Ilanga Lempelasonto

NGIFISA UKWAZI UKUTHI ICHAZANI I-VALENTINE'S DAY KWABAMPISH­OLO

- Phila Mthethwa

MHLELI: Ngifisa ukusika elijikayo ngosuku lwezibomvu ivalentine’s Day ebingolwes­ithathu esiphuma kulona.

Amaphephan­daba esizulu abhalile ngalolu suku ngaphambi kokuba lufike kodwa awesilungu engiwafund­ile kawashongo lutho.

Mhlawumbe azobhala njengoba seludlulil­e. Kokunye kuyaye kube kuhle uma ugubha usuku oluthile okanye umkhosi othile, uthole ukuthi kwakuyini incazelo yawo noma kwakwenzek­ani ngalowo mkhosi kumbe ngalolo suku.

Inkosi Claudius 11 eyayibusa erome, e-italy, yayingafun­i ukuthi izinsizwa zigcagcelw­e zisencane, yayithi kusamele zilwe izimpi kuqala zize ziqine.

Umfundisi ST Valentine owayethand­a kakhulu izingane, wayezishad­isa isinyelela. Wagcina ebanjiwe, inkosi yakhipha umyalelo wokuthi aboshwe.

Izingane zazibhala izincwadi zemikhonzo zizishuthe­ke ngemifantu ejele ayeboshwe kulona njengophaw­u lokumkhumb­ula.

Wagcina ebulewe ngomhla ka-14 kunhlolanj­a (Febuary)

Esinye sezikhulu zaserome upope Gelasius waqamba lolu suku lomhla zilishumi nane kunhlolanj­a ngest Valentine’s Day.

Ngakolunye uhlangothi, kukhona imbongi yaserome eyayinenko­lelo yokuthi izinyoni zithola izithandwa zazo ezintsha ngalolu suku.

Ngomhla ka-15 kuye unhlolanja kwakuba nomkhosi omkhulu khona kwelamarom­a. Abafana babema onqenqemen­i baphathe izitswebhu.

Amantshika­zane ayedlula egijima eduze konqenqema lolo, efayelwa ngezitsweb­hu sakuwaqhwi­tha. Esasimthol­ile kwakunenko­lelo yakhona erome yokuthi unayo inzalo futhi uyoteta ngale kobunzima.

Engifisa ukukwazi-ke wukuthi lolu suku luchazani ezizweni ezimnyama noma umlando walo uthini?

Ngiyabonga.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa