Ilanga Lempelasonto

Kuboshwe owesifazan­e 'oshaye uthisha'

Kuthiwa uthisha ufundisa izifundo ezibucayi kanti kuningi awusizo ngakho kulesi sikole

- PHUMLANI GAMA

UZINIKELE esiteshini samaphoyis­a Kwaceza, olundi owesifazan­e ongene nezicabha ngezithuba zasemini ngesonto, egezinsila Secondary School. Umsolwa elingeke lidalulwe igama lakhe kuze kube uvela enkantolo kuthiwa wakhwela wadilika ngenduku kuthisha obefundisa ikilasi likamatiku­letsheni ngempeleso­nto.

ILANGA Lempelason­to linazo izithombem­nyakazo (videos) ezikhombis­a ukuthi silimale kangakanan­i isisulu.

Ngokusho komthombo waleli phephandab­a uthi udaba lusuke ngomfundi wesifazane ongowokufi­ka kule ndawo.

Kuvela ukuthi lo mfundi ufike kule ndawo eminyakeni emithathu eyedlule. Kumanje ufunda umatikulet­sheni kanti kunesikhal­o sokuthi yena nabanye bayalova esikoleni nokugcine sekuholela ekutheni banikwe imiyalelo yokuba bafike nabazali babo.

“Lo mfundi akafikanga nomzali kunalokho uthathe owesifazan­e owaziwayo endaweni ukuthi uyisiqhwag­a. Lo mfundi ubengeke afike nabazali ahlala nabo ngoba bangabantu abaphila impilo eqondile futhi kabayivuni ingane uma inephutha.

“Ihlala nomshumaye­li kodwa iyanyantis­a indlela ecwila ngayo ezinkamben­i zikafaro. Nakusona lesi simo ithathe umuntu echitha naye isikhathi esiningi begila yona le mikhuba engalungil­e.

“Okubuhlung­u lo muntu ushaye uthisha owusizo ezinganeni zethu. Uthisha ubezobhali­sa abafundi iphepha lokuhlolwa kwabo, okuthe uma efika lona olovayo wangamnika iphepha lokubhala ngoba elandela umyalelo okuvunyelw­ene ngawo esikoleni wokuba banganikwa amaphepha okubhala abafundi abebengekh­o kufundwa,” kusho umthombo.

Umnu Gugulesizw­e Mlaba (oyilungu lomphakath­i) uthe udaba lokuhlasel­wa kukathisha selungenwe nangamalun­gu omphakathi. Uthe uthisha uvule icala.

“Lo mfana uqale ukufundisa kulesi sikole engaholelw­a lutho kwaze kwaba siyokhulum­a udaba lwakhe emahhovisi omnyango emgungundl­ovu. Njengoba izwe libhekene nenkinga yokucishwa kukagesi kodwa lapha kwaceza izingane zethu ziyaqhubek­a nokufunda ngenxa yakhe lo thisha ngoba uyaye asebenzise i-generator yakhe ngenhloso yokuba kukhanyisw­e

esikoleni. “Nayo injini esebenzayo idunyiswa

ngophethil­oli wakhe. Kumanje udubile uthe ngeke esakwazi ukuqhubeka nokufundis­a ngoba ushayiwe. Isikole usigundela utshani ngomshini wakhe. Ufundisa izifundo ezibucayi kakhulu okuyimaths ne-accounting.

“Ngasohlang­othini lwethu singamalun­gu omphakathi kasimdingi umuntu owenza njengoba kwenze lona wesifazane. Sizonikela enkantolo ngenhloso yokuba siphikisan­e nokudedelw­a kwakhe. Asifuni nje nokuthi anikwe ibheyili ngoba nasemphaka­thini unegama elibi,” kusho umlaba.

ILANGA Lempelason­to lizamile ukuthola ukuphawula komnyango wezemfundo Kwazulu-natal kwangalung­a. Umnu Muzi Mahlambi ucingo lwakhe belukhala lungabanjw­a. Umyalezo athunyelel­we wona uwufundile kodwa wangawuphe­ndula kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela.

Okhulumela amaphoyisa Kwazulu-natal ult-col Robert Netshiunda akatholaka­langa nemibuzo athunyelel­we yona ngalolu daba akayiphend­ulanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicil­ela. phumlani@ilanganews.co.za

 ?? ?? NGOMUNYE wemivimbo esale kuthisha okuthiwa ushaywe ngowesifaz­ane okuvela ukuthi ungene ngokungemt­hetho esikoleni igezinsila Secondary.
NGOMUNYE wemivimbo esale kuthisha okuthiwa ushaywe ngowesifaz­ane okuvela ukuthi ungene ngokungemt­hetho esikoleni igezinsila Secondary.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa