Ilanga Lempelasonto

Ubaba wendawo wambonisa imfihlo yokukhiqiz­a uju lwezinyosi

Ubonga nophiko lwasedut olucobelel­a osomabhizi­nisi abafunde kulesi sikhungo ngolwazi lwamabhizi­nisi

- SIMANGALIS­O NTSHANGASE

KUYASIZA ukuqala ibhizinisi ngokuncane onakho ngethemba lokuthi lizochuma, ungalindi ukuthi uze ube nakho konke okudingayo. Kube njalo nakunkz Thembelihl­e Mathaba esungula ithothelih­le Bee Farming, okuyinkamp­ani ekhiqiza uju lwezinyosi isebenzisa indlela eyehlukile futhi engabizi.

Unkz Mathaba wakwesakwa­mthethwa, empangeni, enyakatho yekwazulu-natal, uthi isinqumo sokuqala ibhizinisi elinje wasithatha ngo-2020 ngesikhath­i kufika ubaba othize endaweni yangakubo, okutholane imimoya yabo.

“Lowo baba ngowakwamt­hethwa isibongo, wafike waxoxela ubaba ngokuthi uyakwazi ukwenza ikhekheba lezinyosi ngendlela elula nesiza ukudonsa izinyosi zizozalela kulona bese kwakheka uju olungaxuts­hwe nalutho,” esho.

WENZA I-ADVANCED DIPLOMA IN HUMAN RESOURCES EJALIMANE NGO-2022

Ngaleso sikhathi wayenza unyaka wesibili wediploma in Human Resources, edurban University of Technology (DUT), kuthi uma ebuyile kubo, alekelele uyise nomngani wakhe kulo msebenzi ababewenza ‘ukuchitha isizungu’.

“Ngiqale kanjalo ngifunda kubona ukuthi kwenziwa kanjani ukuhlangan­isa ikhekheba lezinyosi, esilifaka ebhokisini esilenza ngekhadibh­othi bese sililengis­a

esihlahlen­i esisehlath­ini elingasekh­aya ukudonsa izinyosi,” esho.

Le ntokazi, eyenza i-advanced Diploma in Human Resources ejalimane ngo-2022, ngaphambi kokubuya izoqhubeka nehonours EDUT, ithe kubathatha izinyanga ezintathu kuya kweziyisit­hupha ukuvuna uju lwezinyosi.

LUBIZA U-R75 IBHODLELA ELIWU-500ML NO-R1 700 U-20 LITRE

“Sijabula sodwa uma sekuyisikh­athi sokuluvuna ngoba baningi kakhulu abantu abalufunay­o futhi luhlale lushesha ukuphela ngenxa yokuthi lusetshenz­iselwa izizathu ezahlukene; kungaba wukuludla, wukulusebe­nzisa ukususa amabala ebusweni nokwelapha umkhuhlane. Kukhona nabalimi abalutheng­a kithina bese bezidayise­la lona,” kulanda unkz Mathaba.

Uma sebeluvuni­le balubiza u-r75 ibhodlela eliwu-500ml no-r1 700 u-20 litre. Yize zingezinin­gi izinselelo ababhekana nazo kuleli bhizinisi kodwa okuvamise ukuba yinkinga yizingane eziganga lapho besebenzel­a khona.

UFISA UKWENZA IMIKHIQIZO EHLUKENE NGOJU ABALUKHIQI­ZAYO

“Kuyenzeka izingane ezazi lapho esigcina khona ikhekheba lethu ziyoganga bese zitinyelwa yizinyosi nokuthi okwamanje kasikakwaz­i ukwenza umkhiqizo omningi ekubeni bebaningi abafuna uju lwethu,” esho.

Unkz umathaba, obhalisele ukwenza imaster's in Human Resources EDUT kulo nyaka, ubonge kakhulu IDUT Innobiz, okuwuphiko olucobelel­a osomabhizi­nisi abafunde kulesi sikhungo ngolwazi lwamabhizi­nisi, athi lumsize ukufukula ibhizinisi lakhe.

“Manje sengibheke ukuqhubeka nokukhulis­a ibhizinisi lami, ngigcine sengenza imikhiqizo ehlukene ngoju lwezinyosi engilukhiq­izayo,” kuphetha yena.

* Lolu daba luqale lwashicile­lwa ku: www.umbele.co.za

ifacebook: Thembelihl­e Nontobeko Mathaba

 ?? ??
 ?? ?? UNKZ Thembelihl­e Mathaba wethotheli­hle Bee Farming, ekhiqiza uju.
UNKZ Thembelihl­e Mathaba wethotheli­hle Bee Farming, ekhiqiza uju.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa