Zidla lubi izigameko zokubulawa kwabantu Kwazulu-natal
Bangu-7 710 ababulewe ezweni, ezinyangeni ezintathu
IKWAZULU-NATAL isabalwa nezifundazwe ezihamba phambili ngezibalo zamacala okubulawa kwabantu ezweni. Lesi sifundazwe singesesibili kwezihamba phambili ezweni ngamacala okubulawa kwabantu abikwe ezinyangeni ezintathu – phakathi kukamfumfu (October) nozibandlela (December) nyakenye.
Phezulu kuqhwakele igauteng ngamacala awu-1 787.
Kwazulu-natal kubikwe awu1 649 kulezi zinyanga ezintathu.
Isifundazwe esilale isithathu ngesibalo sokubulawa kwabantu kube yi-eastern Cape ngawu-1 460, ilandelwa yiwestern Cape ngawu1 301.
Ethula umbiko ngezibalo zamacala obugebengu abikwe kulezi zinyanga ezintathu, izolo ngolwesihlanu, ungqongqoshe wamaphoyisa umnu Bheki Cele, uthe awu-7 710 amacala abikiwe abantu ababulewe eziteshini zamaphoyisa eziwu-1 163 ezweni lonke.
Iziteshi eziyisihlanu ezweni lonke ezihamba phambili ngamacala okubulala, ngesasenanda, ethekwini, ngesasemfuleni, ngesasegugulethu, ngesasenyanga, nesasekhayelitsha ewestern Cape.
Ucele uthe kuyakhathaza ukuthi isibalo sabantu ababulewe ngalesi sikhathi sikhuphuke ngo-2,1% uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo onyakeni ongaphambili.
Kulowo nyaka (2022) phakathi kukamfumfu nozibandlela kwabikwa amacala okubulala awu-7 555.
Amacala okubulala abikwe esiteshini sasenanda phakathi kukamfumfu nozibandlela nyakenye abe ngu-93, kanti esikhathini esifanayo ngo-2022 ayengu-87.
Esinye isiteshi esaziwayo Kwazulu-natal ngokuhamba phambili ngamacala amabi wumlazi, sona esikeliswe kunombolo 9 ohlwini lweziteshi eziwu30 ngokwezibalo zikazwelonke.
Emlazi kubikwe amacala awu-59 kulezi zinyanga ezintathu, kanti ngesikhathi esifanayo ngo-2022 kwakubikwe awu-51.
Esiteshini sakwa-e Kwamashu, esiwunombolo 10 kuzwelonke emacaleni okubulala, kubikwe angu-52, kanti ngo-2022 ngesikhathi esifanayo kwakubikwe awu-56.
Okuqaphelekile embikweni wezibalo zakamuva, wukuthi izifundazwe IKZN, i-eastern Cape, nefree State zikhombise ukwehla kwezibalo sezizonke zamacala okubulala kulezi zinyanga ezintathu, uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngo-2022.
Kwazulu-natal kubikwe amacala angu-1 649, kanti ngo-2022, ngesikhathi esifanayo, kwabikwa awu-1 821.
Emacaleni okudlwengula kubonakale umehluko esiteshini sasenanda ebesivamise ukuhamba phambili ngokwezibalo zawo.
Embikweni wakamuva, inanda ikeliswe kunombolo 8 kuzwelonke ngamacala awu-63 kulezi zinyanga.
Phambilini ngesikhathi esifanayo kwakubikwe amacala awu-83.
Umlazi wona ukeliswe kunombolo 7 kuzwelonke, ngamacala awu-64. Nakhona ehlile lawa macala uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngo-2022 lapho ayewu-71.
Ngokusho kukacele, izinyanga ezintathu zokuphela konyaka ziphithizela kakhulu njengoba zihambisana nesikhathi samaholide, esivame ukuba nabantu abaningi abehla benyuka, nokuthutheleka kwezivakashi ezindaweni ezehlukene ezweni.
Uthe lesi yisikhathi futhi lapho izigebengu zimandla ekubambeni abantu inkunzi.
Ucele uthe ngokwezibalo zakamuva, kuyacaca ukuthi imizamo yabo yokulwa nobugebengu ibe nempumelelo.
Uthe nesibalo sabantu ababoshiwe sikhomba ukuthi umkhankaso i-operation Shanela ube neqhaza ekudambiseni izinga lobugebengu obunzima nobuhleliwe.
Ngokusho kwakhe, kubantu ababoshiwe phakathi kukamfumfu nozibandlela kubalwa:
– Abasolwa abawu-32 229 ababoshelwe ukushaya, nokushaya ngenhloso yokulimaza
– Abasolwa abawu-4 882 ababoshelwe ukubulala nokuzama ukubulala
– Abawu-4 783 abasolwa ababoshelwe amacala ocansi, abandakanya ukudlwengula nokuzama ukudlwengula.
– Abawu-6 383 ababoshelwe ukushayela bephuze utshwala noma bedle izidakamizwa
– Abasolwa abawu-3 747 ababoshelwe ukudayisa izidakamizwa
– Abasolwa abawu-16 942 ababoshelwe ukutholakala nezidakamizwa
– Abasolwa abawu-2 581 ababoshelwe ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu okungekho emthethweni.
bhekin@ilanganews.co.za