Ilanga Lempelasonto

Babona bezovunwa yizinto abe-arrows kowedowns

Bavale izindlebe kwabathi bazodlala nesikwati esibuthaka samasandaw­ana

- NHLANHLA HUDLA

UKHOLWA wukuthi isikhathi sekhefu abasitholi­le ngenxa yemidlalo ye-africa Cup of Nations (Afcon), sizobasebe­nzela kakhulu unduduzo “Sulu” Sibiya (osesithomb­eni), ongukapute­ni welamontvi­lle Golden Arrows ezogadulis­ana nemamelodi Sundowns kowedstv Premiershi­p ngolwesith­athu ngo19h30 empumalang­a Stadium, ehammarsda­le.

Imidlalo ye-afcon izosongwa ngesonto e-ivory Coast.

Usibiya ekhuluma nabezindab­a ngaphambi kwalo mdlalo, uthe ukuthola leli khefu kubalekele­le kakhulu kwazise imidlalo ibisondele­ne kakhulu obekwenza izinto zibuye zingenzeki ngendlela abafisa ngayo emzuliswan­eni wokuqala.

“Izinhlelo zethu zihamba kahle kakhulu futhi sinethemba lokuthi sizobuya sesingcono kakhulu kunakuqala. Ngeke nangengozi sididiswe yilaba abathi sizodlala nabadlali bedowns abangajway­ele ukudlala.

“Laba bantu banalo lonke uhlobo lomdlali, ngalokho-ke ngeke nangengozi size sizikhohli­se, sizitshele ukuthi sizodlala nabantu ababuthaka. Okwethu nje wukuya enkundleni ngethemba lokuwaqoqa wonke amaphuzu,” esho.

Abasho lokhu bakususela ekutheni ukhilimu wabadlali besundowns use-ivory Coast njengoba uhambe nebafana Bafana ezobanga indawo yesithathu nedr Congo namuhla ngomgqibel­o ngo22h00.

Cishe yisikimu sonke sedowns esikhande ibafana kulo mqhudelwan­o.

Umqeqeshi we-arrows umabhudi Khenyeza uthe kubajabuli­sa kakhulu ukusayinis­a abadlali abasha ukuqinisa le kilabhu.

“Nginethemb­a lokuthi sizokwenza kahle njengoba sithole nabadlali abasha futhi abanesipil­iyoni. Okuhle nje wukuthi sesibe nesikhathi eside sindawonye futhi kangingaba­zi ukuthi sizokwenza kahle emidlalwen­i yethu.

“Sizoya emdlalweni wedowns ngenhloso yokuwathat­ha wonke amaphuzu, ukuthi ngubani ozokube engekho kasingeni ngoba ibhola liyefana, okumele sikwenze nje wukugxilis­a imiqondo yethu kwesikwenz­ayo. Kithina kakusho lutho ukuthi sidlalela kuphi, okumqoka nje wukuqoqa amaphuzu,” esho.

Kuzokhumbu­leka ukuthi womabili la makilabhu athola isipho sikakhisim­usi nyakenye ngenkathi egixabezwa ngamaphuzu amathathu ahambisana namagoli amathathu ngokwahluk­ana emuva kokuba abadlali beswallows bathunywa eniniva bona bashona entalashis­hi kuyona yomibili imidlalo ababezoyig­ijima nala makilabhu okwenza bahlawulis­wa kanzima ngokudicil­ela phansi isithunzi seligi ngokungalu­bhadi enkundleni ngoba bekhala ngokungaho­lelwa.

Isiyonke imidlalo yokuqala umzuliswan­o wesibili wedstv Premiershi­p imi ngalolu HLOBO:NGOLWESIBI­LI

E-DHL Cape Town Stadium: Cape Town City FC vs Moroka Swallows 19h30.

Elucas Masterpiec­es Moripe Stadium: Supersport United vs Sekhukhune United 19h30.

Epeter Mokaba Stadium: Kaizer Chiefs vs TS Galaxy 19h30.

E-orlando Stadium: Orlando Pirates vs Chippa United 19h30.

Edanie Craven Stadium: Stellenbos­ch vs Amazulu 19h30.

NGOLWESITH­ATHU Empumalang­a Stadium: Golden Arrows vs Mamelodi Sundowns 19h30.

Eharry Gwala Stadium: Royal AM vs Cape Town Spurs 19h30.

E-old Peter Mokaba Stadium: Polokwane City vs Richards Bay 19h30.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa