Uqale ukudlalela izwe lakhe esafunda isikole owebay FC
Uthi ukuhlala yedwa kumfundise ukuziphekela, uzifela ngenyama namazambane
UFISA ukusebenzisa isipiliyoni asithole emidlalweni ye-africa Cup of Nations (Afcon) u-abdi Banda ongumdlali werichards Bay FC obemele itanzania kulo mqhudelwano ozosongwa kusasa ngesonto ebusuku e-ivory Coast.
Ubanda wazalwa ngomhla ka-20 kunhlaba (May) ngo-1995 etanga, etanzania.
Ufike kuleli esuka kwisimba S.C. yangakubo ezojoyina ibaroka FC, ngaphambi kokwedlulela kwihighlands Park eyagcinwa ithengwe ngabaphathi bets Galaxy.
Usuke lapho walibangisa kwichippa United, ayishiye esejoyina ibay FC.
Lo mdlali uqale ukudlalela izwe lakhe esafunda isikole, okuyinto engajwayelekile kunobhutshuzwayo.
Kusukela lapho akaphindanga wabheka emuva njengoba namanje esekhona eqenjini lesizwe.
Uthi umdlalo wakhe wokuqala kwelesizwe wawudlala ngo-2014 bebhekene nenamibia, nayo ebikhona kweye-afcon.
Uthi ekukhuleni kwakhe ubengalinakile kakhulu ibhola, uthando
lwalo lumngene esefunda emazingeni aphakeme.
Ingxoxo kabanda NELANGA Lempelasonto (I/L) ngempilo yakhe yangaphandle kwenkundla ihambe kanje:
I/L: Ungumuntu onjani?
Banda: Ngikhululeke kakhulu, ngiyathanda ukuhlala nabanye abantu. Ngikukhonzile ukuba sendaweni enabantu abaningi ngoba ngiyakuthanda ukuxoxa, kangiyena umuntu okhonze ukuhlala endlini.
I/L: Bekunjani usakhula?
Banda: Ngikhulele emndenini onothando.
Abazali bebezama ngayo yonke indlela ukungijabulisa ngisakhula. Ngenhlanhla inkosi isangigcinele bona bobabili. Umama ngumwanahawa Ally Mwalimu kanti ubaba nguhassan Banda Abdi.
I/L: Ufike kanjani ebholeni elikhokhelayo?
Banda: Ngisizwe wukuhlangana no-abdul Bosnia okunguyena owaba nesandla empumelelweni yami njengoba ayewa evuka nami.
Ukuba khona kwakhe eduze kwami yikhona okwenza ngaze ngadlalela ngisho izwe lami ngisemncane. Nakuba ngasheshe ngaqala ukudlala kodwa indlela yami kayibanga lula kangako njengoba ngangibuye ngingaphumeleli.
I/L: Yikuphi okufundile kwi-afcon?
Banda: Kuningi engikufundile engethemba ukuthi kuzongisiza ukwelekelela ikilabhu (ibay FC) isuke kule ndawo embi ekuyona (iyisibili ukusuka emsileni kwi-log yedstv Premiership).
Njengoba sivale kahle ngewini sishaya isupersport United, sifuna ukuqhubeka lapho uma sekuqala umzuliswano wesibili.
Kasifuni ukubaphoxa abalandeli bethu abahlale beseseka ngaso sonke isikhathi. Sizimisele ngokulwa ngakho konke esinakho ukubenza bahlale bejabule. Ukubuyela kolwe-afcon, okuhle wukuthi besihambe nenqwaba yabadlali abasebancane. Ngikholwa wukuthi bazokube sebenesipiliyoni esidingekayo kwi-afcon elandelayo. Ngiyazi ukuthi kasenzanga kahle kodwa sizosebenzela
kulokhu esikutholile.
I/L: Uyakwazi ukupheka?
Banda: Yebo ngikwazi kakhulu, sengihlale kakhulu ngedwa okugcine kungifundisa ukuba ngikwazi ukuziphekela.
Ngikhonze ukudla amazambane nenyama.
I/L: Njengoba usuhlale kakhulu eningizimu Africa, ungayichaza kanjani impilo yakhona?
Banda: Sengihlale kakhulu impela kuleli futhi sengazi ngisho nesikompilo lakhona, okwenza izinto zibe lula kimina.
Izindawo eziningi zalana nazo sengizihambe kakhulu okuyikho okwenza ngikwazi ukuhlala ngokukhululeka.
I/L: Ngabe usushadelwe?
Banda:
Yebo.
Ngike ngashadelwa kodwa sehlukanisa.
I/L: Abantwana bona bangaki?
Banda: Nginomntwana oyedwa nje vo.
I/L: Hlobo luni lomculo olukhonzile?
Banda: Kangiyena umuntu okhetha izinhlobo zomculo, ngidlala noma yimuphi engisuke ngiwuthande ngaleso sikhathi.
I/L: Uphatha hlobo luni lukamakhalekhukhwini?
Banda: Ngiphatha i-iphone.
I/L: Ngabe ukhona usaziwayo ozifela ngaye?
Banda: Lutho.
Ngabe ngikhuluma iphutha uma ngingathi ukhona.
I/L: Yimuphi umbala owuthandayo?
Banda: Ngithanda omnyama nomhlophe ikakhulukazi, kodwake neminye ngiyayifaka, kuya ngokuthi ngikhethe muphi ngalolo suku.
I/L: Yibaphi abadlali okhule ubukela kubona?
Banda: Ngikhule ngithanda uteko Modise nosimphiwe Tshabalala.
I/L: Yiliphi iqembu laphesheya lwezilwandle okhule ulilandela?
Banda: Ngikhule ngingumlandeli omkhulu weliverpool yase-england.
I/L: Yiliphi izwe ongathanda ukulivashela uma kungathiwa uzikhiphile?
Banda: Ngingathanda ukuvakashela efrance ngoba inezindawo eziningi ezinobukhazikhazi.
I/L: Ungathini ngezimanga ezenzeke kwi-afcon yalo nyaka?
Banda: Kujabulise kakhulu ukubona amazwe athathwa njengamancane enza kahle.
Lokho kukhombisa ukuthi kawasekho amazwe amancane ebholeni, okuyinto ejabulisa kakhulu.
Akekho obebhekile ukuthi imiphumela yemidlalo ingahamba ngendlela ehambe ngayo.
Lokhu nje kukodwa kuwenze umqhudelwano wakhula kakhulu futhi wathakaselwa ngabaningi.
I/L: Uzibona ukuphi eminyakeni emibili ezayo?
Banda: Okubalulekile kimina njengamanje wukusiza ikilabhu, okuningi kuzozenzekela uma isikhathi sesifikile.
I/L: Yimuphi umyalezo ongawudlulisa entsheni efisa ukuhamba ibanga elide kulo mdlalo.
Banda: Kakukho okwedlula ukuzimisela nokubekezela.
Ngake ngalimala, ngahlala isizini yonke ngingalithinti ibhola kodwa ngakwazi ukuvuka ngizithathe.
Abantu okumele bakwazi wukuthi kakukho okuza kalula empilweni ngaphandle kokuthi kube nguwena ofaka umfutho kokwenzayo.