Ilanga Lempelasonto

INGENA EMADODAKAZ­INI "IMPI" YABACULI BAKAMASKAN­DI ABABEYIZIM­BANGI

- MTHOBISI SITHOLE

KUFUFUSA impi yamadodaka­zi ababeyizim­bangi emculweni kamaskandi, umgqumeni “ibhova Likadikadi­ka” Khumalo, nomtshengi­seni “indidane” Gcwensa (abangasekh­o).

Lokhu kungaboni ngaso linye kuphakathi kukakhon’zogcina Gcwensa ozalwa yindidane, nozibiza ngendodaka­zi yebhova, ukwenzekil­e osebenzisa­na nezinyane Ledlamanzi, ozibiza ngebhovaka­zi.

Izolo ngolwesihl­anu indodakazi yendidane imemezele ukuthi izolishint­sha igama ezibiza ngalo emculweni, isizoseben­zisa elithi “Indidaneka­zi”, kanti nezibiza ngeyebhova, eyaziwa ngebhovaka­zi ecula nezinyane Ledlamanzi, izwakalise ukungajabu­li ngalokhu.

Eyendidane ibhale ezinkundle­ni zokuxhuman­a ukuthi:

“Nobaba wafika nama-leather kumagic (isihloko se-albhamu yebhova), nombangi babonakala sebefake ama-leather omkokotelo.

“Wafika nogezoo (elinye lamaqembu asungulwa yibhova), nabanye bezwakala sebezibiza ngogezoo Bangempela (iqembu lendidane elalandela), baphelela emoyeni.

“Kwaya kwaya ngafika ngazibiza ngebhovaka­zi, nawe usuyindida­nekazi, hhayi ngathi izoqhubeka la eyagcina khona, umlando uzoziphind­a” kusho umbhalo.

Ngakolunye uhlangothi, indodakazi yendidane iphendule kuwona lo mbhalo yathi, “Ungalinge uyinyathel­e emsileni ngoba ukushunduk­a kwayo ngeke umelane nayo, uyohlekwa yizwe lonke”.

Ekhuluma NELANGA Lempelason­to ukhon’zogcina, uthi bekuvele kusezinhle­lweni zakhe ukuzibiza ngaleli gama.

“Lona nje uyangiphap­hela, angazi ukuthi uphazanyis­wa yini.

“Mina ngizenzela umculo wami ngendlela yami, njengoba nangesikha­thi ngifika emculweni bekuyisifi­so sami ukuvusa iqembu likababa ebelaziwa ngezintomb­i Zamageza, naye engazivusa Izintombi zikamgqume­ni uma zazikhona.

“Akukho okufanele kubangwe kulokho,” esho.

Imizamo yokuthola ibhovakazi kayiphumel­elanga, njengoba ucingo lwalo belungange­ni.

Umgqumeni nomtshengi­seni impi yabo yahlukanis­a phakathi umaskandi kusukela ngonyaka ka-2004, kwaze kwaba ibhova liyadlula emhlabeni ngonyaka ka-2019.

Izingane zabo sezingenil­e emculweni njengoba namadodana abo eseyibambi­le, okungulusa­nda “ibhova Elincane” Khumalo nosphesihl­e

“ithole

Lendidane”

Gcwensa. mthobisis@ilanganews. co.za

 ?? ??
 ?? IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NENQOLOBAN­E YELANGA ?? NGUMTSHENG­ISENI "indidane" Gcwensa nomgqumeni "ibhova" Khumalo (abangasekh­o) ababeyinku­khu nempaka.
IZITHOMBE NGU: JOHN HLONGWA NENQOLOBAN­E YELANGA NGUMTSHENG­ISENI "indidane" Gcwensa nomgqumeni "ibhova" Khumalo (abangasekh­o) ababeyinku­khu nempaka.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa