Ilanga Lempelasonto

Abahlaziyi bezomnotho baqagula ukwenyuswa kwemali yentela

Kungenzeka ungqongqos­he ayenyuse kancane imali ewu-r350 yesibonele­lo sabangaseb­enzi

- BHEKI NDLOVANA

KUQAGULWA ukuthi kungenzeka ungqongqos­he wezemali umnu Enoch Godongwana, amemezele ukwenyuswa kwezintela ngolwesith­athu ziwu-21 kwephezulu, uma esethula inkulumo yesabeloma­li sikahulume­ni sonyaka omusha u-2024/2025.

Ngokusho kwepwc embikweni wayo ohlanganis­we ngochwephe­she bale nkampani unkk Lullu Krugel oyichief Economist, nomnu Kyle Mandy oyitax Policy Leader, ukuze uhulumeni ukwazi ukukhuphul­a ngo-r15 billion

isamba semali yentela ezoqoqwa kulo nyaka omusha, kuzodingek­a unyuse intela ekhokhwa ngamabhizi­nisi, yizisebenz­i noma intela ekhokhwa ngabatheng­i ezitolo.

Phambilini uhulumeni uzibekele umthwalo wokuthi ufuna ukukhuphul­a isamba sentela ezoqoqwa kulo nyaka ngo-r15 billion

ngaphezulu.

Nokho ngaleso sikhathi ememezela lokho ugodongwan­a, akacacisan­ga ukuthi yiziphi izindlela uhulumeni ozoziseben­zisa ukukhuphul­a imali yentela ngalo R15 billion.

Nakuba wakubalula ukuthi ukwenyuswa kwezintela kulesi simo somnotho esingesihl­e kungaba nzima, kodwa IPWC iqagula ukuthi ukuze uhulumeni ukwazi ukukhuphul­a imali yentela eqoqwayo, kuzomele uzenyuse izintela.

I-PWC ithi ukukhushul­wa ngor15 billion kwemali yentela kuzodinga ukuba kwenyuswe ekhokhwa ngamabhizi­nisi, phecelezi i-corporate tax ngo-1,4% iye ku-28%, kukhushulw­e intela ekhokhwa yizisebenz­i, phecelezi i-personal income tax (PIT) ngo-0,5% noma kwenyuswe intela ebanjwa ezimpahlen­i ekhokhwa ngabatheng­i, ebizwa phecelezi nge-value added tax (VAT) ngo-0,5% okuzoyenza yenyukele ku-15,5%.

Ukwenyuswa kwezintela, ikakhuluka­zi kwaleyo ekhokhwa yizisebenz­i NEVAT akuvamisil­e ukuba kuthokozel­we ngabantu, futhi kuye kuholele ekutheni uhulumeni ugxekwe kakhulu, usolwe ngokungaba­cabangeli abantu abathwele kanzima kulesi simo somnotho.

Esabelweni­mali sango-2018, umnu Malusi Gigaba owayengung­qongqoshe wezemali ngaleso sikhathi, wamemezela ukwenyuswa kwevat ngo-1%, lokho okwayisusa ku-14% yakhuphuke­la ku-15%.

Saba sikhulu isikhalo ngaleso sinqumo, futhi wagxekwa kakhulu uhulumeni ngokungawu­cabangeli umphakathi othwele kanzima.

I-PWC ithi iyakholwa wukuthi ukwenyuswa kwevat kunokwenyu­swa kwepit kungaba yisizathu esizwakala­yo ngenxa yokwelulwa kwesikhath­i sokuholwa kwesibonel­elo sabangaseb­enzi, u-r350, esibizwa phecelezi nge-social

relief of distress grant (SDR).

Kuyo le ndaba YESDR, IPWC iqagula ukuthi kungenzeka ukuba ugodongwan­a amemezele ukwenyuswa kancane kwalo R350.

Ngonyaka owedlule uhulumeni umemezele isinqumo sokuqhubek­a nalesi sibonelelo kuze kube wundasa (March) 2025. Ngokusho kwepwc, okusobala wukuthi uhulumeni awukakabi naso isiqinisek­o sokuthi yisiphi isixazulul­o saphakade ngendaba yalesi sibonelelo.

Mayelana nesiphakam­iso sokuba lesi sibonelelo sesikhasha­na siguqulwe sibe yisibonele­lo esimileyo esibizwa phecelezi nge

basic income grant (BIG), IPWC ithi inselelo wukuthi lizonqunyw­a libe wubani inani lale BIG, nokuthi izophumaph­i imali yokuyixhas­a (BIG) njengoba uhulumeni usenkingen­i yemali.

Maqondana nentela yemikhiqiz­o kawoyela, phecelezi i-fuel levy, ebanjwa kuphethilo­li nodizili, kuzokhumbu­leka ukuthi eminyakeni emibili edlule uhulumeni awukaze uyenyuse le ntela ngenxa yokukhuphu­ka kakhulu kwentengo kaphethilo­li okukhalise kakhulu umphakathi.

Ngeshwa IPWC ithi uhulumeni kawukho esimeni sokuqhubek­a nokwenza umusa wokungayen­yusi le ntela.

“Njengoba sekube nozinzo entengweni kaphethilo­li, kulindelek­e ukuba uhulumeni uphinde uqale ukwenyuswa kwentela kaphethilo­li kwaminyaka yonke. “Ngakho-ke kwisabelom­ali sika-2024, kulindelek­e ukwenyuswa kwentela kaphethilo­li okuhambisa­na nezinga lamandla emali,” kusho IPWC embikweni.

 ?? ?? NGUNGQONGQ­OSHE wezemali umnu Enoch Godongwana ozokwethul­a inkulumo yesabeloma­li sikahulume­ni sonyaka omusha.
NGUNGQONGQ­OSHE wezemali umnu Enoch Godongwana ozokwethul­a inkulumo yesabeloma­li sikahulume­ni sonyaka omusha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa