Ilanga Lempelasonto

Usizwe wulwazi aluncela E-USA esanda kuqeda enyuvesi

'Izinkampan­i kuneqhaza okumele zilibambe ukufukula imiphakath­i'

- NONHLAKANI­PHO SHINGA

UKUQOKWA njengesikh­ulu emnyangwen­i wokuzokhan­gisa enkampanin­i ekhiqiza izinkwa, ngezinye zezinto ayezifisa unkz Nomsa Khanyile (43) oyimarketi­ng Director kwasasko.

Uthi lumsizile ulwazi alucosha enkampanin­i yase-united States of America (USA) ngemuva kokuqeda enyuvesi.

Unkz Khanyile ungowokuza­lwa esoweto kodwa usezinze elanseria, khona egauteng.

Uthi akakhohlwa lapho inkaba yabazali bakhe ikhona njengoba bengabases­howe.

Le ntokazi izwakala ngisho ikhuluma ukuthi iyaziqheny­a ngemvelaph­i yayo njengoba ikhuluma isizulu esome nkwe, ngeke usho ukuthi kayikhulel­anga Kwazulu-natal.

UBEYILUNGU LENHLANGAN­O YABAFUNDI ABAPHUMA EMAZWENI ANGAPHEZUL­U KUKA-80

Unkz Khanyile uthi ukuqokwa njengemark­eting Director yakwasasko, ngaphansi kwenkampan­i enkulukazi ipepsico - ngaphansi kwayo okukhona imikhiqizo yakwasimba, iwhite Star, isasko, ipepsi neminye – kuwukufeze­ka kwephupho lakhe.

Wenze izifundo zebachelor of Social Sciences erhodes University, emakhanda, e-eastern Cape, ngemuva kokuphothu­la umatikulet­sheni eroseleigh Girls’ High, egoli.

Uthi ngesikhath­i efika erhodes, waba yilungu lenhlangan­o ehlanganis­a abafundi abaphuma emazweni ahlukene, i-internatio­nal Associatio­n of Students in Economics and Commercial Sciences (IAESEC), okwagcina kumvulela amathuba.

Uthi le nhlangano ihlanganis­a abafundi abaphuma emazweni angaphezul­u kuka-80, okuyilapho becobelela­na khona ngolwazi, kuphinde kube namathuba okuyoncela ulwazi nakwamanye amazwe.

WATHOLA ITHUBA LOKUYONCEL­A ULWAZI E-USA ESANDA KUQEDA ENYUVESI

“Mina ngibe senhlanhle­ni yokugcina ngingusihl­alo wale nhlangano kuzwelonke ngemuva kokuqala ngokuba ngusihlalo kusona lesi sikhungo.

“Ngithe sengenza unyaka wokugcina, ngaba nenhlanhla njengoba kube nenkampani eyaziwayo emkhakheni wezemishwa­lense eyanginika ithuba lokuyocosh­a ulwazi E-USA, imarsh and Mclennan.

“Kule nkampani ngisebenze njengerese­arch Analyst iminyaka emibili, ngabe sengibuyel­a kuleli,” esho.

Usebenzele ezinye izinkampan­i ezinkulu zokudla kwathi ngonyaka odlule waqokwa njengomqon­disi wezokukhan­gisa kwasasko.

Uthi isasko ngelinye lamagama aziwa kakhulu eningizinu Afrika ngoba izinkulung­wane zidla izinkwa zabo nsuku zonke.

UYAZIQHENY­A NGOHLELO LWAKWASASK­O LOKWAKHELA IZINGANE IZINDAWO ZOKUDLALA

Uthi kulesi sikhundla uyaziqheny­a kakhulu ngohlelo abalusungu­le ngonyaka odlule olubizwa ngokuthi ngesiyazam­a, lapho abakwasask­o behambela khona izindawo ezahlukene, bakhe izindawo zokudlala izingane ezineminya­ka engaphansi kweyishumi.

“Ngokocwani­ngo esilwenzil­e, sithole ukuthi kunezingan­e eziningi ezingenazo izindawo eziphephil­e zokudlala.

“Lokhu kuyadabuki­sa ngoba ngokwezemp­ilo, kubaluleki­le ukuba izingane zidlale ukuze zikhule kahle. Ukudlala yisigaba esibalulek­ile ezinganeni.

“Siqale lolu hlelo ukuze izindawo ezehlukene, ikakhuluka­zi ezisemakha­ya nasemaloki­shini, zizokuba nezindawo eziphephil­e lapho izingane zingadlala khona.”

BANXENXA IZAKHAMIZI UKUTHUMELA IZINDAWO ABAFISA ZAKHELWE, IKAKHULUKA­ZI IZINKULISA

“Sinomkhank­aso lapho sinxenxa khona izakhamizi zakuleli ukuba zithumele amagama ezindawo ezifisa ukuba sakhe kuzona izindawo zokudlala zezingane eziphephil­e.

“Sifisa ziqoke ikakhuluka­zi izinkulisa ezingenazo izindawo zokudlala, nezikole zamabanga aphansi lapho kunezingan­e ezineminya­ka engaphansi kweyishumi.

“Emuva kwalokhu kuzokube sekuqala uhlelo lokwakhiwa kwalezi zindawo kanti ngozibandl­ela (December) sifuna ukuthi sibe sesakhe eziyinkulu­ngwane.”

Uthi kuyamjabul­isa ukusebenze­la inkampani ekwazi ukwenza izinhlelo ezinjengal­ezi ukubuyisel­a emphakathi­ni.

BANOHLELO LOKUNAKEKE­LA IZISEBENZI ZABO NAMAKHASIM­ENDE

“Kuba kuhle kakhulu uma inkampani ikwazi ukubuyisel­a emphakathi­ni ngalolu hlobo.

“Esasko sinohlelo esiluchaza ngokuthi siyakuthan­da ukunakekel­a, kusukela ezisebenzi­ni zethu ezibhaka izinkwa, kuya kubashayel­i abavuka ngovivi behambisa izinkwa ezindaweni ezahlukene, kanjalo nabathengi bethu abathembek­ile.

“Noma umsebenzi wethu kuwukudayi­sa izinkwa kodwa kubaluleki­le kithina ukubuyisel­a emphakathi­ni ngoba kakuwona nje umsebenzi kahulumeni kuphela ukwenza umehluko emiphakath­ini yakithi.

“Nezinkampa­ni ezizimele kumele kube khona ezikwenzay­o, ikakhuluka­zi ekushintsh­eni impilo yezi ngane njengoba ziyikusasa laleli lizwe.”

INDLELA YOKUKHETHA ISIKHUNGO OFISA SAKHELWE INDAWO YOKUDLALA

Umkhankaso usuvuliwe kanti uzovalwa ngomhla ka-30 kumbasa (April).

Ukuba yingxenye yawo, abantu banxuswa ukuthenga imikhiqizo yakwasasko – okubalwa kuyo isinkwa, amabhanisi nama-rolls – bese bethumela ngewhatsap­p noma ngokuthweb­ula IQR Code, igama lesikole noma inkulisa edinga ukwakhelwa indawo yokudlala yezingane. Ngokwenza lokhu ungaphinde uzibeke ethubeni lokuwina imali ewu-r5000. Ngeminye imininingw­ane kuvakashel­wa i-website yakwasasko ku:

Ngokwezemp­ilo kubaluleki­le ukuba izingane zidlale ukuze zikhule kahle.

 ?? ??
 ?? ?? www.sasko.co. za namakhasi ayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a. nonhlakani­phos@ ilanganews. co.za
NGUNKZ Nomsa Khanyile oyimarketi­ng Director kwasasko.
www.sasko.co. za namakhasi ayo ezinkundle­ni zokuxhuman­a. nonhlakani­phos@ ilanganews. co.za NGUNKZ Nomsa Khanyile oyimarketi­ng Director kwasasko.
 ?? ?? NGENYE yezindawo zokudlala izingane ezakhiwe yisasko. Kwesokudla ngamaciko enandisa emcimbini wokwethulw­a kwale ndawo.
NGENYE yezindawo zokudlala izingane ezakhiwe yisasko. Kwesokudla ngamaciko enandisa emcimbini wokwethulw­a kwale ndawo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa