Ilanga Lempelasonto

UKHUNE 'UCATHANYEL­WA' YI-SUPERSPORT UNITED

- SENZO SOKHELA senzos@ilanganews.co.za

ICATHAMELA umdlali wekaizer Chiefs osehlale iminyaka kule kilabhu isuperspor­t United engenye yamakilabh­u ahlale eshisisa umbango kwidstv Premiershi­p.

ILANGA Lempelason­to lihoshe ngemithomb­o yalo ukuthi Amatsatsan­tsa acathamela u-itumeleng Khune (36) ongunozint­i wechiefs okuvela ukuthi imanqika ukwelula inkontilek­a yakhe njengoba iphela uma kusongwa isizini.

Ukhune ujoyine isikwati esikhulu sechiefs ngo-2004 esuka enkulisa yayo.

Selokhu afika ebholeni elikhokhel­ayo akakaze agijime kwenye ikilabhu.

Kula masizini ambalwa edlule udonsa kanzima njengoba isikimu esizwa ngendaba.

Ziphinde zambhedela kakhulu izinto kule sizini njengoba etholwe enecala lokufika emsebenzin­i enuka izimbiza zikafaro. Usamisiwe emsebenzin­i. Kuthiwa kunohlelo lwale kilabhu aluhambayo lokuhlunye­leliswa isimilo, akajimi nabanye abadlali.

Ichiefs yenze okungalind­elekile ngolwesine ivuselela izinkontil­eka zonozinti bayo ubrandon Peterson nobruce Bvuma.

Bobabili belulelwe izinkontil­eka zabo ngeminyaka emibili.

Nakuba kubukeka ukhune engase ayishiye le kilabhu, emuva kweminyaka ewu-20 ekuyona, kodwa ukubeke kwacaca ukuthi akazuliyek­a ibhola.

Uthi ufuna ukudlala aze abe neminyaka ewu-40, nangaphezu­lu uma kwenzeka

Kuthiwa isuperspor­t ihlela ukumthatha uma kwenzeka ehlukana nezimpofan­a.

Umthombo waleli phephandab­a uthe:

“Isuperspor­t iyamdinga unozinti kwazise imamelodi Sundowns ibatshele ukuthi kufanele ibuyise uricardo Goss ngoba udennis Onyango uzothatha umhlalapha­nsi uma kuphela isizini.

“Igama likakhune lihamba phambili kubadlali abagaqelwe ngugavin Hunt ongumqeqes­hi wesuperspo­rt. “Uhunt uyakhole lwa esipiliyon­ini, ubona lo nozinti engaba wusizo kwezakhe.

“Okwamanje kabakwazi ukumthinta, babheke isimo sakhe kwichiefs ukuthi sigcina kanjani ngokuphela kwesizini.”

Uhunt uthe ngeke akwazi ukuphawula ngabadlali bamanye amakilabhu.

 ?? ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa