Ilanga Lempelasonto

UNINAKHULU UYISIBANI KOWENZA ISIMANGALI­SO SENSIPHO

-

NQOBILE NDLOVU

UKHULE edayisa ama-russian namaqanda okuphekiwe esikoleni ngoba enothando lokuzenzel­a imali.

Yilapho uninakhulu abona khona ukuthi unothando lwebhizini­si.

Namhlanje umnu Simangalis­o Mokoena, oneminyaka ewu-19 ubudala, ungumsungu­li we-isimangali­so Pure Soap.

Uyiqambe ukuthi Isimangali­so Pure Soap ngoba esusela egameni lakhe futhi efuna amakhasime­nde akhe athembe ukuthi insipho yakhe yenza izimangali­so ukukhuculu­la amabala.

Usezakhele igama ngakubo ngenxa yokwesekwa ngomakhelw­ane. Isimangali­so Pure Soap itholakala ngezinhlob­o ezintathu, eyiqhuzu, eyi-gel neyimpuphu. Iqala ku-r20 kuya ku-r90.

Uthi umuntu ambonga kakhulu nguninakhu­lu owamfundis­a ukuzenzela insipho eyiqhuzu akhula yenziwa kubo.

KWAKUNGELU­LA UKUDAYISEL­A ABANTU INSIPHO NGOBA BEBENGATHE­MBI

“Ugogo wabona ngidayisa esikoleni, wangifundi­sa indlela yokwenza insipho ekhiqizwe iminyaka ekhaya.

“Nganquma ukuqala ibhizinisi ngiyidayis­ele umphakathi,” esho.

Umokoena uzalelwe, wakhulela emhluzi, emiddelbur­g, empumalang­a, lapho eqale khona ibhizinisi lakhe ngo-2022.

Uthi unyaka wakhe wokuqala kawuhamban­ga ngendlela ayecabanga ngayo.

“Ngangingal­indele ukuthi kuzoba lula ukuqala ibhizinisi kodwa futhi ngangethem­be ukuthi kuzohamba kangconywa­na.

“Kwakungelu­la ukuthi abantu bathenge insipho yami ngoba bengathemb­i ukuthi iyakwazi ukususa amabala futhi inephunga elimnandi,” kukhumbula yena.

AKAPHELI UMOYA YIZE ESEBHEKANE NEZINGQINA­MBA EZININGI

Ziningi izingqinam­ba asebhekene nazo umokoena kodwa akapheli umoya.

Uthi okunye okwenze abantu bangalethe­mbi ibhizinisi lakhe yingoba imikhiqizo yakhe kayibukeki isezingeni eliphezulu njengeminy­e aqhudelana nayo.

Nokuthi akakabi nayo imishini yokugaya insipho, okwenza azigayele yena ngesandla insipho ukuze ibe yimpuphu.

Kulo nyaka umokoena uzimisele ngokufaka umfutho ebhizinisi­ni lakhe njengoba kuwunyaka wakhe wokuqala eqede isikole.

Unesifiso sokuthi imikhiqizo igcine isitholaka­la nakwamanye amazwe e-afrika.

ifacebook: Simangalis­o’s Pure Soap

* Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www.umbele.co.za

 ?? ?? UMNU Simangalis­o Mokoena we-isimangali­so Pure Soap yasemiddel­burg, empumalang­a, eyenza insipho.
UMNU Simangalis­o Mokoena we-isimangali­so Pure Soap yasemiddel­burg, empumalang­a, eyenza insipho.
 ?? ?? LENA yimikhiqiz­o yensipho okuthiwa Isimangali­so Pure Soap.
LENA yimikhiqiz­o yensipho okuthiwa Isimangali­so Pure Soap.
 ?? ?? IMIKHIQIZO eyenziwa ngusimanga­liso Mokoena.
IMIKHIQIZO eyenziwa ngusimanga­liso Mokoena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa