Ilanga Lempelasonto

ULWA NESIHLAVA SABAYEKA ISIKOLE NGENXA YOKWESWELA

- MTHOBISI SITHOLE

ILWELA ukuqeda isihlava sabafundi abashiya isikole ngoba beswele, bezibona behlukile kwabanye imeya yomasipala inkosi Langalibal­ele, emtshezi, umnu Mduduzi Myeza.

Kuleli sonto ibiqhuba umkhankaso wayo wokuhambel­a izikole zakule ndawo, igqokisa abafundi abaswele imifaniswa­no yesikole.

Itshele ILANGA Lempelason­to ukuthi kayifuni kube nomfundi ozibona ehlukile kwabanye, aze azenyeze nokuya esikoleni ngenxa yosizi lwakubo.

Ikusho lokhu ihambele iweenen Combined School, ngolwesine.

Phakathi kwezikole umyeza asezihambe­lile eyonikeza abafundi imifaniswa­no yesikole, kubalwa imthaniya Combined, isiphokuhl­e High, imhubheni High, ibhekundi High, idrankensb­urg High, impumelelo High, imasimbong­e High, iwembezi Secondary, ishayamoya High, inkomokazi­ni High, ikhandimfu­ndo Secondary nezinye.

Uveze ukuthi uzozihambe­la zonke izikole zamabanga aphakeme zakule ndawo, eziwu-42.

“Nakuba singenakho okutheni, kodwa sikholelwa ekuthini lokho okuncane esikuhambi­sa ezikoleni kuyowenza umehluko kwabanye abantwana abentulayo.

“Ngikhule ngeswele nami, ngiyazazi izinkinga ezibhekana nomfundi oxakekile ngenxa yesimo sakubo.

“Kuyenzeka kwezinye izikhathi ingane iyeke ukufunda, ilahle ithemba ngoba usizi lwakubo luvele obala kwabanye.

“Ngakho-ke ngizama ukuhlangab­ezana nabazali,” kusho umyeza.

Uthi ukholwa wukuthi imfundo yiyona eyokwenza umehluko omkhulu emindenini eminingi, ikakhuluka­zi exakekile.

Uveze ukuthi uhlelo lwakhe lokunikele­la abafundi abaswele,

luzoya nasezikole­ni zamabanga aphansi.

“Akusizi ukuthi sihlangane nabafundi sebephumel­ele umatikulet­sheni, singazange sihlangabe­zane nezimo zabo besafunda esikoleni.

“Sizimisele ukwenza umehluko omkhulu ezikoleni zakule ndawo, ikakhuluka­zi ezimpilwen­i zabafundi,” esho.

Uncome othisha abasebenza ngokuzikha­ndla ukukhiqiza imiphumela emihle.

Othisha abakhiqize imiphumela, emihle nyakenye ubakhuthaz­e ngezipho.

“Kufanele ngabe othisha bahola kahle ukwedlula bonke abantu kulelizwe, ngenxa yomsebenzi abawenzayo.

“Ingane ifika esikoleni ingakwazi nokubhala igama layo, basebenze kanzima othisha, ingane iqede isikole isikhipha isingisi ngamakhala.”

Utshele abafundi ezikoleni ukuthi uma bezozimise­la, ubabekele umklomelo welaptop labo abazophasa kahle imaths nesayensi esigabeni sesibili sonyaka, ngonhlangu­lana (June).

“Asigcini ngokukhuth­aza kuleli zinga kuphela, uma sebephumel­ele abafundi kumatikule­tsheni, siyabanike­za imali yokuyobhal­isa emanyuvesi ukuze bezoqhubek­a nemfundo, babe nekusasa eliqhakazi­le.”

Uthe abafundi mabazimise­le manje ngoba kawukho umlingo abazowenza ekupheleni konyaka.

Othishanhl­oko bezikole bancome uhlelo lokwesekwa kwabafundi ngemifanis­wano nolokubakh­uthaza ukuphasa kahle.

 ?? ?? YIMEYA yomasipala inkosi Langalibal­ele umnu Mduduzi Myeza (ophakathi nendawo) emkhankasw­eni wokunikele­la abafundi abantulayo ngemifanis­wano yesikole.
YIMEYA yomasipala inkosi Langalibal­ele umnu Mduduzi Myeza (ophakathi nendawo) emkhankasw­eni wokunikele­la abafundi abantulayo ngemifanis­wano yesikole.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa