Ufaniswa nombango wentombi owamanqamu we-afcon
I-ivory Coast ithi ngeke ivume insizwa yokufika izochachaza ekhanda layo
UWUFANISA nombango wezinsizwa zilwela intombi umdlalo wamanqamu wecaf Africa Cup of Nations (Afcon) kusasa ngesonto ngo-22h00 abazobhekana kuwo nenigeria, umdlali weqembu lesizwe lase-ivory Coast.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngabathandi bebhola njengoba kwaziwa ukuthi njalo uma la mazwe – athathwa njengezikhondlakhondla ebholeni lase-afrika – uma ebhekene, kushunqa uthuli.
Ungakagijinywa kwakugijinywa nje, izinkakha zala mazwe, udidier Drogba wase-ivory Coast noaustin “Jay-jay” Okocha wasenigeria, seziqalile ukupiklelana ngokuthi ngubani ozokhala ngaphansi.
Udrogba ukubeke kwacaca ukuthi uma bengahlulwa yinigeria ekhaya, kuyofana nokuthi bazihlule bona.
Ngakolunye uhlangothi, u-okocha uthi akayiboni i-ivory Coast ibehlula kwazise ingene ngembobo yenaliti esigabeni somkhumulajezi.
Useko Fofana, odlala esiswini kwi-elephants, uthi kubona lo mdlalo ufana nombango wezinsizwa zilwela intombi.
“Okokuqala ngibongela ozakwethu ngokuthi sihambe size sifinyelele lana, kakukholakali uma ubheka izivuvaba esidlule kuzona.
“Nginesiqiniseko sokuthi wonke umuntu uyamangala ukuthi sifike kanjani lapha esikhona uma ubheka indlela esihambe kuyona.
“Kodwa-ke konke lokho sesidlulile kukhona, sesibheke lo mdlalo wenigeria.
“Ngeke kube wumdlalo olula, kuzofanele silwe uma sifuna ukunqoba.
“I-afrika yonke iyazi ukuthi uma sibhekene nenigeria kusuke kufana nombango wentombi phakathi kwezinsizwa.
“Kufana nokuthi sizovikela intombi yethu efunwa ngumfana wesigodi sangaphandle. Ngeke sikuvumele lokho.
“Sizolwa ngakho konke esinakho ukuwunqoba lo mdlalo,” kusho ufofana.
U-ademola Lookman, odlala esiswini kwisuper Eagles nakwiatalanta yase-italy, uthi ngeke bande ngamazwi, kodwa bazokhulunyelwa yibhola ensimini.
“Imimoya iphezulu kubadlali bethu emuva komdlalo onzima esidlule kuwona kanzima kwiningizimu Afrika.
“Lo mdlalo usivove inkani, wasishayisa nangovalo.
“Kodwa-ke siyabonga ngoba sesidlulile kuwona. Sibhekene nosokhaya, izinto zivuna bona.
“Umdlalo uzoba nzima ngoba banenqwaba yabalandeli kodwa kumele bagade, ngoba singase sibaphoxe, kukhona esibafihlele khona.
“Babuthaka ezindaweni eziningi, wukuthi nje banenhlanhla,” kusho ulookman.
Imidlalo edlule yalawa mazwe ihambe kanje:
* 18/01/24 - Côte d’ivoire 0-1 Nigeria;
* 11/01/15 - Nigeria 0-1 Côte d’ivoire;
* 27/07/13 - Côte d’ivoire 2-0 Nigeria;
* 06/07/13 - Nigeria 4-1
Côte d’ivoire;
* 03/02/13 Côte d’ivoire
1-2