kawasekho amazwe amancane ebholeni, okuyinto ejabulisa kakhulu.

Akekho obebhekile ukuthi imiphumela yemidlalo ingahamba ngendlela ehambe ngayo.

Lokhu nje kukodwa kuwenze umqhudelwa­no wakhula kakhulu futhi wathakasel­wa ngabaningi.

I/L: Uzibona ukuphi eminyakeni emibili ezayo?

Banda: Okubalulek­ile kimina njengamanj­e wukusiza ikilabhu, okuningi kuzozenzek­ela uma isikhathi sesifikile.

I/L: Yimuphi umyalezo ongawudlul­isa entsheni efisa ukuhamba ibanga elide kulo mdlalo.

Banda: Kakukho okwedlula ukuzimisel­a nokubekeze­la.

Ngake ngalimala, ngahlala isizini yonke ngingalith­inti ibhola kodwa ngakwazi ukuvuka ngizithath­e.

Abantu okumele bakwazi wukuthi kakukho okuza kalula empilweni ngaphandle kokuthi kube nguwena ofaka umfutho kokwenzayo.

 ?? ??
 ?? ??
 ?? ?? NGU-ABDI Banda wasetanzan­ia oyisitobha nerichads Bay FC, nendodakaz­i yakhe.
NGU-ABDI Banda wasetanzan­ia oyisitobha nerichads Bay FC, nendodakaz­i yakhe.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa