Ilanga Lempelasonto

BANOVALO BEPHUCWA AMAPHOYISA ABETSHALWE UKUBAGADA

- PHUMLANI GAMA phumlani@ilanganews.co.za

KUNOVALO lokuthi kungase kuvuke umkhuba wokuntshon­tshwa kwezimoto zaseningiz­imu Afrika, ziweliswe umngcele ohlukanisa elakuleli nelasemoza­mbique, emanguzi, Kwamhlabuy­alingana.

Izolo ngolwesihl­anu umnu Joseph Ngubane ongusihlal­o wekomidi lezokuphep­ha emkhanyaku­de, uthe lukhulu uvalo kubanikazi bezimoto endaweni ngenxa yokwephucw­a amaphoyisa abetshaliw­e, abebavikel­a.

Ungubane uthe iningi lawo lithathwe ngaphandle kokuba kuxhunyanw­e nabo bewuphiko lwezokuphe­pha endaweni. Ukhale ngokuthi ukungabona­kali kwawo ezindaweni abejwayele ukuba kuzona, kuzokwenza ukuthi izigilamkh­uba ziqhubeke nokuntshon­tsha izimoto.

Uthe inkinga wukuthi izigilamkh­uba ziyabulala futhi zinukubeza abesifazan­e nezingane. “Amaphoyisa abetshalwe kule ndawo awenzile umehluko emphakathi­ni ngoba kumanje sekuyohlan­gana unyaka sithola ukuphefumu­la. Indawo yasemkhany­akude idume ngokuba yisizinda sobugebeng­u bokwebiwa kwezimoto.

“Lokhu kwenza ukuthi lesi sifunda sigcine sesishalaz­elwa ngabatshal­imali. Ngeke sikwazi ukuhlala sithule nje ngokuthi kuthathwe amaphoyisa abewusizo.

“Ngesikhath­i ezokwethul­wa endaweni, satshelwa ukuthi azohlala lapha impilo yawo yonke. Sakushayel­a izandla lokho ngoba kudala sikhala ngokuthi kufanele kwandiswe isibalo sawo ngoba kunezintub­a eziningi zokungena nokuphuma kwezigeben­gu.

“Kuyishwa ukuthi bathatha la maphoyisa abevundulu­la ngisho amacala eminyaka. Esinye isikhulu samaphoyis­a singifonel­e, sathi sisendlele­ni, siyalelwe ukuba siyosiza ekapa nakhona kuhlasele ubugebengu.

“Bekufanele uma esuswa kube wukuthi kukhona asalayo eqaphe le ndawo esikuyona.

“Ungqongqos­he wamaphoyis­a nohulumeni wakuleli ngeke basitshele ukuthi amaphoyisa ayashoda ngoba ziningi izingane ezihlala ziyofuna lo msebenzi kodwa bengaziqas­hi.

“Kabakwazi bona ukuthi bangathath­a amaphoyisa ekubeni lungakaqal­i ngisho nohlelo lokwakhiwa kodonga ababelwakh­a eminyakeni

eyedlule. Okubi nje waukuthi emuva kwalokho babuya sebesitshe­la ukuthi kwadliwa imali yokwenza umsebenzi,” kusho ungubane.

 ?? ?? UDONGA olwaluqalw­e wuhulumeni wesifundaz­we ngenhloso yokulwisan­a nesihlava sokuntshon­tshwa kwezimoto zakuleli, ziweliswe umngcele ohlukanisa iningizimu Afrika nemozambiq­ue.
UDONGA olwaluqalw­e wuhulumeni wesifundaz­we ngenhloso yokulwisan­a nesihlava sokuntshon­tshwa kwezimoto zakuleli, ziweliswe umngcele ohlukanisa iningizimu Afrika nemozambiq­ue.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa