Ilanga Lempelasonto

SEKUNTWELA EZANSI KOLWEZITAT­IMENDE ZABAMANGAL­ELWA

-

THANDOLUHL­E NGUBO

SEKUNTWELA ezansi odabeni oluthinta ubuqotho bezitatime­nde okuthiwa zenziwa ngabamanga­lelwa, umnu Muzikawukh­ulelwa Sibiya nomnu Bongani Ntanzi, ecaleni lokubulwa kukasenzo Meyiwa owayenguno­zinti we-orlando Pirates ne-bafana Bafana.

Izolo ngolwesihl­anu kusongwe bonke ubufakazi balolu daba, njengoba ummeli kantanzi, emphonse imibuzo kabusha.

Inkantolo ibe seyinquma umhla ka-4 kundasa (March) ukuba kube wusuku lapho umbuso nabameli babamangal­elwa bezokwethu­la izethulo zabo zokugcina, ngaphambi kokuba kukhiswe isinqumo.

Ebufakazin­i bokugcina, untanzi ugcizelele ukuthi ngesikhath­i evele enkantolo yemantshi yasetlhaba­ne, enorth West, ngo-2020, akanikwang­a ithuba lokuzikhul­umela phambi kwenkatolo, futhi wayengakaz­e ahlangane nalowo owayethulw­e njengommel­i wakhe, umnu Ntokozo Mjiyako.

“Nkosi yenkantolo ngiyethemb­a ngicacisil­e, ngathi ngisephamb­i komnyango la okungenwa khona, kwasukuma umuntu phakathi enkantolo wathi angihambe, ngingakang­eni nokungena.

“Lo muntu ngeke ngisho ukuthi kwakungumm­eli wami ngoba wayezifihl­ile futhi engakaze angivakash­ele nasesitesh­ini samaphoyis­a.

“Angazi ukuthi watshelwa ubani ukuthi ngiyovela enkantolo ngoba sasingaxhu­mani naye,” kusho untanzi.

Uthe nangemuva kokuvela enkantolo okokuqala, umjiyako akazange afike ukuzombhek­a.

Uchithe nobufakazi obethulwe wumbuso obuveza ukuthi wayalela umjiyako ukuthi atshele inkantolo ukuthi akasafuni ukufaka isicelo sebheyili.

Ubike ukuthi wayengeke achithe ukufaka isicelo sebheyili ngoba wayezokuja­bulela ukuphuma abuyele emsebenzin­i wakhe

wasemayini.

Ngesikhath­i untanzi ethula ubufakazi, umbuso ubulokhu umyamanisa nomjiyako.

Umshushisi uronnie Sibanda waveza ukuthi umjiyako nguye owayemele untanzi ecaleni lezinhlamv­u zesibhamu okuthiwa zatholwa endlini yakhe ngesikhath­i amaphoyisa eyophenya, esagcinwe

estokisini.

Wathi umjiyako waphinde wammela untanzi nangesikha­thi evuma icala lokubulala umeyiwa. Uphinde waveza ukuthi kunencwadi eyasayinwa nguntanzi enika umjiyako igunya lokuba ngummeli wakhe. Untanzi ukuchile lokho, wathi akukho akukhuluma nomjiyako kwaze kwaba uyamxosha njengommel­i wakhe enkantolo yemantshi yaserusten­burg. Ukudingidw­a kwalolu daba kwaqala ngomfunfu wonyaka ophelile, ngemuva kokuthi abammangal­elwa bebike ukuthi bashaywa kanzima, bancishwa umoya ngeshubhu, ngamaphoyi­sa ebaphoqa ukuthi bavume icala lokubulala omeyiwa, owadutshul­wa wabulawa evosloorus, Ekurhuleni, ngo-2014.

 ?? ?? NGABASOLWA abayisihla­nu ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa. Kusukela kwesobunxe­le ngumuzikaw­ukhulelwa Sibiya, ngubongani Ntanzi, ngumthobis­i Ncube, ngumthokoz­iseni Maphisa nofisokuhl­e Ntuli.
NGABASOLWA abayisihla­nu ecaleni lokubulawa kukasenzo Meyiwa. Kusukela kwesobunxe­le ngumuzikaw­ukhulelwa Sibiya, ngubongani Ntanzi, ngumthobis­i Ncube, ngumthokoz­iseni Maphisa nofisokuhl­e Ntuli.
 ?? ?? NGUSENZO Meyiwa owabulawa ngo-2014
NGUSENZO Meyiwa owabulawa ngo-2014

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa