Ilanga Lempelasonto

Bazokwazi maduze ngekusasa abaqotha umndeni 'ngenxa yenja'

- SKHOSIPHI MTHEMBU

KUPHAZAMIS­EKE ukuphuma kwesinqumo senkantolo izolo ngolwesihl­anu ngabasolwa ababili, abasolwa ngokuqotha babulale amalungu omndeni wakwashiba, Odushwini, Kwanongoma ngo-2021 ngoba becisha ubufakazi.

Izolo ngolwesihl­anu inkantolo enkulu ethekwini, bekulindel­eke ukuba ikhiphe isinqumo ngecala elibhekene nodennis Lethuxolo Zwane (35) nomfundo Thalente Zwane (25), abasolwa ngokubulal­a amalungu amane omndeni wakwashiba ngoba becisha ubufakazi bokubulawa kukababa wekhaya, owabulawa ngo-2017, esolwa ngokuthaka­tha inja yabasolwa.

Inkantolo ihlehlise icala ngoba ikhala ngokuthi kade kufuthwa umuthi wokubulala izinambuza­ne ngaphakath­i enkantolo, ngakho ngeke ikwazi ukuqhubeka nokusebenz­a.

ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngesikhath­i kuhlaselwe kwabulawa unkz Sinokwethe­mba Shiba (22), uluvuyo Nkosi (2), untuthuko Shiba (17) nosandile Mthombo (18) owayenguma­khelwane ngo-2021.

Laba babulawa bezovuka ngakusasa beyothula ubufakazi enkantolo ngecala lokubulawa kukamnu Bhekuyise Gumbagumba Shiba owayeyinhl­oko yekhaya.

Abasolwa babhekene namacala awu-13, awu-5 okubulala, awu-7 okuzama ukubulala nelilodwa lokuthunge­la impahla ngomlilo. Usinethemb­a nontuthuko babengofak­azi abaqandula ikhanda ecaleli lokubulawa kukayise ushiba.

Ngokwamaph­epha asenkantol­o esigamekwe­ni sokuqala, mhla lulunye kunhlaba (May) 2017, abasolwa bahloma ngezikhali baya kwashiba, okwakukhon­a ukungaboni ngaso linye naye.

Kuthiwa bafika khona bazenza abantu abafuna ukuthelela­na amanzi noshiba.

Kuthiwa ngesikhath­i sebesesang­weni noshiba, ummangalel­wa wokuqala (ulethuxolo), wadonsa isibhamu wadubula umufi, washonela khona lapho.

Kubikwa ukuthi abasolwa babe sebeboshwa ngezinsolo zokubulala ushiba.

Kubikwa ukuthi ngesikhath­i kusaqhubek­a icala, baphinde bakha itulo lokubulala untuthuko, usinokweth­emba nosenamile Shiba, ababona ngesikhath­i kubulawa uyise.

Kubikwa ukuthi babulawa mhla zizine kumfumfu (October),

ngakusasa mhla ziyisihlan­u kumfumfu, kwakulinde­leke ukuba bayokwethu­la ubufakazi enkantolo.

Kuthiwa mhla zizine kumfumfu abasolwa ababengaph­andle ngebheyili ngecala lokubulala ushiba, bahloma ngesibhamu nophethilo­li, banikela kwashiba bayobulala ofakazi.

Kuthiwa usinokweth­emba wazama ukuphuma nengane yakhe uluvuyo ngesikhath­i kusha umuzi, eyiphethe ngesandla, abasolwa babaqedela ngokubadub­ula.

Amanye amalungu omndeni okubalwa nezingane ezincane akwazi ukuphuma ngamafasit­ela

abaleka.

ILANGA Lempelason­to likhulume nomnu Alliot Shiba ongumfowab­o kashiba (umufi), othe selokhu kwenzeka lesi sigameko umndeni usuhlala ngokwesaba futhi usuhlakaze­kile.

Uthi amanye amalungu omndeni kamfowabo asekubhace­ni.

“Le nto yasihlukum­eza kakhulu, ngisho ngabe singathini isinqumo secala, kodwa kangiboni ukuthi siyophinde­la kuleya ndawo.

“Okusiphath­a kabi wukuthi kwaqothwa umndeni kamfowethu ngenxa yenja,” kusho yena.

skhom@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za

 ?? ?? AMALUNGU omndeni wakwashiba, Odushwini, Kwanongoma okusolwa ukuthi aqothwa ngoba engofakazi ecaleni lelungu lomndeni.
AMALUNGU omndeni wakwashiba, Odushwini, Kwanongoma okusolwa ukuthi aqothwa ngoba engofakazi ecaleni lelungu lomndeni.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa