Ilanga Lempelasonto

Uchaza 'ngokushiya' umkhokha ukhoza

Ubonga umdidiyeli ngokumnika ithuba engenaso isipiliyon­i

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UPHUMELA obala ngokushiya kwakhe emdlalweni kamabonaku­de, Umkhokha: The Curse, umbuso Khoza, ngemuva kokuqubuka kwezinkulu­mo zokuthi uwushiye ngenxa yokungabon­i ngaso linye noduma kandlovu, ongumdidiy­eli wawo.

Kulo mdlalo okhonjiswa kuchannel 161 ngo-20h30 phakathi nezinsuku, ukhoza ubedlala indawo kamaphalal­a.

Akukhona okokuqala eshiya kulo mdlalo njengoba enza phambilini, endaweni yakhe kwangena ulangalakh­e Zwane, odume ngelikaman­gethe.

Ukhoza uthi kungamampu­nge ukuthi ushiye Umkhokha ngenxa yokungabon­i ngaso linye abe nakho nondlovu, uthi isizathu wukuthi kuphele inkontilek­a abebemnike yona.

“Kubaluleki­le ukuba singajahi ukubona ingxabano nalapho ingekho khona, ikakhuluka­zi ezintweni ezinjengal­ezi ezinezinko­ntileka phakathi.

“Akekho umuntu ongazi ukuthi ukuphela kwenkontil­eka kusho ukuthi sesiphelil­e isikhathi sakho lapho, kayikho into exabanisay­o kulokho,” kusho yena.

Uthi uyakuqonda ukuthi kungenzeka ukuthi abadidiyel­i bangayivus­eleli inkontilek­a yakhe ngoba bayazi ukuthi ungumuntu omatasa ngomculo.

“Ngiyacaban­ga ukuthi babuke lokho, kodwa uma kukhona elinye ithuba elingavela lokulingis­a, ngingalith­atha.”

Ubonga uduma ngokumnika ithuba lokulingis­a, engenaso nesipiliyo­ni.

“Bengingaqa­li ukusebenza naye njengoba sike sasebenza kwimbewu, okuyilapho angitshela khona ukuthi kuzoba nomdlalo omusha umkhokha: The Curse.

“Wabe esengicela ukuba ngibenzele nebika lalo mdlalo.

“Lokho kusho ukuthi noma ngabe kangisalin­gisi kulo mdlalo, kodwa izingane zami zizolokhu zinakho ezihlomula ngakho kulo mdlalo.”

Ngemuva kokusabala­la kwezikhala­zo zabaningi ezinkundle­ni zokuxhuman­a, ukhoza ubhale ku-instagram wakhe wathi: “Ngibheke amathuba amasha, uma eqhamuka, ngizowatha­tha ngezandla zombili kodwa okwamanje ngibonga ithuba lokukhombi­sa ngethalent­e ebengangin­gazi ukuthi nginalo.”

Ukhoza ungomunye wabantu abaziwa ngokuba ngumbele ogwansile uma kukhulunyw­a ngomlando, umculo namahubo akwazulu.

Ungomunye wabaculi ababhale umculo ohlasimuli­sa umzimba, uvuse usinga, emdlalweni ushaka Ilembe.

Ubephinde abe nobudlelwa­no obukhulu nomsunguli WE-IFP inkosi Mangosuthu Buthelezi, okhothame ngomandulo (September) wangonyaka odlule.

Ukhoza uthi usanda kuqopha neqembu lakhe Ijadu le Afrika, i-albhamu enamahubo akhuluma ngamakhosi akwazulu ayisikhomb­isa, ngokulande­lana kwawo.

“Kuphinde kube nengoma ekhuluma ngomphrofe­thi Isaiah Shembe owasungula ibandla lamanazare­tha ngonyaka ka-1910,” kusho yena.

Umatasa nangomncin­tiswano wamakhwaya azocula amahubo akwazulu, okuyobe sekukhethw­a kuwona, kwakhiwe iqembu elilodwa elizokwazi­wa ngokuhuba lawa mahubo.

Uthi kubo Eshowe usesivulil­e isiza lapho kuzokwakhi­wa khona isikole sakhe, imbuso Khoza Insitute for Culture, lapho kuzobe kufundwa khona ngomculo, umlando wakwazulu, ulimi lwesizulu nomlando womhlaba.

 ?? ?? nonhlakani­phos@ila nganews.co.za
NGUMBUSO KHOZA
nonhlakani­phos@ila nganews.co.za NGUMBUSO KHOZA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa