Bazokwazi maduze ngekusasa abaqotha umndeni 'ngenxa yenja'
KUPHAZAMISEKE ukuphuma kwesinqumo senkantolo izolo ngolwesihlanu ngabasolwa ababili, abasolwa ngokuqotha babulale amalungu omndeni wakwashiba, Odushwini, Kwanongoma ngo-2021 ngoba becisha ubufakazi.
Izolo ngolwesihlanu inkantolo enkulu ethekwini, bekulindeleke ukuba ikhiphe isinqumo ngecala elibhekene nodennis Lethuxolo Zwane (35) nomfundo Thalente Zwane (25), abasolwa ngokubulala amalungu amane omndeni wakwashiba ngoba becisha ubufakazi bokubulawa kukababa wekhaya, owabulawa ngo-2017, esolwa ngokuthakatha inja yabasolwa.
Inkantolo ihlehlise icala ngoba ikhala ngokuthi kade kufuthwa umuthi wokubulala izinambuzane ngaphakathi enkantolo, ngakho ngeke ikwazi ukuqhubeka nokusebenza.
ILANGA labika kabanzi ngalolu daba ngesikhathi kuhlaselwe kwabulawa unkz Sinokwethemba Shiba (22), uluvuyo Nkosi (2), untuthuko Shiba (17) nosandile Mthombo (18) owayengumakhelwane ngo-2021.
Laba babulawa bezovuka ngakusasa beyothula ubufakazi enkantolo ngecala lokubulawa kukamnu Bhekuyise Gumbagumba Shiba owayeyinhloko yekhaya.
Abasolwa babhekene namacala awu-13, awu-5 okubulala, awu-7 okuzama ukubulala nelilodwa lokuthungela impahla ngomlilo. Usinethemba nontuthuko babengofakazi abaqandula ikhanda ecaleli lokubulawa kukayise ushiba.
Ngokwamaphepha asenkantolo esigamekweni sokuqala, mhla lulunye kunhlaba (May) 2017, abasolwa bahloma ngezikhali baya kwashiba, okwakukhona ukungaboni ngaso linye naye.
Kuthiwa bafika khona bazenza abantu abafuna ukuthelelana amanzi noshiba.
Kuthiwa ngesikhathi sebesesangweni noshiba, ummangalelwa wokuqala (ulethuxolo), wadonsa isibhamu wadubula umufi, washonela khona lapho.
Kubikwa ukuthi abasolwa babe sebeboshwa ngezinsolo zokubulala ushiba.
Kubikwa ukuthi ngesikhathi kusaqhubeka icala, baphinde bakha itulo lokubulala untuthuko, usinokwethemba nosenamile Shiba, ababona ngesikhathi kubulawa uyise.
Kubikwa ukuthi babulawa mhla zizine kumfumfu (October),
ngakusasa mhla ziyisihlanu kumfumfu, kwakulindeleke ukuba bayokwethula ubufakazi enkantolo.
Kuthiwa mhla zizine kumfumfu abasolwa ababengaphandle ngebheyili ngecala lokubulala ushiba, bahloma ngesibhamu nophethiloli, banikela kwashiba bayobulala ofakazi.
Kuthiwa usinokwethemba wazama ukuphuma nengane yakhe uluvuyo ngesikhathi kusha umuzi, eyiphethe ngesandla, abasolwa babaqedela ngokubadubula.
Amanye amalungu omndeni okubalwa nezingane ezincane akwazi ukuphuma ngamafasitela
abaleka.
ILANGA Lempelasonto likhulume nomnu Alliot Shiba ongumfowabo kashiba (umufi), othe selokhu kwenzeka lesi sigameko umndeni usuhlala ngokwesaba futhi usuhlakazekile.
Uthi amanye amalungu omndeni kamfowabo asekubhaceni.
“Le nto yasihlukumeza kakhulu, ngisho ngabe singathini isinqumo secala, kodwa kangiboni ukuthi siyophindela kuleya ndawo.
“Okusiphatha kabi wukuthi kwaqothwa umndeni kamfowethu ngenxa yenja,” kusho yena.
skhom@ilanganews.co.za www.ilanganews.co.za