UNINAKHULU UYISIBANI KOWENZA ISIMANGALISO SENSIPHO
NQOBILE NDLOVU
UKHULE edayisa ama-russian namaqanda okuphekiwe esikoleni ngoba enothando lokuzenzela imali.
Yilapho uninakhulu abona khona ukuthi unothando lwebhizinisi.
Namhlanje umnu Simangaliso Mokoena, oneminyaka ewu-19 ubudala, ungumsunguli we-isimangaliso Pure Soap.
Uyiqambe ukuthi Isimangaliso Pure Soap ngoba esusela egameni lakhe futhi efuna amakhasimende akhe athembe ukuthi insipho yakhe yenza izimangaliso ukukhuculula amabala.
Usezakhele igama ngakubo ngenxa yokwesekwa ngomakhelwane. Isimangaliso Pure Soap itholakala ngezinhlobo ezintathu, eyiqhuzu, eyi-gel neyimpuphu. Iqala ku-r20 kuya ku-r90.
Uthi umuntu ambonga kakhulu nguninakhulu owamfundisa ukuzenzela insipho eyiqhuzu akhula yenziwa kubo.
KWAKUNGELULA UKUDAYISELA ABANTU INSIPHO NGOBA BEBENGATHEMBI
“Ugogo wabona ngidayisa esikoleni, wangifundisa indlela yokwenza insipho ekhiqizwe iminyaka ekhaya.
“Nganquma ukuqala ibhizinisi ngiyidayisele umphakathi,” esho.
Umokoena uzalelwe, wakhulela emhluzi, emiddelburg, empumalanga, lapho eqale khona ibhizinisi lakhe ngo-2022.
Uthi unyaka wakhe wokuqala kawuhambanga ngendlela ayecabanga ngayo.
“Ngangingalindele ukuthi kuzoba lula ukuqala ibhizinisi kodwa futhi ngangethembe ukuthi kuzohamba kangconywana.
“Kwakungelula ukuthi abantu bathenge insipho yami ngoba bengathembi ukuthi iyakwazi ukususa amabala futhi inephunga elimnandi,” kukhumbula yena.
AKAPHELI UMOYA YIZE ESEBHEKANE NEZINGQINAMBA EZININGI
Ziningi izingqinamba asebhekene nazo umokoena kodwa akapheli umoya.
Uthi okunye okwenze abantu bangalethembi ibhizinisi lakhe yingoba imikhiqizo yakhe kayibukeki isezingeni eliphezulu njengeminye aqhudelana nayo.
Nokuthi akakabi nayo imishini yokugaya insipho, okwenza azigayele yena ngesandla insipho ukuze ibe yimpuphu.
Kulo nyaka umokoena uzimisele ngokufaka umfutho ebhizinisini lakhe njengoba kuwunyaka wakhe wokuqala eqede isikole.
Unesifiso sokuthi imikhiqizo igcine isitholakala nakwamanye amazwe e-afrika.
ifacebook: Simangaliso’s Pure Soap
* Lolu daba luqale lwashicilelwa ku: www.umbele.co.za