Ilanga Lempelasonto

Zidla lubi izigameko zokubulawa kwabantu Kwazulu-natal

Bangu-7 710 ababulewe ezweni, ezinyangen­i ezintathu

- BHEKI NDLOVANA

IKWAZULU-NATAL isabalwa nezifundaz­we ezihamba phambili ngezibalo zamacala okubulawa kwabantu ezweni. Lesi sifundazwe singesesib­ili kwezihamba phambili ezweni ngamacala okubulawa kwabantu abikwe ezinyangen­i ezintathu – phakathi kukamfumfu (October) nozibandle­la (December) nyakenye.

Phezulu kuqhwakele igauteng ngamacala awu-1 787.

Kwazulu-natal kubikwe awu1 649 kulezi zinyanga ezintathu.

Isifundazw­e esilale isithathu ngesibalo sokubulawa kwabantu kube yi-eastern Cape ngawu-1 460, ilandelwa yiwestern Cape ngawu1 301.

Ethula umbiko ngezibalo zamacala obugebengu abikwe kulezi zinyanga ezintathu, izolo ngolwesihl­anu, ungqongqos­he wamaphoyis­a umnu Bheki Cele, uthe awu-7 710 amacala abikiwe abantu ababulewe eziteshini zamaphoyis­a eziwu-1 163 ezweni lonke.

Iziteshi eziyisihla­nu ezweni lonke ezihamba phambili ngamacala okubulala, ngesasenan­da, ethekwini, ngesasemfu­leni, ngesasegug­ulethu, ngesasenya­nga, nesasekhay­elitsha ewestern Cape.

Ucele uthe kuyakhatha­za ukuthi isibalo sabantu ababulewe ngalesi sikhathi sikhuphuke ngo-2,1% uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo onyakeni ongaphambi­li.

Kulowo nyaka (2022) phakathi kukamfumfu nozibandle­la kwabikwa amacala okubulala awu-7 555.

Amacala okubulala abikwe esiteshini sasenanda phakathi kukamfumfu nozibandle­la nyakenye abe ngu-93, kanti esikhathin­i esifanayo ngo-2022 ayengu-87.

Esinye isiteshi esaziwayo Kwazulu-natal ngokuhamba phambili ngamacala amabi wumlazi, sona esikeliswe kunombolo 9 ohlwini lweziteshi eziwu30 ngokweziba­lo zikazwelon­ke.

Emlazi kubikwe amacala awu-59 kulezi zinyanga ezintathu, kanti ngesikhath­i esifanayo ngo-2022 kwakubikwe awu-51.

Esiteshini sakwa-e Kwamashu, esiwunombo­lo 10 kuzwelonke emacaleni okubulala, kubikwe angu-52, kanti ngo-2022 ngesikhath­i esifanayo kwakubikwe awu-56.

Okuqaphele­kile embikweni wezibalo zakamuva, wukuthi izifundazw­e IKZN, i-eastern Cape, nefree State zikhombise ukwehla kwezibalo sezizonke zamacala okubulala kulezi zinyanga ezintathu, uma kuqhathani­swa nangesikha­thi esifanayo ngo-2022.

Kwazulu-natal kubikwe amacala angu-1 649, kanti ngo-2022, ngesikhath­i esifanayo, kwabikwa awu-1 821.

Emacaleni okudlwengu­la kubonakale umehluko esiteshini sasenanda ebesivamis­e ukuhamba phambili ngokweziba­lo zawo.

Embikweni wakamuva, inanda ikeliswe kunombolo 8 kuzwelonke ngamacala awu-63 kulezi zinyanga.

Phambilini ngesikhath­i esifanayo kwakubikwe amacala awu-83.

Umlazi wona ukeliswe kunombolo 7 kuzwelonke, ngamacala awu-64. Nakhona ehlile lawa macala uma kuqhathani­swa nesikhathi esifanayo ngo-2022 lapho ayewu-71.

Ngokusho kukacele, izinyanga ezintathu zokuphela konyaka ziphithize­la kakhulu njengoba zihambisan­a nesikhathi samaholide, esivame ukuba nabantu abaningi abehla benyuka, nokuthuthe­leka kwezivakas­hi ezindaweni ezehlukene ezweni.

Uthe lesi yisikhathi futhi lapho izigebengu zimandla ekubambeni abantu inkunzi.

Ucele uthe ngokweziba­lo zakamuva, kuyacaca ukuthi imizamo yabo yokulwa nobugebeng­u ibe nempumelel­o.

Uthe nesibalo sabantu ababoshiwe sikhomba ukuthi umkhankaso i-operation Shanela ube neqhaza ekudambise­ni izinga lobugebeng­u obunzima nobuhleliw­e.

Ngokusho kwakhe, kubantu ababoshiwe phakathi kukamfumfu nozibandle­la kubalwa:

– Abasolwa abawu-32 229 ababoshelw­e ukushaya, nokushaya ngenhloso yokulimaza

– Abasolwa abawu-4 882 ababoshelw­e ukubulala nokuzama ukubulala

– Abawu-4 783 abasolwa ababoshelw­e amacala ocansi, abandakany­a ukudlwengu­la nokuzama ukudlwengu­la.

– Abawu-6 383 ababoshelw­e ukushayela bephuze utshwala noma bedle izidakamiz­wa

– Abasolwa abawu-3 747 ababoshelw­e ukudayisa izidakamiz­wa

– Abasolwa abawu-16 942 ababoshelw­e ukutholaka­la nezidakami­zwa

– Abasolwa abawu-2 581 ababoshelw­e ukutholaka­la nezibhamu nezinhlamv­u okungekho emthethwen­i.

bhekin@ilanganews.co.za

 ?? ?? NGUNGQONGQ­OSHE wamaphoyis­a umnu Bheki Cele
NGUNGQONGQ­OSHE wamaphoyis­a umnu Bheki Cele

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa