SEKUNTWELA EZANSI KOLWEZITATIMENDE ZABAMANGALELWA
THANDOLUHLE NGUBO
SEKUNTWELA ezansi odabeni oluthinta ubuqotho bezitatimende okuthiwa zenziwa ngabamangalelwa, umnu Muzikawukhulelwa Sibiya nomnu Bongani Ntanzi, ecaleni lokubulwa kukasenzo Meyiwa owayengunozinti we-orlando Pirates ne-bafana Bafana.
Izolo ngolwesihlanu kusongwe bonke ubufakazi balolu daba, njengoba ummeli kantanzi, emphonse imibuzo kabusha.
Inkantolo ibe seyinquma umhla ka-4 kundasa (March) ukuba kube wusuku lapho umbuso nabameli babamangalelwa bezokwethula izethulo zabo zokugcina, ngaphambi kokuba kukhiswe isinqumo.
Ebufakazini bokugcina, untanzi ugcizelele ukuthi ngesikhathi evele enkantolo yemantshi yasetlhabane, enorth West, ngo-2020, akanikwanga ithuba lokuzikhulumela phambi kwenkatolo, futhi wayengakaze ahlangane nalowo owayethulwe njengommeli wakhe, umnu Ntokozo Mjiyako.
“Nkosi yenkantolo ngiyethemba ngicacisile, ngathi ngisephambi komnyango la okungenwa khona, kwasukuma umuntu phakathi enkantolo wathi angihambe, ngingakangeni nokungena.
“Lo muntu ngeke ngisho ukuthi kwakungummeli wami ngoba wayezifihlile futhi engakaze angivakashele nasesiteshini samaphoyisa.
“Angazi ukuthi watshelwa ubani ukuthi ngiyovela enkantolo ngoba sasingaxhumani naye,” kusho untanzi.
Uthe nangemuva kokuvela enkantolo okokuqala, umjiyako akazange afike ukuzombheka.
Uchithe nobufakazi obethulwe wumbuso obuveza ukuthi wayalela umjiyako ukuthi atshele inkantolo ukuthi akasafuni ukufaka isicelo sebheyili.
Ubike ukuthi wayengeke achithe ukufaka isicelo sebheyili ngoba wayezokujabulela ukuphuma abuyele emsebenzini wakhe
wasemayini.
Ngesikhathi untanzi ethula ubufakazi, umbuso ubulokhu umyamanisa nomjiyako.
Umshushisi uronnie Sibanda waveza ukuthi umjiyako nguye owayemele untanzi ecaleni lezinhlamvu zesibhamu okuthiwa zatholwa endlini yakhe ngesikhathi amaphoyisa eyophenya, esagcinwe
estokisini.
Wathi umjiyako waphinde wammela untanzi nangesikhathi evuma icala lokubulala umeyiwa. Uphinde waveza ukuthi kunencwadi eyasayinwa nguntanzi enika umjiyako igunya lokuba ngummeli wakhe. Untanzi ukuchile lokho, wathi akukho akukhuluma nomjiyako kwaze kwaba uyamxosha njengommeli wakhe enkantolo yemantshi yaserustenburg. Ukudingidwa kwalolu daba kwaqala ngomfunfu wonyaka ophelile, ngemuva kokuthi abammangalelwa bebike ukuthi bashaywa kanzima, bancishwa umoya ngeshubhu, ngamaphoyisa ebaphoqa ukuthi bavume icala lokubulala omeyiwa, owadutshulwa wabulawa evosloorus, Ekurhuleni, ngo-2014.